“Ngakuthola Konke Engangikudinga”
UKUCINDEZELEKA ngokomzwelo, ngokombiko we-World Health Organization, kulinganiselwa ukuthi okwamanje kuthinta abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-120 emhlabeni wonke. Unyaka ngamunye, abantu abayisigidi bayazibulala futhi abaphakathi kwezigidi eziyishumi nezingamashumi amabili bayazama ukuzibulala. Yiluphi usizo olukhona kulabo abahlushwa ukucindezeleka? Ezokwelapha zingabunciphisa ubuhlungu, kodwa nosizo olungokomzwelo lubalulekile. Ngaphezu kwalokho, abanye kwababhekene nemizwa enjalo baye bathola usizo olwengeziwe ezincwadini zoFakazi BakaJehova eziwusizo futhi ezisekelwe eBhayibhelini njengoba le ncwadi elandelayo evela eFrance ibonisa.
“Esikhathini esingengakanani esidlule, ngangingayiboni injongo yokuqhubeka ngiphila. Ngathandaza kuNkulunkulu ukuba angiyeke ngife. Kwakungathi ngifile ngaphakathi. Ngifuna isiqondiso, ngathandaza ngokujulile kuJehova. Nganquma nokufunda INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2002, ngayiqeda ngezinsuku ezintathu. Kumelwe ngisho ukuthi yangikhuthaza kakhulu, futhi yaqinisa ukholo lwami.
“Ngacwaninga komagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!, futhi yeka indlela engamangala ngayo! Bengilokhu ngibafunda njalo lab’ omagazini iminyaka engaphezu kwengu-15, kodwa bengingakaze ngiqaphele ukuthi zikhuthaza futhi zivuse amadlingozi kangaka izihloko zabo. Zigcwele uthando—imfanelo engavamile kulezi zinsuku. Ngakuthola konke engangikudinga.”
IBhayibheli lithi: “UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.” (IHubo 34:18) Ngaphandle kokungabaza, bonke “abaphukile enhliziyweni” noma “abanomoya ochobozekile,” bangathola isikhuthazo nethemba ngekusasa eBhayibhelini. OFakazi BakaJehova bahambisa izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ukuze basize labo abanesidingo ukuba bazuze kulowo mthombo wenduduzo ophefumulelwe uJehova.