Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 3/15 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Kufanele Sigubhe ISidlo SeNkosi Sakusihlwa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • ‘Yenzani Lokhu Ukuze Ningikhumbule’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Okwenza Sigcine ISidlo SeNkosi Sakusihlwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 3/15 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

Kukhona yini okungenziwa uma umKristu ogcotshiwe engenakukwazi ngempela ukuba khona lapho ibandla ligubha iSidlo SeNkosi Sakusihlwa?

Yebo. Okuthile kungenziwa futhi kumelwe kwenziwe ngokucabangela umKristu ogcotshiwe ogulayo mhlawumbe osehlala elele futhi ngenxa yalokho angakwazi ukuba khona lapho ibandla ligubha iSikhumbuzo sokufa kukaKristu. Esimweni esinjalo, indikimba yabadala ingahlela ukuba omunye wabadala noma umKristu wesilisa ovuthiwe ahambisele lowo abakholwa naye izingxenye zezifanekiselo zesinkwa newayini ngobusuku obufanayo lingakaphumi ilanga.

Umdala ohambele noma omunye umzalwane angase abeke inkulumo emfushane futhi afunde nemibhalo efanelekayo, kuye ngezimo. Angalandela inqubo eyamiswa nguJesu lapho emisa iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Ngokwesibonelo, mhlawumbe kungafundwa uMathewu 26:26, bese kuhanjiswa isinkwa esingenamvubelo ngemva komthandazo. Ngemva kwalokho, umzalwane ohambele angase afunde uMathewu 26, amavesi 27 no-28, bese kuhanjiswa iwayini ngemva komunye umthandazo. Kungase kuchazwe kafushane ukubaluleka kwesifanekiselo ngasinye, bese kuba umthandazo wokuphetha.

Yiqiniso, kumelwe kwenziwe wonke umzamo wokuba khona lapho ibandla ligubha iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Kodwa yini engenziwa esimweni esingavamile lapho umKristu ogcotshiwe ogulela ukufa, esesibhedlela, noma ngandlela-thile engakwazi ukugubha iSikhumbuzo ngemva kokushona kwelanga ngoNisani 14? Lowo ogcotshiwe angalandela isibonelo salokho okwakwenzeka ngaphansi koMthetho KaMose asigubhe ngasese ngemva kwezinsuku ezingu-30.—Numeri 9:9-14.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela