Umbono WeBhayibheli Onokulinganisela Ngobunhloko
ISIMISO sobunhloko saqala ukuqashelwa lapho kudalwa abantu bokuqala. Umuntu wenziwa ngomfanekiso kaNkulunkulu, enenkululeko yokuzinqumela. Wayekhululekile ukukhetha ukwenza okuhle noma okubi. Ngokulalela uMdali wakhe ngokuzithandela nangokushukunyiswa uthando wayesesimweni sokunikeza uNkulunkulu udumo nenkazimulo. Ngokusebenzisa ingqondo wayengadumisa uNkulunkulu ngezimfanelo zaKhe ezinhle futhi asekele ubukhosi baKhe.
Kodwa inkululeko ka-Adamu yayilinganiselwe; yayinemingcele. Wayengaqhubeka ephila ngenjabulo kuphela uma eqaphela ubukhosi bukaJehova. Lokhu kwaboniswa umuthi wolwazi lokuhle nokubi, u-Adamu ayenqatshelwe ukuwudla. Ukuwudla kwakuyoba isenzo sokungalaleli, ukuvukela ubukhosi bukaNkulunkulu.—Genesise 2:9, 16, 17.
Kubaluleke ngokufanayo ukuba abakhulekeli bakaNkulunkulu namuhla bawuqonde umbono wakhe ngobunhloko. Isimiso esiyisisekelo sobunhloko sichazwe kweyoku-1 Korinte 11:3: “Inhloko yawo wonke amadoda nguKristu; nenhloko yowesifazane yindoda; nenhloko kaKristu nguNkulunkulu.”
Indawo KaJesu Kristu
Njengenhloko yebandla lobuKristu uJesu Kristu unelungelo lokwenza izinqumo eziphathelene nalo nokubonisa igunya lakhe kulo. (Efesu 5:23) Kodwa ubunhloko bakhe bumbopha nokuba amukele umsebenzi wokunakekela ibandla amukele nomphumela wezinqumo azenzayo.
Ngaso sonke isikhathi uJesu Kristu wenza ngokuvumelana nesimiso sobunhloko, ebonisa ngamazwi nangezenzo ukuthi ubuqaphela ngokugcwele ubunhloko bukaYise. Ngisho nangemva kokubusa umhlaba iminyaka eyinkulungwane, uyoqaphela ubunhloko bukaJehova bendawo yonke ngokubuyisela uMbuso kuJehova, ezithoba “kuLowo owabeka zonke izinto ngaphansi [kwakhe], ukuze uNkulunkulu abe yikho konke kuwo wonke umuntu.”—1 Korinte 15:24-28; Filipi 2:5-8.
Indawo Yendoda
Nakuba indoda iyinhloko emkhayeni, lokho akusho ukuthi iziphethe, akukho “nhloko” edinga ukuyiqaphela. Kunalokho, ibophekile ukuba ilandele iziqondiso nesibonelo senhloko yayo, uKristu. (1 Johane 2:6) Lokhu akugcini emisebenzini yayo engokomoya, kodwa kudlulela nasezindabeni zayo siqu.
Ngokwesibonelo, uma inomkhaya, khona-ke kufanele ihloniphe inhloko yayo, uKristu, ihambisane neseluleko sokuba ihlale nomkayo ngokolwazi, ‘imazise njengesitsha esibuthakathaka kakhudlwana.’ Kufanele futhi yenze umzamo oqotho wokuqeqesha abantwana bayo ngokufanele.—1 Petru 3:7; Efesu 6:4.
Njengoba endalweni engabantu kuyindoda eyadalwa kuqala, ibekwe esikhundleni esiphakeme kunowesifazane. (1 Thimothewu 2:12, 13) Owesifazane wenziwa ngobambo olwathathwa endodeni. (Genesise 2:22, 23) Wadalelwa indoda, indoda ayidalelwanga yena. (1 Korinte 11:9) Ngakho, elungiselelweni likaNkulunkulu lomkhaya, owesifazane kwakufanele azithobe endodeni yakhe angagabadeli igunya layo. (Efesu 5:22, 23) Futhi, ebandleni lobuKristu owesifazane akufanele afundise amadoda azinikezele noma abe negunya phezu kwawo.—1 Thimothewu 2:12.
KumaHebheru asendulo sasiqashelwa isikhundla esiphakeme sendoda emkhayeni nasesizweni. USara wayezithobile, ebiza u-Abrahama ngokuthi “nkosi,” futhi kukhulunywa kahle ngaye ngenxa yalokhu kuqaphela ubunhloko buka-Abrahama.—Genesise 18:12; 1 Petru 3:5, 6.
Indawo Yowesifazane
Endulo, kwakunezimo lapho owesifazane ayethwala khona ekhanda ukuze abonise ukuzithoba. (Genesise 24:65) Lapho ekhuluma ngelungiselelo lobunhloko ebandleni lobuKristu, umphostoli uPawulu wachaza ukuthi uma owesifazane ethandaza noma eprofetha ebandleni, ethathe isikhundla uNkulunkulu asabele indoda, kufanele athwale ekhanda.
Uma owesifazane enza lezi zinto okwesikhashana ngenxa yokuthi akekho owesilisa ongumKristu ozinikezele ongazenza, ngisho noma enezinwele ezinde, akufanele aphikise ngokuthi izinwele zakhe ezinde zanele ukubonisa ukuzithoba kwakhe. Kunalokho, kufanele abonise ngezenzo ukuthi uyazithoba futhi uyabuqaphela ubunhloko bendoda. Owesifazane ongumKristu ukwenza lokhu ngokuthwala ekhanda ‘njengophawu lwegunya.’—1 Korinte 11:5-16.
Lokhu kufanele kwenziwe “ngenxa yezingelosi,” ezibheke izenzo zomKristu futhi ezikhathalela ibandla lobuKristu ngenxa yokuthi ziyalikhonza. Ngokuthwala ekhanda lapho kudingeka ngenxa yezizathu ezingokomoya, owesifazane ongumKristu uqaphela ilungiselelo likaNkulunkulu lobunhloko.—Hebheru 1:14.
Lolu hlelo olufanele olungokwasezulwini ebandleni naselungiselelweni lomkhaya alumvimbi owesifazane ekukhonzeni uNkulunkulu, futhi alumuthiyi ekufezeni imisebenzi nezibopho zakhe zasekhaya. Lumnika inkululeko ephelele nengokomBhalo yokuba afeze indima yakhe, ebe ejabulisa uNkulunkulu ngokuvumelana nalesi simiso: “UNkulunkulu uye wabeka amalungu emzimbeni, ngalinye lawo, njengoba nje ethanda.”—1 Korinte 12:18.
Baningi abesifazane basendulo ababenamalungelo amahle bebe bebuqaphela ubunhloko bendoda futhi ababa nokuphila okujabulisayo nokwanelisayo. Phakathi kwabo kwakunguSara, uRebheka, u-Abhigayili, nabesifazane abangamaKristu abanjengoPrisila noFibhi.
Izinzuzo Zobunhloko
Ubunhloko obugunyaziwe bunika umuntu amalungelo athile, kodwa futhi buhambisana nemithwalo yemfanelo noma izibopho. Ngokwesibonelo, indoda eshadile inelungelo lokwenza izinqumo eziwujuqu futhi yengamele njengenhloko. Nokho, ngaphezu kwalokho inomthwalo wokunakekela umkhaya wayo. Isibopho sayo esiyinhloko ukunakekela indlu yayo ngokwenyama nangokomoya.—1 Thimothewu 5:8.
Indoda engumKristu kufanele isebenzise ubunhloko bayo ngokuhlakanipha, ithande umkayo njengoba izithanda yona. (Efesu 5:33) UJesu Kristu ubusebenzisa ngale ndlela ubunhloko bakhe phezu kwebandla lobuKristu. (Efesu 5:28, 29) Njengenhloko, ubaba akufanele azicasule izingane zakhe kodwa kufanele azikhulise “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.”—Efesu 6:4.
Njengabelusi bomhlambi kaNkulunkulu, “amadoda amadala” ebandleni lobuKristu akufanele abe izingqongqo phezu ‘kwezimvu’ zikaNkulunkulu kodwa kufanele akhumbule ukuthi angaphansi kukaJesu Kristu noJehova uNkulunkulu. (1 Petru 5:1-4) AmaKristu, abalandeli bakaJesu Kristu, aqaphela nobunhloko obuphakeme bukaJehova, eyisa imithandazo yawo kuye futhi emqaphela njengoYise noNkulunkulu uMninimandla onke.—Mathewu 6:9; IsAmbulo 1:8.
Ngokuqinisekile, ukusetshenziswa okufanele kobunhloko obungokomBhalo kuyasizuzisa isintu. Ukuthula nokuzwana okuba umphumela kukhazimulisa uMdali wesintu.