Basha AbangamaKristu—Qinani Okholweni
“WONKE umuntu kumelwe abe khona.” Leso kwakuyisaziso. Bonke abafundi esikoleni esithile saseJapane kwakumelwe babe khona emhlanganweni wesishayamthetho owawuzoba sehholweni lemihlangano. Umfundi osemusha ongumKristu wayengavumelani neminye imiqondo eyayivezwa eculweni lesikole. Wacabanga: “Nokho, ngiyazi ukuthi kuzoculwa iculo lesikole. Kodwa ngeke ngibe nabo ubunzima. Ngizomane ngihlale emuva njengokuvamile.”
Nokho, lapho loFakazi kaJehova osemusha engena ehholo, wathola ukuthi bonke othisha babehleli ezihlalweni ezisemuva. Ngakho-ke, kwadingeka ukuba ahlale ngaphambi kwabo. Lapho abanye abafundi besukuma ukuze bacule iculo lesikole, wasala ehleli ngenhlonipho. Kodwa lokhu kwabathukuthelisa othisha. Bazama ukumbamba bamsukumise ngenkani. Ingabe ungazicabanga wena usesimweni esinjalo? Yini owawuyoyenza?
Isizathu Sokuba Kudingeke Ukholo Oluqinile
Kwakuyoba kuhle ukuba abantu babehlukana namaKristu futhi bawavumele aphile ngokuvumelana nonembeza wawo oqeqeshwe ngeBhayibheli. Nokho, ngokuvamile amaKristu kumelwe abhekane nezimo ezicindezelayo. Lokhu akufanele kusimangalise, ngoba iNdodana kaNkulunkulu siqu, uJesu Kristu, yathi: “Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela.” (Johane 15:20) Ngaphandle kokushushiswa ngokuqondile, izinceku zikaJehova zibhekana nokunye ukuvivinywa kokholo okuhlukahlukene.
Ngokuvamile intsha engamaKristu idinga ukholo oluqinile ukuze ibhekane nezilingo ehlangabezana nazo ezikoleni. Kungase kudingeke ukuba idlelane nefunda nabo abasebenzisa ulimi olungcolile noma abanezimo zengqondo ezihlazisa uNkulunkulu. AmaKristu asemancane angase abhekane nokugcizelelwa kokushisekela ubuzwe okwandayo nokucindezela kokuba ahileleke emaqenjini, kwezombangazwe zasesikoleni, noma kweminye imisebenzi engase ibe ingozi ngokomoya. Othisha noma abafundi abakanye nawo bangase bazame ukucindezela amaKristu asemancane ukuba ahlehle. Ngakho-ke, intsha eyesaba uNkulunkulu kumelwe incike emoyeni kaJehova ukuze ithole ukholo oludingekile ukuze ikwazi ukulwela ngokucacile ithemba layo.—Mathewu 10:19, 20; Galathiya 5:22, 23.
‘Hlala Ulungele Ukuphendula’
Iseluleko sikamphostoli uPawulu sifanelekile kokubili kumaKristu amasha namadala. Wathi: “[Hlalani] ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini, kodwa kube-ngobumnene nangokwesaba.” (1 Petru 3:15, 16) Yini edingekayo ukuze ulungele ukuphendula okunjalo? Okokuqala, kumelwe uqonde lokho imiBhalo ekufundisayo. Ukuze ume uqinile esikoleni ezindabeni ezinjengokushisekela ubuzwe, ezombangazwe, ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa, noma ukuziphatha, okokuqala kumelwe uqonde isizathu sokuma kobuKristu futhi kumelwe ukholelwe ngobuqotho kuso.
Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu watshela amaKristu ayekanye nawo: “Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.” (1 Korinte 15:33) Ingabe uyavumelana nalokho? Njengoba uPawulu abonisa, kulula ukukhohliswa endabeni yobungane. Umuntu angase abonakale enobungane futhi ekahle. Kodwa uma engenakho ukukhathalela okufanayo nokwakho ngenkonzo kaJehova noma engakholelwa ngisho nasezithembisweni zeBhayibheli, ungumngane omubi. Ngani? Ngoba ukuphila kwakhe kusekelwe ezimisweni ezihlukile, futhi izinto ezibaluleke kakhulu kumKristu zingase zibe ezingabalulekile kuye.
Lokhu akumangalisi, ngoba uJesu wathi ngabalandeli bakhe: “Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.” (Johane 17:16) Akunakwenzeka ukuba umuntu abe umKristu weqiniso futhi ngesikhathi esifanayo abe ingxenye yalelizwe, uSathane angunkulunkulu walo. (2 Korinte 4:4) Ingabe uyabona ukuthi ukwehluka okunjalo ezweni kumvikela kanjani umKristu ekonakaleni nasengxabanweni ekhathaza abaningi kangaka namuhla? Uma kunjalo, khona-ke ungaqonda ukuthi kungani kumelwe ulondoloze ukwehluka kwakho, ngisho noma lokhu kusho ukuthi awunakuhlanganyela kweminye imisebenzi yasesikoleni.a
Ukubaluleka kokuqina okholweni nokugcina izithakazelo zoMbuso ziza kuqala ekuphileni kwaboniswa endabeni yentombazanyana ethile engumKristu. (Mathewu 6:33) Lapho usuku lokubukezela ukuthweswa iziqu lumenyezelwa, yathola ukuthi lwaluwusuku olufanayo nolomhlangano wesifunda woFakazi BakaJehova eyayihlele ukuba khona kuwo. Yabhala incwadi yenhlonipho echaza ukuthi kungani yayingezukuba khona ekubukezeni futhi yayinikeza uthisha wayo ngaphambi kokuba kuqalwe ukufunda. Ngemva kokuba sekuqediwe ukufunda, lothisha wayibizela eceleni futhi wayicela ukuba iphinde ichaze ukuthi kungani yayingezukuba khona ekubukezeni. Lentombazane ithi: “Wayefuna ukubona ukuthi amazwi ami ayefana yini. Ingabe lona kwakuwumuzwa wami, noma ingabe incwadi yayiqukethe nje amazwi kamama? Lapho ebona ukukholelwa kwami siqu kulendaba, akazange angiphikise.”
‘Baphendule Bonke’
Ngokuvamile intsha engamaKristu ithola ukuthi uma yenza ukuma kwayo kwaziwe ngokucacile kothisha nakwefunda nabo ngaphambi kokuba kuphakame impikiswano, ukucindezela akubi kukhulu kangako lapho kumelwe kubhekwane nezinkinga. Omunye umKristu osemusha waseJapane ulandisa ukuthi lapho eneminyaka engu-11 ubudala, isikole ayefunda kuso safuna ukuba bonke abafundi babe khona embuthanweni kaKhisimusi. Abafundi abasemabangeni aphakeme bamcindezela ukuba ahlanganyele, kodwa akazange abe khona, futhi uthisha wakhe wakuqonda ukuma kwakhe. Ngani? Ngoba lapho sekusondele ukuqala konyaka wesikole, loFakazi nabazali bakhe babehlanganile nalothisha futhi bachaza izici ezihlukahlukene zokuma kwabo kobuKristu.
Lapho ehlanganyela enkonzweni yasensimini, amanye amaKristu asemancane ayesaba ukuhlangana nafunda nabo noma nothisha. Ingabe uzizwa ngaleyondlela? Uma kunjalo, kungani ungathathi isinyathelo kuqala futhi wenze ofunda nabo ekilasini bazi ukuthi ushumayela endlini ngendlu nokuthi kungani wenza kanjalo. Omunye uFakazi kaJehova oneminyaka engu-14 ubudala wabika: “Wonke umuntu esikoleni uyasazi isimo sami njengomKristu. Ngempela, basazi kahle kangangokuthi lapho ngihlangana nengifunda naye ekilasini lapho ngihlanganyela enkonzweni, angizizwa nginamahloni. Ngokuvamile engifunda nabo bayalalela, futhi ezikhathini eziningi bayazithatha izincwadi zeBhayibheli.” Oneminyaka engu-12 ubika ukuthi uyakulindela ukuhlangana nafunda nabo lapho ehlanganyela enkonzweni. Kunokuba ashaywe uvalo lapho ecabanga ngalokhu, njalo ubukeza lokho azokusho uma kwenzeka ehlangana nabo. Kanjalo, uhlala ekulungele ukunikeza izizathu ezinengqondo zokholo lwakhe.
Ezikoleni eziningi, imisebenzi yangemva kwesikole kuthiwa iyindaba yokuzikhethela. Kodwa empeleni, othisha nabafundi babacindezela kakhulu abantu ngabanye ukuba bahlanganyele emisebenzini enjalo. UmKristu oneminyaka engu-20 ubudala wathola indlela enhle yokubhekana nalokhu kucindezela. Uthi: “Ngakhonza njengephayona elisizayo ngaze ngaqeda esikoleni esiphakeme. Wonke umuntu wayazi ukuthi ngangimatasa kakhulu ngemisebenzi yami engokwenkolo ukuba ngangingahlanganyela kwezinye izinto.” Udadewabo omncane waloFakazi walandela inkambo efanayo. Enye intsha engamaKristu isuka enkonzweni yobuphayona obusizayo ebenza phakathi neminyaka yesikole iqonde ngqó emsebenzini wobuphayona obuvamile njengabamemezeli boMbuso besikhathi esigcwele lapho isiqede isikole.
Ungalokothi uyibhekele phansi imiphumela emihle yokuziphatha kwakho okuhle nokufakaza kwakho ngesibindi. Kunokuba uhlale uthule, kungani ungabonisi ukuthi uqinile okholweni ngokukhuluma ngenhlonipho kodwa ngesibindi? Yilokho okwenziwa intombazane yakwaIsrayeli eyayithunjiwe yase ihlala emzini kajenene waseSiriya uNahamani. (2 AmaKhosi 5:2-4) Igama likaJehova ladunyiswa ngenxa yokuthatha isinyathelo kuqala kwaleyontombazanyana. Ukholo lwakho olufanayo nalo lungaletha udumo kuNkulunkulu futhi lungase lusize abanye ukuba bazimele njengabadumisi begama lakhe.
Iqiniso liwukuthi asinakuhlehla okholweni lwethu futhi sihlale singamaKristu. UJesu wathi: “Ngalokho-ke yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, nami ngiyakumvuma phambi kukaBaba osezulwini; kepha lowo oyakungiphika phambi kwabantu, nami ngiyakumphika phambi kukaBaba osezulwini.” (Mathewu 10:32, 33) Ukuqina okholweni njengomlandeli kaJesu kuwumthwalo wemfanelo ongathi sína, akunjalo?
Usizo Olutholakalayo
Ukuze ume uqine njengomunye woFakazi BakaJehova, udinga ukholo oluqinile. Ngenxa yalokho, kumelwe utadishe iBhayibheli ngenkuthalo, ube khona emihlanganweni yobuKristu, futhi uhlanganyele enkonzweni yasensimini. Uma nalapho usezwa ukuthi kunokuthile okuntulekayo, yini ongayenza? Umfundi uJakobe wathi: “Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.” (Jakobe 1:5) Khuluma noJehova ngomthandazo ngenkinga yakho; angakuqinisa ukuze ubhekane nezilingo noma ukuvivinywa kokholo lwakho.
Yini enye umKristu osemncane angayenza? Incwadi yezAga iyasitshela: “Lalela uyihlo owakuzalayo, ungamdeleli unyoko lapho esemdala.” (IzAga 23:22) Umphostoli uPawulu wasisekela lesiseluleko, ngoba wathi: “Bantwana, lalelani abazali benu ezintweni zonke, ngokuba lokho kuyathandeka eNkosini.” (Kolose 3:20) Abazali abangamaKristu bangakusiza ukuba uqine okholweni. Lalela ukusikisela kwabo. Ngosizo lwabo, cwaninga imiBhalo nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini, ubheke imiqondo, iseluleko, nokuhlangenwe nakho. Kokubili wena nabazali bakho niyokujabulela lokhu, futhi kuyokusiza ukuba unqobe ukuba novalo noma ukwesaba.—2 Thimothewu 1:7.
Wasebenzise ngokugcwele amalungiselelo uJehova uNkulunkulu aye wawenza ngebandla lobuKristu. Yilungiselele kahle imihlangano. Khuluma nabadala abamisiwe nabanye abaye badlula kokuhlangenwe nakho okufana nalokho wena obhekene nakho manje. USolomoni wathi: “Ukuze ohlakaniphileyo ezwe, aqhubeke ekufundeni, noqondileyo athole iziluleko ezinhle.” (IzAga 1:5) Ngakho funda kulaba asebekhulile. Futhi, ungafunda entsheni engamaKristu ebhekana ngokuphumelelayo nezinkinga ezifana nezakho.
Ukwethembeka Kuletha Izibusiso
Ngokuma uqinile okholweni, uyobe usebenzisa iseluleko sikaPawulu ‘sokuba ogxilile, ongaxegiyo, ovame njalo emsebenzini weNkosi.’ (1 Korinte 15:58) UJehova uyazazi futhi uyaziqonda izinkinga obhekene nazo. Uye waqinisa abaningi abaye babhekana nobunzima obufanayo, futhi nawe uzokuqinisa. Uma uncika kuNkulunkulu, uyokusekela, ngoba umhubi wathi: “Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.”—IHubo 55:22.
UPetru wabhala: “Nibe-nonembeza omuhle, ukuze kuthi kulokho abanihleba ngakho bajabhiswe labo abathuka ukuhamba kwenu okuhle kuKristu.” (1 Petru 3:16) Uma wenqaba ukuhlehla emithethweni nasezimisweni zikaNkulunkulu zokulunga, uyoba nonembeza omuhle, okuyisibusiso sangempela esivela kuJehova. Ngaphezu kwalokho, uyobeka isibonelo esihle ngentsha engamaKristu okungenzeka ukuthi inokholo olubuthakathaka. (1 Thimothewu 4:15, 16) Ukuziphatha kwakho kungase kuyikhuthaze ukuba yenze imizamo yokuqina okholweni futhi kanjalo ikwazi ukukhuthazelela izilingo.
Ungase usize ngisho nalabo abaqale baphikise isimo sakho sobuKristu. Khumbula lamazwi anika ithemba: “Hlwanyela imbewu yakho kusasa, ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa, ngokuba awazi ukuthi yiyiphi eyakuphumelela, yilena noma yileyo, noma ziyakuba-zinhle zombili ngokufanayo.” (UmShumayeli 11:6) Ubani owaziyo ukuthi yimiphi imiphumela eyovela ngokuhlwanyela kwakho imbewu enhle ngezenzo zakho zokwethembeka?
Phakathi kwezibusiso ezinkulu kunazo zonke oyozivuna kuyoba ukuma okuvumelekile noJehova. Ekugcineni, ukuqina okholweni kuyophumela ekuphileni okuphakade. (Johane 17:3; qhathanisa noJakobe 1:12.) Akukho ukukhululeka kwesikhashana ekulingweni okutholakala ngokuhlehla okukufanele ukulahlekelwa yilesosipho.
Kuthiwani ngomusha okukhulunywe ngaye ekuqaleni kwalesihloko? Nokho, wakukhuthazelela okuhlangenwe nakho kwakhe okubuhlungu. Ngemva kokuba umhlangano wesikole usuphelile, wazama ngokuhlakanipha ukuchaza isimo sakhe kothisha. Nakuba amazwi akhe awela phansi, wayenokwaneliseka kokwazi ukuthi wayenze inhliziyo kaJehova yajabula. (IzAga 27:11) Waqhubeka emelela ukholo lwakhe waze waqeda isikole. Khona-ke waba yiphayona. Kwangathi ukukhuthazela kwakho kokwethembeka kungaba nomphumela ojabulisayo ngokufanayo. Kuyoba nawo uma uzibonakalisa uqinile okholweni.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo ekhuluma ngalezi kanye nangezinye izimiso zeBhayibheli, bheka incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, ekhishwe iWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Ibhokisi ekhasini 25]
USIZO OLUTHOLAKALAYO
◻ Lalela ukuhlakanipha kwabazali bakho abesaba uNkulunkulu.
◻ Wasebenzise ngokunenzuzo amalungiselelo angokomoya ebandleni lobuKristu.
◻ Khuluma nabadala abamisiwe nabanye okungenzeka ukuthi baye baba nezinkinga ezifana nezakho.
◻ Khuluma namanye amaKristu asemancane abhekana nezithiyo ezifanayo ngokuphumelelayo.