Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 4/15 kk. 17-22
  • Basha—UJehova Ngeke Awukhohlwe Umsebenzi Wenu!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Basha—UJehova Ngeke Awukhohlwe Umsebenzi Wenu!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwazisa Ilungelo Lakho Elikhulu
  • “UJehova Uyokusiza”
  • “Nikulungele Ukuvikela”
  • Ama-video Nemisebenzi Yesikole Ekhethekile
  • Njengomusha, Sondela KuJehova
  • Ngingabhekana Kanjani Nokugconwa?
    I-Phaphama!—1999
  • “Insimu Ekhethekile”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Basha AbangamaKristu—Qinani Okholweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ngingazishumayeza Kanjani Izingane Engifunda Nazo Esikoleni?
    I-Phaphama!—2002
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 4/15 kk. 17-22

Basha—UJehova Ngeke Awukhohlwe Umsebenzi Wenu!

“UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe, ngoba niye nabakhonza abangcwele futhi niyaqhubeka nibakhonza.”—HEBHERU 6:10.

1. Izincwadi zeBhayibheli, eyamaHebheru nekaMalaki, zibonisa kanjani ukuthi uJehova uyayazisa inkonzo yakho?

KWAKE kwenzeka yini ukuba wenzele umngane okuthile kodwa angabongi? Kungaba buhlungu kakhulu lapho isenzo somusa sithathwa kalula, noma okubi nakakhulu, silitshalwa ngokuphelele. Nokho, yeka indlela okuhluke ngayo lapho sinikela inkonzo yomphefumulo wonke kuJehova! IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe, ngoba niye nabakhonza abangcwele futhi niyaqhubeka nibakhonza.” (Hebheru 6:10) Cabanga ngalokho okushiwo lapha. UJehova ubengakubheka njengesenzo sokungalungi—isono—uma ebengase akukhohlwe okwenzile nalokho oqhubeka ukwenza enkonzweni yakhe. Yeka uNkulunkulu onokwazisa!—Malaki 3:10.

2. Yini eyenza ukukhonza uJehova kukhetheke ngempela?

2 Unethuba elikhethekile lokukhonza nokukhulekela lo Nkulunkulu obongayo. Njengoba abantu okholwa nabo bengaba izigidi eziyisithupha kuphela kanti abantu emhlabeni bangaba izigidi eziyizinkulungwane eziyisithupha, unelungelo elingandile ngempela. Ngaphezu kwalokho, kwakhona nje ukuthi ulalela isigijimi sezindaba ezinhle futhi usabele kuso kuwubufakazi bokuthi uJehova unesithakazelo kuwe siqu. Phela uJesu wathi: “Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumileyo emdonsa.” (Johane 6:44) Yebo, uJehova usiza abantu ngabanye ukuba bazuze emhlatshelweni kaKristu.

Ukwazisa Ilungelo Lakho Elikhulu

3. Amadodana kaKhora akuveza kanjani ukwazisa ngelungelo lokukhonza uJehova?

3 Njengoba sixoxile esihlokweni esandulele, usethubeni elingavamile lokujabulisa inhliziyo kaJehova. (IzAga 27:11) Lokhu akufanele nanini ukuthathe kalula. Kwelinye lamahubo awo aphefumulelwe, amadodana kaKhora azwakalisa ukwazisa kwawo ngelungelo lokukhonza uJehova. Siyafunda: “Usuku emagcekeni akho lungcono kuneziyinkulungwane kwenye indawo. Ngikhethé ukuma embundwini endlini kaNkulunkulu wami kunokuzulazula ematendeni obubi.”—IHubo 84:10.

4. (a) Yini engase yenze abanye babheke ukukhulekela uJehova njengokubancisha inkululeko? (b) UJehova ubonisa kanjani ukuthi uzimisele ukuqaphela nokuvuza izinceku zakhe?

4 Ingabe nawe uzizwa ngaleyo ndlela ngelungelo lakho lokukhonza uYihlo osezulwini? Kuyavunywa, ngezinye izikhathi ukukhulekela uJehova kungase kube sengathi kukuncisha inkululeko. Kuyiqiniso ukuthi ukuphila ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli kufuna ukuzidela okuthile. Nokho, noma yini uJehova ayicela kuwe igcina izuzise wena. (IHubo 1:1-3) Ngaphezu kwalokho, uJehova uyayibona imizamo yakho futhi abonise ukuthi uyakwazisa ukwethembeka kwakho. Empeleni, uPawulu wabhala ukuthi uJehova “uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.” (Hebheru 11:6) UJehova uyawafuna amathuba okwenza lokhu. Umprofethi olungileyo kwa-Israyeli wasendulo wathi: “Ngokuqondene noJehova, amehlo akhe aqalaza kuwo wonke umhlaba ukuze abonise amandla akhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye.”—2 IziKronike 16:9.

5. (a) Iyiphi enye yezindlela ezinhle kakhulu ongabonisa ngazo ukuthi inhliziyo yakho iphelele kuJehova? (b) Kungani kungase kubonakale kunzima ukukhuluma nabanye ngenkolo yakho?

5 Enye yezindlela ezinhle kakhulu ongabonisa ngayo ukuthi inhliziyo yakho iphelele kuJehova ukukhuluma nabanye ngaye. Wake waba nalo yini ithuba lokukhuluma nezingane ofunda nazo ngenkolo yakho? Ekuqaleni, ukwenza lokhu kungase kubonakale kungaphezu kwamandla, ushaywe uvalo usacabanga nje ngako. Ungase uzibuze: ‘Ngiyokwenzenjani uma zingihleka? Kuthiwani uma zibona inkolo yami ixakile?’ UJesu wavuma ukuthi akubona bonke abantu abayosilalela isigijimi soMbuso. (Johane 15:20) Nokho, lokhu akusho ukuthi nakanjani uyohlale uhlekwa futhi ukhishwa inyumbazane. Ngokuphambene nalokho, intsha eningi yoFakazi iye yalalelwa, futhi ontanga yayo bayihlonipha kakhulu kunakuqala, ngenxa yokumelela kwayo lokho ekukholelwayo.

“UJehova Uyokusiza”

6, 7. (a) Enye intombazane eneminyaka engu-17 yakwazi kanjani ukushumayela kwefunda nabo? (b) Ufundeni endabeni kaJennifer?

6 Kodwa ungasiqunga kanjani isibindi sokukhuluma ngenkolo yakho? Kungani ungazimiseli ukukhuluma iqiniso njengoba linjalo lapho abantu bekubuza ngenkolo yakho? Cabanga ngokwenzeka kuJennifer oneminyaka engu-17 ubudala. Uthi: “Kwakuyikhefu lasemini esikoleni. Amantombazane engangihlezi nawo etafuleni ayexoxa ngenkolo, enye yawo yangibuza ukuthi mina ngisontaphi.” Ingabe uJennifer waba novalo lapho kufanele aphendule? “Yebo,” evuma, “ngoba ngangingazi ukuthi azosabela kanjani kulokho engangizokusho.” Wenze njani-ke uJennifer? “Ngawatshela la mantombazane ukuthi ngingomunye woFakazi BakaJehova,” eqhubeka. “Aqale abonakala emangele. Kubonakala sengathi ayenombono wokuthi oFakazi BakaJehova bangabantu abaxakile. Lokhu kwawenza angibuza imibuzo, ngakwazi ukuwacacisela kweminye yemicabango yawo eyiphutha. Ngisho nangemva kwalolo suku, amanye amantombazane ayehlala ahlale eze kimi azongibuza umbuzo othile.”

7 Ingabe uJennifer wazisola ngokusebenzisa kwakhe ithuba lokukhuluma ngezinkolelo zakhe? Nakancane! “Ngazizwa ngijabule kakhulu ngako lapho ikhefu seliphelile,” esho. “Manje lawo mantombazane azi kangconywana ukuthi oFakazi BakaJehova bangobani ngempela.” Icebiso likaJennifer manje lilula: “Uma ukuzwa kunzima ukushumayela ezinganeni ofunda nazo noma kothisha, thandaza kafushane. UJehova uyokusiza. Uyojabula ngokuthi ulisebenzisé kahle ithuba lokushumayela olitholile.”—1 Petru 3:15.

8. (a) Umthandazo wamsiza kanjani uNehemiya lapho ebhekene nesimo ayengasilindele? (b) Iziphi ezinye zezimo esikoleni lapho kungase kudingeke khona ukuba uthandaze kuJehova kafushane ngenhliziyo?

8 Phawula ukuthi uJennifer utusa ‘ukuthandaza kafushane’ kuJehova lapho kuvela ithuba lokufakaza ngenkolo yakho. Yilokho kanye okwenziwa uNehemiya, umphathindebe wenkosi yasePheresiya u-Aritahishashita, lapho ebhekene nesimo ayengasilindele. UNehemiya wayebonakala ekhathazekile ngoba wayetshelwe ngokuhlupheka kwamaJuda, nokuthi udonga namasango aseJerusalema kudilikile. Inkosi yabona ukuthi uNehemiya ubonakala ekhathazekile, yayisimbuza ukuthi kwenze njani. Ngaphambi kokuphendula, uNehemiya wathandazela isiqondiso. Wabe esequnga isibindi wacela imvume yokuphindela eJerusalema ayosiza ekwakheni kabusha lowo muzi owawudilikile. U-Aritahishashita wasivuma isicelo sikaNehemiya. (Nehemiya 2:1-8) Yini oyifunda kulokhu? Uma ufikelwa uvalo lapho kuvela ithuba lokufakaza ngenkolo yakho, lisebenzise ithuba lakho lokuthandaza ngenhliziyo. UPetru wabhala: ‘Phonsa zonke izinkathazo zakho phezu kukaJehova, ngoba uyakukhathalela.’—1 Petru 5:7; IHubo 55:22.

“Nikulungele Ukuvikela”

9. ULeah oneminyaka engu-13 wakwazi kanjani ukuhambisa amakhophi angu-23 encwadi Intsha Iyabuza?

9 Cabanga ngenye futhi indaba. ULeah, oneminyaka engu-13, wayefunda incwadi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayoa ngesikhathi sekhefu esikoleni. “Ezinye izingane zazingibhekile,” esho, “ngemva kwesikhashana kwase kuneqembu emva kwami lingingungile. Zaqala ukubuza ukuthi eyani le ncwadi.” Kwaphela usuku sekunamantombazane amane acelé le ncwadi kuLeah. Ngesikhashana la mantombazane ayesebolekana le ncwadi, namanye afuna ezawo. Phakathi namasonto ambalwa alandela, uLeah wahambisa amakhophi angu-23 encwadi Intsha Iyabuza ezinganeni afunda nazo nakubangane bazo. Ingabe kwakulula kuLeah ukukhuluma ekuqaleni lapho izingane zimbuza ngencwadi ayeyifunda? Lutho neze! “Ekuqaleni, ngangethukile,” evuma. “Kodwa ngathandaza, futhi ngangazi ukuthi uJehova unami.”

10, 11. Intombazanyana engumIsrayeli yakwazi kanjani ukusiza induna yempi yaseSiriya ukuba yazi ngoJehova, futhi induna yenza ziphi izinguquko kamuva?

10 Indaba kaLeah ingase ikukhumbuze isimo esifanayo sentombazanyana engumIsrayeli eyayithunjelwe eSiriya. UNahamani, induna yempi yaseSiriya, wayenochoko. Mhlawumbe ngumkakhe owaqala ingxoxo eyenza le ntombazanyana yakhuluma ngenkolo yayo. Yathi: “Ukube nje inkosi yami ibiphambi komprofethi oseSamariya! Khona-ke ubeyoyiphilisa ochokweni lwayo.”—2 AmaKhosi 5:1-3.

11 Ngenxa yesibindi sale ntombazanyana, uNahamani wazi ukuthi “akukho Nkulunkulu nomaphi emhlabeni ngaphandle kwakwa-Israyeli.” Waze wanquma nokuthi ‘ngeke aphinde anikele ngomnikelo wokushiswa noma umhlatshelo kunoma yibaphi abanye onkulunkulu ngaphandle kukaJehova.’ (2 AmaKhosi 5:15, 17) Ngokuqinisekile uJehova wasibusisa isibindi saleyo ntombazanyana. Angayenzela okufanayo intsha namuhla, futhi uyoyenzela. ULeah wakubona ngokoqobo lokho. Ngemva kwesikhathi, ezinye zezingane afunda nazo zeza kuye zamtshela ukuthi incwadi Intsha Iyabuza iyazisiza ekuziphatheni kwazo. “Ngajabula,” kusho uLeah, “ngoba ngangazi ukuthi ngisiza abanye ukuba bazi kakhudlwana ngoJehova futhi bashintshe ukuphila kwabo.”

12. Ungawathola kanjani amandla okuvikela inkolo yakho?

12 Nakuwe kungenzeka lokho okwenzeka kuJennifer nakuLeah. Landela isikhuthazo sikaPetru, owabhala ukuthi njengomKristu kufanele ngaso sonke isikhathi ‘ukulungele ukuvikela phambi kwabo bonke abafuna ngenkani isizathu sethemba elikuwe, kodwa wenze kanjalo ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.’ (1 Petru 3:15) Ungakwenza kanjani lokho? Lingisa inkambo yamaKristu ekhulu lokuqala athandaza kuJehova ukuba awasize ashumayele “ngaso sonke isibindi.” (IzEnzo 4:29) Yibe usuqunga isibindi ukhulume nabanye ngezinkolelo zakho. Ingase ikumangaze imiphumela. Ngaphezu kwalokho, uyojabulisa inhliziyo kaJehova.

Ama-video Nemisebenzi Yesikole Ekhethekile

13. Imaphi amathuba enye intsha eye yawasebenzisa ukuze ishumayele? (Bheka amabhokisi emakhasini 20 no-21.)

13 Intsha eningi iye yachaza inkolo yayo ezinganeni efunda nazo noma kothisha ngokusebenzisa ama-video. Ngezinye izikhathi, imisebenzi yesikole ekhethekile (school projects) iye yavula amathuba okudumisa uJehova. Ngokwesibonelo, ekilasini labo lezomlando womhlaba, abafana ababili abaneminyaka engu-15, abangoFakazi BakaJehova bobabili, banikwa isabelo sokuba babhale umbiko ngenye yezinkolo zomhlaba. Laba bafana bahlangana babhala umbiko ngoFakazi BakaJehova, besebenzisa incwadi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu.b Kwadingeka babeke nenkulumo yemizuzu emihlanu. Kamuva, uthisha nabafundi baba nemibuzo eminingi kangangokuthi la bafana bama phambi kwekilasi eminye imizuzu engu-20 ngaphezulu. Emasontweni amaningi ngemva kwalokho, izingane zekilasi labo zaziqhubeka zibuza imibuzo ngoFakazi BakaJehova!

14, 15. (a) Kungani ukwesaba abantu kuwugibe? (b) Kungani kufanele ungesabi ukuxoxa nabanye ngezinkolelo zakho?

14 Njengoba lezi zindaba ezandulele zibonisa, ungathola izibusiso ezinkulu ngokutshela abanye ngezinkolelo zakho njengomunye woFakazi BakaJehova. Ungavumeli ukwesaba abantu kukuphuce ilungelo nenjabulo yokusiza abanye bazi uJehova. IBhayibheli lithi: “Ukwesaba abantu kubeka ugibe, kodwa othembela kuJehova uyovikelwa.”—IzAga 29:25.

15 Khumbula, njengomusha ongumKristu unokuthile ontanga yakho abakudinga kakhulu—indlela yokuphila engcono kakhulu manje nesithembiso sokuphila phakade esikhathini esizayo. (1 Thimothewu 4:8) Ngokuthakazelisayo, okunye ukuhlola kwaveza ukuthi e-United States—lapho obungase ucabange ukuthi abantu ngokuvamile abayinakile inkolo khona—okungenani ingxenye yentsha iyibheka njengebaluleke kakhulu inkolo, futhi ingxenye yesithathu yayo ithi inkolo “iyithonya elibaluleke kunawo wonke” ekuphileni kwayo. Cishe isimo sithi asifane nakwezinye izingxenye eziningi zomhlaba. Ngakho, ontanga yakho basesikoleni kungenzeka ukuthi bayokujabulela ukulalela lokho okushoyo ngeBhayibheli.

Njengomusha, Sondela KuJehova

16. Yini ehilelekile ekujabuliseni uJehova ngaphandle kokukhuluma nabanye ngaye?

16 Yebo, ukujabulisa inhliziyo kaJehova kuhilela okungaphezu nje kokukhuluma ngaye. Kudingeka nokuba uvumelanise ukuziphatha kwakho nezindinganiso zakhe. Umphostoli uJohane wabhala: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo.” (1 Johane 5:3) Uyokuthola kunjalo lokhu uma usondela kuJehova. Ungakwenza kanjani lokho?

17. Ungasondela kanjani kuJehova?

17 Zinike isikhathi sokufunda iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo. Lapho kukuningi okufundayo ngoJehova, yilapho kuyoba lula nakakhulu ukumlalela nokukhuluma nabanye ngaye. UJesu wathi: “Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebweni enhle yenhliziyo yakhe, . . . ngoba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.” (Luka 6:45) Ngakho gcwalisa inhliziyo yakho ngezinto ezinhle. Kungani ungazibekeli imigomo kulokhu? Mhlawumbe ungathuthukisa izinga olungiselela ngalo imihlangano yebandla yaleli sonto elizayo. Umgomo wakho olandelayo ungaba ukuhlanganyela ngokunikeza impendulo emfushane kodwa esuka enhliziyweni. Yebo, kubaluleke kakhulu futhi ukuba uzisebenzise izinto ozifundayo.—Filipi 4:9.

18. Ngisho noma uhlangabezana nokuphikiswa okuthile, yini ongaqiniseka ngayo?

18 Izibusiso ezilethwa ukukhonza uJehova ziyahlala—zihlala phakade. Yiqiniso, ngezinye izikhathi ungase uphikiswe noma uhlekwe ngenxa yokuba omunye woFakazi BakaJehova. Kodwa cabanga ngoMose. IBhayibheli lithi “wagxilisa amehlo ekukhokhweni komvuzo.” (Hebheru 11:24-26) Nawe ungaqiniseka ukuthi uJehova uyokuvuza ngemizamo oyenzayo yokufunda ngaye nokukhuluma ngaye. Yebo, akasoze ‘akhohlwe umsebenzi wakho nothando owalubonisa kulo igama lakhe.’—Hebheru 6:10.

[Imibhalo yaphansi]

a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

b Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

Uyakhumbula?

• Kungani ungaqiniseka ukuthi uJehova uyayazisa inkonzo yakho?

• Iziphi izindlela zokushumayela esikoleni abanye abaye bazithola ziphumelela?

• Ungawathola kanjani amandla okushumayela kofunda nabo?

• Ungasondela kanjani kuJehova?

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 20]

Ngisho Nabancane Kakhulu Bayamdumisa UJehova!

Ngisho nabancane kakhulu baye bakwazi ukushumayela esikoleni. Cabanga ngalokhu okulandelayo.

Ikilasi lika-Amber lika-grade 5 (ibanga lesithathu) lalifunda incwadi ekhuluma ngokuhlasela kwamaNazi amaJuda eMpini Yezwe II. U-Amber wanquma ukuphathela uthisha wakhe i-video ethi Purple Triangles. Uthisha kwammangaza ukuzwa ukuthi kanti noFakazi BakaJehova bashushiswa ngaphansi kombuso wamaNazi. Uthisha wayidlalela lonke ikilasi le video.

Lapho eneminyaka engu-8, u-Alexa wabhalela ikilasi lakhe incwadi echaza ukuthi kungani engeke akwazi ukugubha uKhisimusi nalo. Uthisha wakhe wahlabeka umxhwele kangangokuba wathi u-Alexa makayifundele lonke ikilasi lakhe namanye amabili! Ngasesiphethweni sencwadi wathi: “Ngifundiswé ukubahlonipha abanye abanezinkolelo ezingafani nezami, futhi ngiyanibonga ngokuhlonipha isinqumo sami sokungawugubhi uKhisimusi.”

Ngemva nje kokuqala u-grade 1, u-Eric waphatha Incwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli esikoleni futhi wacela imvume yokuyibonisa izingane afunda nazo. Uthisha wakhe wathi: “Nginombono ongcono kunalokho. Kungaba njani ufundele ikilasi indaba ethile?” U-Eric wenza kanjalo. Ngemva kwalokho, wacela bonke abayifunayo le ncwadi ukuba baphakamise izandla. Kwaphakamisa abantu abangu-18—kuhlanganise nothisha! U-Eric manje unomuzwa wokuthi unensimu yakhe ekhethekile ashumayela kuyo.

UWhitney oneminyaka engu-9 uyajabula ngencwajana ethi OFakazi BakaJehova Nemfundo.c Uthi: “Umama uvame ukunika othisha bami le ncwajana njalo ngonyaka, kodwa kulo nyaka yimina ngokwami engimnikile. Ngenxa yaleyo ncwajana, uthisha wami ungikhethe ukuba ngibe ‘umfundi ovelele weviki.’”

[Umbhalo waphansi]

c Zonke izincwadi ezishiwo zinyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 21]

Izimo Abanye Abaye Bazisebenzisa Ukuze Bakhulume Ngenkolo Yabo

Lapho babelwe ukwenza umbiko noma i-project yesikole, abanye baye bakhetha isihloko esibavumela ukuba bashumayele

Intsha eningana iye yanika othisha bayo i-video noma incwadi ehlobene nendaba okuxoxwa ngayo ekilasini

Enye intsha kuye kwathi lapho ifunda iBhayibheli noma incwadi esekelwe eBhayibhelini ngesikhathi sekhefu, kweza enye intsha yazobuza imibuzo

[Isithombe ekhasini 18]

Abanokuhlangenwe nakho bangasiza ekuqeqesheni intsha ukuba ikhonze uJehova

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela