Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 3/15 k. 32
  • Ingabe Ubumpofu Buyoke Buphele?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ubumpofu Buyoke Buphele?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 3/15 k. 32

Ingabe Ubumpofu Buyoke Buphele?

INKOSI ehlakaniphile yakwa-Israyeli wasendulo, uSolomoni, yathi: “Bheka! izinyembezi zabacindezelwayo, kodwa babengenamduduzi; futhi ohlangothini lwabacindezeli babo kwakukhona amandla, kangangokuthi babengenamduduzi.” (UmShumayeli 4:1) Akungabazeki ukuthi abaningi babacindezelwe eyayikhuluma ngabo nabo babempofu.

Ubumpofu abunakulinganiswa ngezimali kuphela. Ngokwemininingwane eyanikezwa yi-World Bank ngo-June 2002, “kulinganiselwa ukuthi ngo-1998 abantu abayizigidi ezingu-1 200 emhlabeni wonke babesebenzisa imali engaphansi kwe-dollar ngosuku . . . futhi abayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-2 800 babephila ngemali engaphansi kwama-dollar amabili ngosuku.” Kwaphawulwa ukuthi nakuba lezo zibalo ziphansi kunezilinganiso zangaphambili, “zisaphakeme kakhulu uma kukhulunywa ngokuhlupheka kwabantu.”

Ingabe buyoke buphele ubumpofu? UJesu Kristu watshela abafundi bakhe: “Abampofu ninabo ngaso sonke isikhathi.” (Johane 12:8) Kodwa ingabe lokhu kusho ukuthi ubumpofu nemiphumela yabo emibi buyoqhubeka unomphela? Cha, ngoba nakuba uJesu engabathembisanga abalandeli bakhe ukuthi bonke babeyoba nengcebo ebonakalayo, amazwi akhe akufanele asenze siphethe ngokuthi alikho ithemba ngabampofu.

Naphezu kwemizamo yabantu neqiniso lokuthi izithembiso eziningi zokuqeda ubumpofu ziye zangafezeka, iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, liyasiqinisekisa ukuthi maduze ngeke besaba khona abantu abaswele. Eqinisweni, uJesu wamemezela “izindaba ezinhle kwabampofu.” (Luka 4:18) Lezi zindaba ezinhle zihlanganisa isithembiso sokuthi ubumpofu buyoqedwa. Lokhu kuyokwenzeka lapho uMbuso kaNkulunkulu uletha izimo ezilungileyo emhlabeni.

Alive liyohluka lelo zwe! INkosi yasezulwini uJesu Kristu “iyohawukela ophansi nompofu, imiphefumulo yabampofu iyoyisindisa.” Yebo, “iyokhulula umphefumulo wabo ekucindezelweni nasebudloveni.”—IHubo 72:13, 14.

Mayelana naleso sikhathi, uMika 4:4 uthi: “Bayohlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe, ngeke kube khona obenza bathuthumele; ngoba wona kanye umlomo kaJehova wamabutho ukhulumile.” UMbuso kaNkulunkulu uyoxazulula zonke izinkinga ezikhungethe isintu, ususe ngisho nokugula nokufa. “Empeleni [uNkulunkulu] uyokugwinya ukufa kuze kube phakade, iNkosi EnguMbusi uJehova ngokuqinisekile iyosula izinyembezi ebusweni bonke.”—Isaya 25:8.

Ungathembela kulezi zithembiso ngoba ziphefumulelwe uNkulunkulu uqobo. Kungani ungahloli ubufakazi obubonisa ukuthi iziprofetho zeBhayibheli zithembekile?

[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]

FAO photo/M. Marzot

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela