Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 3/1 kk. 5-7
  • Balunqoba Ushushiso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Balunqoba Ushushiso
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukukhululwa Isikhashana
  • UbuFasi EHungary
  • Ejele EHungary, Ekamu Lokusebenza Kanzima ESerbia
  • IHungary Ibuswa AmaKhomanisi
  • Ukuphela Kwalo Lonke Ushushiso
  • Ngafunda Ukuncika KuJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Izenzo Zobubi ZobuNazi Ziyadalulwa
    I-Phaphama!—1995
  • Bashushiselwa Inkolo—Kungani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Ingxenye 3—Ofakazi Kuze Kube Sekugcineni Komhlaba
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 3/1 kk. 5-7

Balunqoba Ushushiso

UFRIEDA JESS wazalwa ngo-1911 eDenmark, base bethutha nabazali bakhe baya eHusum enyakatho yeJalimane. Eminyakeni eminingi kamuva wathola umsebenzi eMagdeburg, kwathi ngo-1930 wabhapathizwa njengoMfundi WeBhayibheli, okuyindlela oFakazi BakaJehova ababebizwa ngayo ngaleso sikhathi. UHitler waqala ukubusa ngo-1933, kuFrieda lokhu kwakuyisiqalo seminyaka engu-23 yokuphathwa kabi, hhayi nje uhulumeni owodwa wobushiqela, kodwa ababili.

Ngo-March 1933 uhulumeni waseJalimane wahlela ukuba kube nokhetho lukazwelonke. UDkt. Detlef Garbe owengamele iNeuengamme Concentration Camp Memorial eduze kwaseHamburg, uyachaza: “Ama-National Socialist ayefuna ukuphoqa iningi ukuba likhethe u-Adolf Hitler owayeyishansela futhi engumholi wawo.” OFakazi BakaJehova balalela isiyalo sikaJesu sokungathathi hlangothi kwezombusazwe ‘nesokungabi ingxenye yezwe,’ ngakho abavotanga. Waba yini umphumela? OFakazi bavinjelwa.—Johane 17:16.

UFrieda waqhubeka nemisebenzi yakhe yobuKristu, eyenza ngasese, esiza ngisho nasekunyatheliseni INqabayokulinda. Uthi: “Abanye omagazini babeshushumbiselwa esasikholwa nabo ababesemakamu okuhlushwa.” Waboshwa ngo-1940 waphenywa amaGestapo, ngemva kwalokho wachitha izinyanga evalelwe yedwa. Wakwazi kanjani ukukhuthazela? Uthi: “Isiphephelo sami kwakuwumthandazo. Ngangiqala ukuthandaza ekuseni kakhulu futhi ngithandaza kaningi ngosuku. Umthandazo wawunginikeza amandla futhi ungisiza ukuba ngingakhathazeki ngokweqile.”—Filipi 4:6, 7.

UFrieda wadedelwa, kodwa ngo-1944 amaGestapo aphinda futhi ambopha. Kulokhu wagwetshwa iminyaka engu-7 ejele laseWaldheim. UFrieda uyaqhubeka: “Onogada bangisebenzisa nabanye besifazane ezindlini zokugezela. Ngangivame ukusebenza nowesifazane waseCzechoslovakia, ngakho ngaxoxa kakhulu naye ngoJehova nangokholo lwami. Lezo zingxoxo zangigcina ngiqinile.”

Ukukhululwa Isikhashana

Iziboshwa ezaziboshwe eWaldheim zakhululwa amasosha aseSoviet ngo-May 1945, uFrieda wakhululeka ukuphindela eMagdeburg nasenkonzweni yakhe yasobala kodwa okwesikhashana. OFakazi baphinda futhi babandlululwa, kulokhu sebebandlululwa izikhulu zeNdawo Ephethwe ISoviet. UGerald Hacke weSikhungo Sokucwaninga Ngokubusa Kobushiqela I-Hannah-Arendt ubhala athi: “OFakazi BakaJehova babengelinye lamaqembu ambalwa omphakathi ashushiswa ngokuqhubekayo yiyo yomibili imibuso yobushiqela eJalimane.”

Kungani baphinda futhi babandlululwa? Nakulokhu futhi isizathu esiyinhloko kwakuwukungathathi hlangothi kobuKristu. Ngo-1948, kwenziwa inhlolo-vo eMpumalanga Jalimane, abantu beveza imibono yabo, futhi njengoba uHacke echaza, “imbangela eyinhloko [yokushushiswa koFakazi BakaJehova] kwakuwukuthi abahlanganyelanga kuleyo nhlolo-vo.” Ngo-August 1950, oFakazi BakaJehova bavinjelwa eMpumalanga Jalimane. Kwaboshwa amakhulu abo, kuhlanganise noFrieda.

UFrieda wazithola esenkantolo futhi, wagwetshwa iminyaka eyisithupha ejele. “Kulokhu ngangikanye nengikholwa nabo, futhi ukuba nabo kwakuwusizo olukhulu.” Lapho ededelwa ngo-1956, wathuthela eNtshonalanga Jalimane. UFrieda oseneminyaka engu-90 usehlala eHusum manje, futhi usakhonza uNkulunkulu weqiniso, uJehova.

UFrieda washushiswa iminyaka engu-23 yimibuso emibili yobushiqela. “AmaNazi azama ukungikhubaza ngokomzimba; amaKhomanisi azama ukuphula ubuqotho bami. Ngawathathaphi amandla? Imikhuba emihle yokutadisha iBhayibheli lapho ngisakhululekile, ukuthandaza njalo lapho ngivalelwe ngedwa, ukuhlangana nengikholwa nabo noma nini lapho kungenzeka, nokutshela abanye ngezinkolelo zami ngawo wonke amathuba.”

UbuFasi EHungary

Elinye izwe lapho oFakazi BakaJehova bakhuthazelela khona ubandlululo amashumi eminyaka iHungary. Abanye abashushiswanga imibuso emibili yobushiqela, kodwa emithathu. Esinye isibonelo u-Ádám Szinger. U-Ádám wazalwa ngo-1922, ePaks, eHungary, wakhuliswa njengomProthestani. Ngo-1937 kwafika abaFundi BeBhayibheli kubo ka-Ádám, ngokushesha wabonisa isithakazelo kulokho ababekusho. Lokho akuthola ngokutadisha iBhayibheli kwamkholisa ukuthi izimfundiso zesonto lakhe zazingasekelwe eBhayibhelini. Ngakho walishiya iSonto lamaProthestani wajoyina abaFundi BeBhayibheli enkonzweni yabo yasobala.

Ithonya lobuFasi lalikhula eHungary. Kwase kukaningi amaphoyisa ebona u-Ádám eshumayela endlini ngendlu ngakho ambamba ayomphenya. Ukucindezelwa koFakazi kwakhula, kwathi ngo-1939 umsebenzi wabo wavinjelwa. Ngo-1942, u-Ádám waboshwa, wafakwa ejele, washaywa kabuhlungu. Yini eyamsiza ukuba athi eneminyaka engu-19 akwazi ukukhuthazelela ukuhlupheka nokugqunywa ejele izinyanga eziningi? “Ngisesekhaya, ngangilitadisha ngokucophelela iBhayibheli futhi ngaziqonda kahle izinjongo zikaJehova.” U-Ádám waze wabhapathizwa njengoFakazi KaJehova ngemva kokudedelwa ejele. Kwakusebusuku ngo-August 1942, emfuleni oseduze nakubo.

Ejele EHungary, Ekamu Lokusebenza Kanzima ESerbia

Njengoba kwakuqhubeka impi yezwe yesibili, iHungary yalekelela iJalimane ekulweni neSoviet Union, ekwindla ka-1942, u-Ádám wabuthelwa kwezempi. Uyabika: “Ngabatshela ukuthi ngeke ngikwazi ukuya empini ngenxa yalokho engangikufunde eBhayibhelini. Ngachaza ukungathathi kwami uhlangothi.” Wagwetshwa iminyaka engu-11 ejele. Kodwa u-Ádám akahlalanga isikhathi eside eHungary.

Ngo-1943 kwaqoqwa oFakazi BakaJehova abangaba ngu-160, balayishwa emikhunjini, bahanjiswa ngoMfula iDanube bayiswa eSerbia. U-Ádám wayephakathi kwabo. Njengoba lezi ziboshwa seziseSerbia zase zingaphansi koMbuso Wesithathu kaHitler. Bavalelwa ekamu lokusebenza kanzima eBor baphoqelelwa ukuba basebenze emayini yethusi. Ngemva kwenkathi engaba unyaka, babuyiselwa eHungary, lapho u-Ádám akhululwa khona amasosha aseSoviet entwasahlobo ka-1945.

IHungary Ibuswa AmaKhomanisi

Nokho akubanga isikhathi eside ekhululekile. Ngasekupheleni kwawo-1940, iziphathimandla zamaKhomanisi eHungary zayibekela imingcele imisebenzi yoFakazi BakaJehova, njengoba nje amaFascist ayenzile ngaphambi kwempi. Ngo-1952, u-Ádám, manje owayeseneminyaka engu-29 ubudala futhi eshadile enezingane ezimbili waboshwa futhi wamangalelwa lapho ephinda futhi enqaba ukuya empini. U-Ádám wayichazela kanje inkantolo: “Angiqali ukwenqaba ukuya empini. Ngesikhathi sempi, ngaya ejele ngadingiselwa eSerbia ngesizathu esifanayo. Ngenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza wami. NginguFakazi KaJehova, angithathi hlangothi kwezombusazwe.” U-Ádám wagwetshwa iminyaka engu-8 ejele, kamuva yehliswa yaba mine.

U-Ádám waqhubeka ebandlululwa kwaze kwaba phakathi kwawo-1970, sekuphele iminyaka engaphezu kuka-35 abaFundi BeBhayibheli bafika okokuqala kubo. Phakathi naso sonke lesi sikhathi, izinkantolo ezingu-6 zamgweba iminyaka engu-23, wagqunywa emajele nasemakamu ayishumi. Wakhuthazelela ukushushiswa okunganqamuki ngaphansi kwemibuso emithathu—umbuso wobuFasi eHungary ngaphambi kwempi, owamaNazi aseJalimane eSerbia, nowamaKhomanisi eHungary ngesikhathi sempi yokubhekana ngeziqu zamehlo.

U-Ádám usahlala edolobheni lakubo lasePaks, ukhonza uNkulunkulu ngokwethembeka. Ingabe ukwazé ukukhuthazelela ubunzima ngempumelelo engaka ngoba enamandla angaphezu kwavamile? Cha. Uyachaza:

“Kwakubalulekile ukutadisha iBhayibheli, umthandazo, nokuhlangana nengikholwa nabo. Kodwa ngingathanda ukuqokomisa ezinye izinto ezimbili. Okokuqala, uJehova unguMthombo wamandla. Ubuhlobo obuseduze naye yibo obanginika amandla. Okwesibili, ngangikhumbula njalo amaRoma isahluko 12, athi: ‘Ningaziphindiseleli.’ Ngakho angizange ngilibambe igqubu. Kaningi ayevela amathuba okuziphindiselela kulabo ababengishushisa, kodwa angizange. Akufanele sisebenzise amandla uJehova asipha wona ukubuyisela okubi ngokubi.”

Ukuphela Kwalo Lonke Ushushiso

Manje uFrieda no-Ádám bayakwazi ukukhonza uJehova ngaphandle kokuphazamiseka. Nokho, lokho okwenzeka kubo kwembulani ngokushushiselwa inkolo? Kwembula ukuthi ushushiso olunjalo aluphumeleli—okungenani uma lubhekiswe kumaKristu eqiniso. Nakuba ukushushisa oFakazi BakaJehova kwachitha izimali eziningi kwabangela nokuhlupheka okunonya, kwahluleka ukufeza injongo yako. Namuhla, oFakazi BakaJehova bayachuma eYurophu lapho kwake kwabusa khona imibuso emikhulu yobushiqela.

Benze njani oFakazi lapho beshushiswa? Njengoba indaba kaFrieda no-Ádám ibonisa, basebenzisa lesi seluleko seBhayibheli: “Ungazivumeli ukuba unqotshwe okubi, kodwa qhubeka unqoba okubi ngokuhle.” (Roma 12:21) Ingabe okuhle kungakunqoba ngempela okubi? Yebo, uma kubangelwa ukholo oluqinile kuNkulunkulu. Ukunqoba koFakazi BakaJehova ushushiso eYurophu kwakuwukunqoba komoya kaNkulunkulu, ukubonakaliswa kwamandla okwenza okuhle okubangelwa ukholo olukhiqizwa umoya ongcwele kumaKristu athobekile. (Galathiya 5:22, 23) Leso yisifundo sonke esingasifunda kuleli zwe lanamuhla elinobudlova.

[Izithombe ekhasini 5]

UFrieda Jess (manje osengowakwaThiele) ngesikhathi eboshwa namanje

[Izithombe ekhasini 7]

U-Ádám Szinger ngesikhathi eboshiwe namanje

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela