Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 2/15 k. 32
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwenza Sigcine ISidlo SeNkosi Sakusihlwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • “Ezinye Izimvu” NeSidlo SeNkosi Sakusihlwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • ‘Yenzani Lokhu Ukuze Ningikhumbule’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 2/15 k. 32

Imibuzo Evela Kubafundi

◼ Uma umKristu engeke abe khona emkhosini weSidlo SeNkosi Sakusihlwa, yini okumelwe ayenze?

Kubalulekile ukuba amaKristu abe khona emkhosini waminyaka yonke weSidlo SeNkosi Sakusihlwa, ngoba lapho uJesu esimisa wathi: “Yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.” (Luka 22:19) AmaKristu akuqala enza kanjalo. Khona-ke umphostoli uPawulu wayengabhala ngabazalwane baseKorinte ‘ababehlangana njengebandla’ unyaka ngamunye, noma ‘ababebuthana,’ ngenxa yeSikhumbuzo sokufa kukaJesu okuhlawulelayo (1 Korinte 11:20, The New English Bible; NW) Kodwa yini ababengayenza ngeSikhumbuzo ezimweni ezinzima? Ngokwesibonelo, yini uPawulu ngokwakhe ayenza phakathi neminyaka yokuvalelwa kwakhe ejele (egadiwe futhi mhlawumbe eboshwe nangamaketanga) eKesariya?—IzEnzo 23:35; 24:26, 27.

Ngokubheka iseluleko sikaJesu esisobala, ngisho nakuba uPawulu ayeyedwa, ngesikhathi seSidlo SeNkosi Sakusihlwa, ngokuqinisekile wayeyobukeza izici ezingokomBhalo zesehlakalo. NjengomKristu ogcotswe ngomoya, wayeyokwenza yonke imizamo ukuba ahlanganyele izinto ezifaneleka ngempela ayeyozisebenzisela izifanekiselo. Ngalesosikhathi iwayini laliyisiphuzo esivamile, ngakho naphezu kokuba ayeyisiboshwa uPawulu wayengaba nalo iwayini elithile nohlobo lwesinkwa ayengakusebenzisa. Lokho kwakungenzeka ngisho nangaphezulu lapho kamuva evalelwe eRoma, lapho avunyelwa ukuba abe nezivakashi. Cishe abanye abazalwane baseRoma bazama ‘ukuhlangana’ kanye naye beyiqembu elincane ukuze bagubhe iSidlo SeNkosi Sakusihlwa.—IzEnzo 28:30.

Kuwo wonke umhlaba namuhla, amabandla oFakazi BakaJehova ayabuthana, ngosuku oluqondene noNisan 14, ngenxa yeSikhumbuzo sokufa kukaKristu. Kodwa ngezinye izikhathi kuphakama iziphazamiso ezingavamile. Ngezinye izikhathi, isichotho noma izikhukhula ziye zavimbela ibandla noma amanye amalungu alo, ekubeni ahlangane ndawonye njengoba kuhleliwe. Ezimweni ezingavamile umthetho wezempi uye wabangela ukuba amasosha ahlomile avimbele izakhamizi ukuba ziphumele ngaphandle ngemva kokushona kwelanga. Amanye amaKristu aye ahluleka ukuba semkhosini webandla ngenxa yokuba esesibhedlela noma egula kakhulu. Yini engenziwa ezimweni ezinjalo?

Nakuba kufaneleka ngebandla lonke ukuba lihlangane ngalesisehlakalo esibalulekile, izimo ezinjengezishiwo ngenhla zingenza lokho kungabi nakwenzeka. Lapho isimo sezulu esibi, inhlekelele engokwemvelo noma okufanayo, kuvimbela ngokuphelele umkhaya noma ingxenye yebandla ekubeni ihlangane nebandla, abantu abangabodwa bangahlangana futhi baxoxe ngezenzakalo ezingokomBhalo njengalezo ezitholakala kuLuka 22:7-23, 28-30 nakweyo-1 Korinte 11:20-31, baxoxe nangokushiwo isehlakalo. Ngokufanayo, uma umthetho omisiwe wokungahambi emgwaqweni wenza kungabi nakwenzeka ngebandla ukuba libuthane ngobusuku obufanelekile, ukuhlangana emaqenjini eSifundo Sencwadi Sebandla noma emaqenjini angomakhelwane kungase kube indlela engcono, inani lalabo abakhona liyothathwa njengombiko webandla wenani labebekhona. Kungase kunikezwe inkulumo emfushane uma eqenjini kunomzalwane onekhono ozinikezele. Akudingeki kukhathazekwe ngokuthi izifanekiselo ezifanelekile azikho uma nje kungekho muntu kulesimo esiphuthumayo owayedlile ngaphambili isinkwa newayini niengomKristu ogcotshiwe.

Umthetho kaNkulunkulu kuIsrayeli wawunelungiselelo elikhethekile ngothile owayengekho esimweni sokuhlanganyela esidlweni esivamile sePhasika; lowomuntu wayengenza kanjalo esikhathini esingangenyanga (izinsuku ezingama-30) kamuva. (Numeri 9:10, 11; 2 IziKronike 30:1-3, 15) Ngokufanayo, esimweni esinzima ngokudlulele lapho umIsrayeli ongokomoya engenakukwazi nhlobo ukuya noma anikezwe izifanekiselo ngoNisan 14, angase adle ezinsukwini ezingama-30 kamuva. Lokhu kuyosebenza kuphela endabeni yomKristu ogcotshiwe ongaphansi komyalo wokudla isinkwa newayini.—Galathiya 6:16.

Ngo-April 4, 1985, ngemva kokushona kwelanga, amabandla amaKristu eqiniso kuwo wonke umhlaba ayohlangana elalela iseluleko sikaJesu: “Kwenzeni ukuba ningikhumbule.” Siyakumerna ukuba uhlanganyele nawo.—1 Korinte 11:25.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela