Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp19 No. 1 k. 3
  • Singamazi Yini UNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Singamazi Yini UNkulunkulu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini Ongayenza Ukuze Umazi Kahle UNkulunkulu?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ingabe Uyamazi UYihlo Wasezulwini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Ungubani UNkulunkulu?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Liyini Iqiniso NgoNkulunkulu?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
wp19 No. 1 k. 3
Indoda ibuka indawo enhle

Singamazi Yini Unkulunkulu?

Abantu abaningi bathi bayakholelwa kuNkulunkulu. Kodwa uma ubabuza ukuthi uNkulunkulu ungubani, uthola izimpendulo ezingafani. Abanye bathi uyijaji elingenazwela elifuna ukujezisa abantu. Abanye bathi uhlale enothando futhi uyaxolela kungakhathaliseki ukuthi umuntu wenzeni. Kanti abanye bakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukude futhi akanandaba nathi. Ngenxa yokuthi kunemibono eminingi engafani, abaningi baphetha ngokuthi asisoze sazi ukuthi uNkulunkulu ungubani ngempela.

Kubalulekile yini ukumazi? Yebo kubalulekile. Ukwazi uNkulunkulu kungakusiza wazi ukuthi uphilelani futhi ukujabulele nakakhulu ukuphila. (IzEnzo 17:26-28) Uma uqhubeka usondelana noNkulunkulu, uzokusiza futhi akuthande nakakhulu. (Jakobe 4:8) Okubaluleke nakakhulu ukuthi ukumazi kahle uNkulunkulu kungakunikeza ukuphila okuphakade.—Johane 17:3.

Ungamazi kanjani uNkulunkulu? Ake ucabange ngomngane wakho omazi kahle. Naba kanjani abangane? Kungenzeka ukuthi waqale wazi igama lakhe, ubuntu bakhe, izinto azithandayo nangazithandi, izinto ahlela ukuzenza nokunye okuningi. Ukwazi izinto ezithile ngaye, yikho okwakwenza wasondelana naye.

Ngendlela efanayo, uNkulunkulu singamazi ngokuthola izimpendulo zale mibuzo:

  • UBANI IGAMA LIKANKULUNKULU?

  • UNJANI UNKULUNKULU?

  • YINI UNKULUNKULU AYENZILE?

  • YINI UNKULUNKULU ASAZOYENZA?

  • KUNGAKUSIZA KANJANI UKWAZI UNKULUNKULU?

Lo magazini ubhalelwe ukukunika izimpendulo zale mibuzo. Lezi zihloko zizokusiza ufunde ukuthi ungubani uNkulunkulu, nokuthi kuzokusiza ngani ukuba umngane wakhe.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela