Bashushiselwa Inkolo—Kungani?
INGABE ucabanga ukuthi kufanele abantu bashushiswe ngenxa yenkolo yabo? Cishe awucabangi kanjalo—okungenani uma nje bengagxambukeli emalungelweni abanye abantu. Noma kunjalo, ukushushiselwa inkolo kade kwaba khona futhi kusekhona namanje. Ngokwesibonelo, oFakazi BakaJehova abaningi eYurophu nakwezinye izingxenye zomhlaba kaningi baphucwa amalungelo abo baphathwa ngonya kulo lonke ikhulu lama-20.
Phakathi naleso sikhathi, oFakazi BakaJehova babhekana noshushiso olunonya, oluhleliwe nolwathatha isikhathi eside ngaphansi kwayo yomibili imibuso emikhulu yomashiqela eYurophu. Sifundani kulokhu okwenzeka kubo ngokushushiselwa inkolo? Futhi yini esingayifunda endleleni ababhekana ngayo nosizi?
“Abayona Ingxenye Yezwe”
OFakazi BakaJehova balwela ukuba abantu abagcina umthetho, abanokuthula nabaziphethe kahle. Abamelani nohulumeni noma bafune ukulwa nabo, futhi abazibangeli ushushiso ngoba befuna ukuba abafel’ ukholo. La maKristu awathathi hlangothi kwezombusazwe. Lokhu kuvumelana namazwi kaJesu athi: “[Abalandeli bami] abayona ingxenye yezwe, njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe.” (Johane 17:16) Ohulumeni abaningi bayakwamukela ukungathathi hlangothi koFakazi. Kodwa ababusi abangomashiqela abayihloniphi imfuneko yeBhayibheli yokuba amaKristu angabi yingxenye yezwe.
Isizathu salokhu sachazwa emhlanganweni owawuse-University of Heidelberg, eJalimane, ngo-November 2000. Lo mhlangano wawunesihloko esithi “Ukuvinjelwa Nokufuna Amalungelo: OFakazi BakaJehova Ngaphansi Komashiqela Bama-National Socialist NabamaKhomanisi [Repression and Self-Assertion: Jehovah’s Witnesses Under the National Socialist and Communist Dictatorships].” UDkt. Clemens Vollnhals weSikhungo Sokucwaninga Ngokubusa Kobushiqela I-Hannah-Arendt (Hannah-Arendt-Institute for Research Into Totalitarianism) wathi: “Imibuso yomashiqela ayigcini kwezombusazwe. Ifuna ukuthotshelwa kuzo zonke izici.”
AmaKristu eqiniso awakwazi ‘ukuthobela’ ohulumeni babantu “kuzo zonke izici” ngoba afunge ukuthi ayothembeka ngokuphelele kuJehova uNkulunkulu kuphela. OFakazi abahlala emazweni abuswa omashiqela baye bathola ukuthi ngezinye izikhathi kuba khona ukungqubuzana phakathi kwalokho okufunwa uMbuso nalokho okufunwa inkolo yabo. Yini abaye bayenza lapho kuba nalokhu kungqubuzana? Kuwo wonke umlando wabo, oFakazi BakaJehova baye basebenzisa ekuphileni kwabo isimiso esashiwo abafundi bakaJesu Kristu, esithi: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.”—IzEnzo 5:29.
Izinkulungwane zoFakazi ziye zahlala zithembekile ezinkolelweni zazo futhi zahlala zingathathi hlangothi kwezombusazwe, naphezu koshushiso olunonya kunalo lonke. Bakwazi kanjani ukukhuthazela? Bawathathaphi amandla okukhuthazela? Mabaziphendulele. Ake sibone ukuthi yini wonke umuntu, onguFakazi nongeyena, angayifunda kulokhu okwenzeka kubo.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]
OFakazi BakaJehova eJalimane babhekana noshushiso olunonya futhi olwathatha isikhathi eside ngaphansi kwayo yomibili imibuso yomashiqela yangekhulu lama-20
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]
“Imibuso yomashiqela ayigcini kwezombusazwe. Ifuna ukuthotshelwa kuzo zonke izici.”—UDkt. Clemens Vollnhals
[Isithombe ekhasini 4]
Umkhaya wakwaKusserow waphucwa inkululeko yawo ngoba wawungafuni ukulahla ukholo lwawo
[Isithombe ekhasini 4]
UJohannes Harms wabulawelwa ejele lamaNazi ngenxa yezinkolelo zakhe