Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/00 k. 3
  • Funda IZwi LikaJehova Nsuku Zonke!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Funda IZwi LikaJehova Nsuku Zonke!
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isimiso Somkhaya—Itekisi Losuku
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Indlela UJehova Asisiza Ngayo Sikhuthazele Ngenjabulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Ukudla Okungokomoya Kwansuku Zonke—Kubalulekile Emkhayeni WamaKristu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
km 1/00 k. 3

Funda IZwi LikaJehova Nsuku Zonke!

1 Usuku ngalunye lubekela ukholo lwakho izinselele ezintsha. Mhlawumbe umuntu wezwe ojwayelene naye ulokhu ekunxenxela ukuba uthandane naye. Uthisha wakho ufuna ukuba ufundele umsebenzi othile wokuziphilisa, noma umqashi wakho ufuna ukuba usebenze amahora engeziwe. Kungenzeka ukuthi impilo yakho iyawohloka. Nakuba ungase wehlelwe izilingo ezinjalo noma nini, awuwedwa. UJehova ukulungele ukukunikeza ukuhlakanipha okudingayo kokubhekana nazo. Ukucabangela umbhalo weBhayibheli nokukhulunyelwa kwawo kwethi Ukuhlola ImiBhalo kungenye yezindlela ongafunda ngayo iZwi likaJehova njalo. Ingabe uyalisebenzisa leli lungiselelo?

2 Usizo Luyatholakala: U-Isaya 30:20 uchaza uJehova ngokuthi ‘uMfundisi Omkhulu Kakhulu’ abantu bakaNkulunkulu abangacela kuye usizo. Ukunikeza lokho kanye okudingayo ukuze ubhekane nezinselele zokholo lwakho. Kanjani? Ivesi elilandelayo liyachaza: “Nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: Nansi indlela; hambani ngayo.” Namuhla uJehova ukhipha “izwi” lakhe ngemiBhalo nezincwadi ‘zesigqila esikholekile.’ (Math. 24:45) Ezihlokweni nje ze-Nqabayokulinda zesikhathi esidlule kunengcebo yokuhlakanipha, zithinta cishe zonke izici zokuphila komKristu. Ukubukeza lezo ezicashunwe kwethi Ukuhlola ImiBhalo kukusiza ukuba wakhe inqolobane yolwazi oluyigugu ekubhekaneni nezilingo zalo lonke uhlobo.—Isaya 48:17.

3 Yenza Isikhathi Sako: Ngisho noma ayematasa ngezikhathi zasekuseni, omunye umama wayeqikelela ukuthi lapho indodana yakhe idla ukudla kwasekuseni ufunda futhi axoxe nayo ngetekisi kanye nokukhulunyelwa kwalo. La mazwi kanye nomthandazo ayengamazwi okugcina eyayiwezwa njalo ekuseni ngaphambi kokuba iye esikoleni. Ayeyiqinisa ukuba imelane nokuyenga kobulili, ingayekethisi lapho ibhekene nobuzwe, futhi inikeze ubufakazi ngesibindi kubafundi nakothisha. Nakuba kwakuyiyo yodwa uFakazi esikoleni, ayikaze izizwe isele dengwane.

4 Funa usizo nesiqondiso kuJehova naseZwini lakhe. Uma wenza kanjalo, uyoba ngokoqobo kuwe, njengomngane othembekile. Phendukela kuyena nsuku zonke! Ukanye nezigidi zabanye emhlabeni wonke abahlola iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke, sengathi ungathola ukuthi amehlo akho aba ‘amehlo abona uMfundisi Omkhulu.’

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela