Ingabe Kukhona Okungenza Abantu Babe Munye Ngempela?
KUNGAKHATHALISEKI ukuthi ziyini izinkolelo zakho, mhlawumbe uyavuma ukuthi kumelwe ukuba cishe zonke izinkolo zinabo abathandi beqiniso. Abantu abalazisa kakhulu iqiniso futhi abazimisele ukulifuna bayatholakala kumaHindu, amaKatolika, amaJuda nabanye. Nokho, inkolo ibonakala isihlukanisa isintu. Abanye baze bayisebenzisele nezinhloso ezimbi inkolo. Ingabe kuyoke kwenzeke ukuba abantu abaqotho bazo zonke izinkolo abathanda ukulunga neqiniso babe munye? Ingabe bangahlanganiselwa ndawonye enjongweni eyodwa?
Yeka ukuthi kuphazamisa kanjani ukubona ukuthi inkolo iba yimbangela yokuhlukana ngezinga elikhulayo! Cabanga ngezinye zalezi zimpi. AmaHindu alwa namaBuddha eSri Lanka. AmaProthestani, amaKatolika namaJuda aye achitha igazi ezimpini ezihlukahlukene. “AmaKristu” alwa namaSulumane eBosnia, eChechnya, e-Indonesia naseKosovo. Futhi ngo-March 2000, impi yezinsuku ezimbili ehlobene nenkolo yakhipha izidumbu ezingu-300 zabantu baseNigeria. Yebo, yinzondo engokwenkolo eye yabasela lezi zimpi.
Abantu abaqotho ngokuvamile buyabadumaza ububi obenziwa ngenxa yenkolo. Ngokwesibonelo, abantu abaningi abasontayo kuyabashaqisa ukuthi abefundisi abaye banukubeza izingane ngobulili baye bayekelelwa ngokomthetho emasontweni athile. Amanye amakholwa aphoxeke kakhulu ngenxa yoqhekeko olusemahlelweni amaningi okuthiwa ngawobuKristu, olubangelwa yizinto ezinjengobungqingili nokukhipha isisu. Kusobala ukuthi inkolo ayisenzanga isintu saba munye. Nokho, ezinkolweni eziningi kunabathandi beqiniso abaqotho, njengoba izindaba ezilandelayo zibonisa.
Babelangazelela Iqiniso
UFidelia wayengumkhulekeli oqotho nozinikele eChurch of San Francisco yobuKatolika eseLa Paz, eBolivia. Wayeguqa phambi kwesithombe sikaMariya, phambi kwesiphambano abeke amakhandlela angcono kunawo wonke ayengawathenga. Isonto ngalinye, wayenikela ngokudla okuningi kumpristi ukuze kwabelwe abampofu. Nokho, izingane ezinhlanu zikaFidelia zashona ngaphambi kokuba zibhapathizwe. Lapho umpristi emtshela ukuthi zonke zazisezinhlungwini ebumnyameni baseLimbo, uFidelia wazibuza, ‘Uma uNkulunkulu enothando, kungenzeka kanjani lokho?’
UTara, ongudokotela, wakhula engumHindu eKathmandu, eNepal. Elandela amasiko oyisemkhulu asenamakhulu eminyaka, wayekhulekela onkulunkulu bakhe emathempelini obuHindu futhi enezithixo emzini wakhe. Kodwa uTara wayexakwa yimibuzo enjengalena: Kungani kunokuhlupheka okungaka? Kungani abantu befa? Akatholanga zimpendulo ezanelisayo enkolweni yakhe.
Ngakolunye uhlangothi, uPanya wakhula engumBuddha emzini ongasemfudlaneni eBangkok, eThailand. Wafundiswa ukuthi ukuhlupheka kubangelwa yizenzo ezenziwe ekuphileni okudlule, nokuthi umuntu angayeka ukuhlupheka uma esusa zonke izifiso anazo. Njengamanye amaBuddha aqotho, wafundiswa ukukuhlonipha ngokujulile ukuhlakanipha kwezindela ezigqoka izivatho eziphuzi ezazifika kubo njalo entathakusa zizokwamukeliswa izipho. Wayezindla futhi eqoqa izithombe zikaBuddha, ekholelwa ukuthi zaziyomvikela. Ngemva kokuhileleka engozini embi, eyamkhubaza kusukela okhalweni kwehle, uPanya wavakashela imizi yezindela zamaBuddha, ethemba ngobuqotho ukuthi wayeyokwelapheka ngokuyisimangaliso. Akatholanga kwelashwa nakukhanyiselwa okungokomoya. Kunalokho, wachayeka emimoyeni futhi waqala ukusebenzelana nayo ngezikhathi ezithile.
UVirgil wazalelwa e-United States wayesezibandakanya namaBlack Muslim ekolishi. Wasakaza izincwadi zawo ngentshiseko, ezazithi uDeveli ngumlungu. Ayecabanga ukuthi yilokho okwenza abelungu babahlukumeze kangaka abantu abansundu. Nakuba ayeqotho ezinkolelweni zakhe, uVirgil wayehlushwa yimibuzo enjengokuthi: Kungenzeka kanjani ukuba bonke abelungu babe babi? Futhi kungani kugxilwa kangaka emalini uma kushunyayelwa?
Nakuba uCharo akhulela eNingizimu Melika egcwele ubuKatolika, wayengumProthestani oqotho. Wayejabula ngokuthi wayengakhonzi izithombe njengabaningi abamzungezile. UCharo wayekujabulela ukuya esontweni njalo ngeSonto enkonzweni egcwele intshiseko, lapho ayememeza khona ethi “Haleluya!” ahlanganyele nasekuhlabeleleni nasekugideni okwakulandela. UCharo wayekholelwa ngobuqotho ukuthi wayesindisiwe futhi ezelwe kabusha. Wayekhokha okweshumi kweholo lakhe esontweni, futhi lapho umvangeli waku-TV ayemthanda kakhulu ecela iminikelo, wamthumelela imali ukuze isize izingane e-Afrika. Nokho, lapho ebuza umfundisi wakhe ukuthi kungani uNkulunkulu onothando eshisa imiphefumulo phakade esihogweni, waqaphela ukuthi umfundisi wayengenampendulo enengqondo. Kamuva, wathola nokuthi iminikelo yakhe ayisetshenziselwanga ukusiza izingane e-Afrika.
Nakuba benezizinda ezingafani, laba bantu abahlanu babefana ngokuthile. Babelithanda iqiniso futhi bezifuna ngobuqotho izimpendulo eziyiqiniso zemibuzo yabo. Kodwa ingabe bangaba munye ngempela ekukhulekeleni kweqiniso? Isihloko esilandelayo sizophendula lowo mbuzo.
[Isithombe ekhasini 4]
Kungenzeka yini ukuba abantu bezizinda ezingafani babe munye ngempela?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
G.P.O., Jerusalem