Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 2/15 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Funda IZwi LikaJehova Nsuku Zonke!
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • ‘Yimuphi-ke Umphathi Othembekileyo Noqondileyo?’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Indlela UJehova Asisiza Ngayo Sikhuthazele Ngenjabulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Hlala Ulindile, Mphathi Othembekile!
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 2/15 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

Kungani u-Isaya 30:21 ekhuluma ngokuthi izwi likaJehova lizwakala “ngemva kwakho,” ngoba ivesi elandulelayo libonisa ukuthi uJehova ungaphambili njengoba lithi, “Amehlo akho ayoba ngamehlo ambonayo uMfundisi wakho Omkhulu”?

U-Isaya 30:20, 21 uthi: “UMfundisi wakho Omkhulu ngeke esazifihla, futhi amehlo akho ayoba ngamehlo ambonayo uMfundisi wakho Omkhulu. Futhi izindlebe zakho ziyozwa izwi ngemva kwakho lithi: ‘Nansi indlela. Hambani ngayo,’ uma kwenzeka niya ngakwesokunene noma niya ngakwesobunxele.”

Uma umfundi ewathatha njengoba enjalo la mazwi, ubona uJehova, uMfundisi Omkhulu, engaphambi kwakhe kodwa uzwa izwi laKhe ngemva kwakhe. Nokho, la mazwi awumfanekiso futhi kufanele aqondwe ngaleyo ndlela.

Umfanekiso ivesi 20 eliwuletha engqondweni yilowo wenceku ekhonza inkosi yayo, ehlala ilungele ukwenza iziyalezo zenkosi yayo. Njengenceku ebukisisa isandla senkosi yayo ukuze ibone ukuthi ifunani, abantu bakaJehova namuhla bagxilise amehlo abo eziyalezweni ezisekelwe eBhayibhelini uJehova azinikeza ngokuqhubekayo ngenhlangano yakhe yasemhlabeni. (IHubo 123:1, 2) Yebo, balandela isiqondiso sakhe, bephaphamele noma yini uJehova ayishoyo ‘ngenceku ethembekile neqondayo.’—Mathewu 24:45-47.

Kuthiwani-ke ngezwi izinceku zakhe ezilizwa ngemva kwazo? Kunengqondo ukuphetha ngokuthi izwi elizwakala ngemuva yizwi likaNkulunkulu langesikhathi esidlule, alikhuluma eZwini lakhe elilotshiwe elicaciswa ‘umphathi othembekile.’ (Luka 12:42) Izinceku zikaNkulunkulu zanamuhla zizwa izwi lakhe ngokutadisha iBhayibheli ngenkuthalo nangokusebenzisa izimiso zalo ekuphileni kwazo zisizwa izincwadi ezilungiselelwa ‘yinceku ethembekile neqondayo,’ ‘umphathi othembekile.’ Ngokuthembela esiqondisweni esifike ngesikhathi esinikezwa uMfundisi Omkhulu, nangokusiphaphamela, futhi zitadishe iZwi likaNkulunkulu, elalotshwa emakhulwini eminyaka adlule, izinceku zakhe zimbona ngokomfanekiso ngaphambi kwazo futhi zizwe izwi lakhe ngemva kwazo.—Roma 15:4.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela