Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 2/15 k. 3
  • Ukukholelwa KuNkulunkulu Okungenzeka Asimazi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukukholelwa KuNkulunkulu Okungenzeka Asimazi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uyamazi Yini UNkulunkulu Ukuthi Ungumuntu Onjani?
  • Singamazi Yini UNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
  • Yini Ongayenza Ukuze Umazi Kahle UNkulunkulu?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Indalo Noma Ukuziphendukela Kwemvelo?—Ingxenye 1: Kungani Kufanele Ukholelwe KuNkulunkulu?
    Intsha Iyabuza
  • UJehova—UNkulunkulu Ofanelwe Ukwaziwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 2/15 k. 3

Ukukholelwa KuNkulunkulu Okungenzeka Asimazi

ABANTU ababili kwabathathu eJalimane bayakholelwa kuNkulunkulu. Nokho, lapho abangaphezu kwenkulungwane becelwa ukuba bachaze uNkulunkulu abakholelwa kuye, cishe yilowo nalowo wanikeza impendulo ehlukile. “Abantu baseJalimane banemibono ehlukahlukene ngoNkulunkulu njengokuhlukana kwabo,” kubika umagazini i-FOCUS. Nakuba ukukholelwa kuNkulunkulu kukuhle, akuyona yini into edabukisayo ukukholelwa kuye ube ungamazi nokuthi unjani?

Lokhu kungaqiniseki ngobunjalo bukaNkulunkulu akukho eJalimane kuphela; kukhona nakwezinye izindawo eYurophu. Ukuhlola okwenziwa e-Austria, eBrithani, naseNetherlands kwaveza ukuthi abantu abaningi bavumelana ngokuthi uNkulunkulu “ungamandla aphakeme noma imfihlakalo engachazeki.” Uyimfihlakalo ikakhulukazi entsheni, ngisho nakuleyo ethi iyakholelwa kuye.

Uyamazi Yini UNkulunkulu Ukuthi Ungumuntu Onjani?

Kunomahluko omkhulu phakathi kokwazi ngomuntu nokwazi ukuthi ungumuntu onjani. Ukwazi ngomuntu—umbusi osezweni elikude, umsubathi ophambili, isilomo samafilimu—kumane kuwukwazi ukuthi ukhona. Nokho, ukwazi ukuthi umuntu unjani kusho okungaphezulu kakhulu kwalokho. Kuhilela ukwazi ubuntu bakhe, ukuziphatha kwakhe, imizwa yakhe, akuthandayo nangakuthandi, nemigomo yakhe yesikhathi esizayo. Ukwazi ukuthi umuntu unjani kuvula indlela yokuba nobuhlobo obuseduze naye.

Abantu abangamakhulu ezinkulungwane baye baphetha ngokuthi ukuba nombono ofiphele ngoNkulunkulu—noma ukwazi nje ngaye—akwanele. Benze okungaphezulu kakhulu kwalokho ngokumazela eduze uNkulunkulu. Ingabe bakuthole kunenzuzo? Indoda okuthiwa uPaul, ehlala enyakatho yeJalimane futhi eyayikade ikholelwa kuNkulunkulu ngendlela evamile, yanquma ukumazi kangcono ukuthi ungumuntu onjani. UPaul uyachaza: “Kuthatha isikhathi nomzamo ukumazi kahle uNkulunkulu, kodwa izinzuzo zinkulu. Ukuba nobuhlobo obuseduze noMdali kwenza ukuphila kwansuku zonke kube ngcono kakhulu.”

Ingabe ukumazela eduze uNkulunkulu kusifanele isikhathi nomzamo okuwuthathayo? Sicela ufunde isihloko esilandelayo.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]

Kunomahluko omkhulu phakathi kokwazi ngomuntu nokwazi ukuthi ungumuntu onjani

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela