Ukukhulekela Kweqiniso Kwenza Abantu Babe Munye
NAKUBA inkolo ngokuvamile isihlukanisa isintu, ukukhulekelwa kwalowo owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso kunamandla okwenza abantu babe munye. Lapho u-Israyeli eyisizwe sikaNkulunkulu esikhethiwe, abeZizwe abaningi abaqotho bakhangwa ukukhulekela kweqiniso. Ngokwesibonelo, uRuthe wabashiya onkulunkulu besizwe sakubo sakwaMowabi wathi kuNawomi: “Abantu bakho bayakuba ngabantu bami, uNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami.” (Ruthe 1:16) Ekhulwini lokuqala C.E., inani elikhulu labeZizwe lase lingabakhulekeli bakaNkulunkulu weqiniso. (IzEnzo 13:48; 17:4) Kamuva lapho abaphostoli bakaJesu beqala ukuyisa izindaba ezinhle ezindaweni ezikude, nabanye abantu abaqotho baba munye ekukhulekeleni uNkulunkulu weqiniso. “Naphenduka . . . ezithombeni zenu niphendukela kuNkulunkulu ukuze nibe izigqila zikaNkulunkulu ophilayo noweqiniso,” kubhala umphostoli uPawulu. (1 Thesalonika 1:9) Ingabe ukukhulekela uNkulunkulu weqiniso kunawo amandla anjalo abangela ubunye namuhla?
Abagxeki bathi kuyiphutha ukukhuluma “ngabakhulekeli beqiniso” noma “ngoNkulunkulu weqiniso.” Bangase babe nalowo muzwa ngoba kungekho mthombo abawaziyo okungatholakala kuwo iqiniso. Kodwa abafuni beqiniso bezizinda eziningi baye baqaphela ukuthi ukukhulekela akuyi nje ngokuthi wena uthandani. Owukuphela kwakhe ofanelwe ukuba simkhulekele nguMdali wazo zonke izinto—uJehova uNkulunkulu. (IsAmbulo 4:11) UnguNkulunkulu weqiniso, futhi unelungelo lokunquma ukuthi kufanele akhulekelwe kanjani.
Ukuze asisize siqonde izimfuneko zakhe, uJehova uye wakhuluma nathi ngeZwi lakhe, iBhayibheli. Cishe wonke umuntu emhlabeni namuhla uyakwazi ukuthola iBhayibheli eliphelele noma izingxenye zalo. Ngaphezu kwalokho, iNdodana kaNkulunkulu yathi: “Uma nihlala ezwini lami, . . . niyolazi iqiniso.” (Johane 8:31, 32) Ngakho-ke, ukwazi iqiniso kuyinto engenzeka. Futhi izigidi zabantu abanhliziyo ziqotho bezizinda ezihlukahlukene ezingokwenkolo zilamukela ngesibindi leli qiniso futhi ziba munye ekukhulekeleni kweqiniso.—Mathewu 28:19, 20; IsAmbulo 7:9, 10.
Ubunye Bomhlaba Wonke Esikhathini Sethu!
Encwadini yeBhayibheli kaZefaniya kunesiprofetho esimangalisayo esikhuluma ngokuhlangana kwabantu bezizinda ezihlukahlukene. Sithi: “Ngaleso sikhathi [mina Jehova uNkulunkulu] ngiyokwenza izizwe ukuba zishintshele olimini oluhlanzekile, ukuze zonke zibize igama likaJehova, ukuze zimkhonze ngokubambisana.” (Zefaniya 3:9, NW) Yeka ukuthi lona umfanekiso omuhle kanjani wezizwe eziguquliwe ezikhonza uNkulunkulu ngobunye!
Kwakuyokwenzeka nini lokhu? UZefaniya 3:8 uthi: “‘Ngilindeleni,’ usho uJehova, ‘kuze kube lusuku engivuka ngalo ukuba ngiphange, ngokuba kuyisinqumo sami ukubutha izizwe ukuba ngiqoqe imibuso, ukuze ngithulule phezu kwabo intukuthelo yami, lonke ulaka lwami oluvuthayo, ngokuba wonke umhlaba uyakudliwa ngumlilo womhawu wami.’” Yebo, phakathi nesikhathi uJehova abutha ngaso izizwe kodwa ngaphambi kokuba athulule phezu kwazo ulaka lwakhe oluvuthayo, unika abathobekileyo bomhlaba ulimi oluhlanzekile. Leso sikhathi simanje, ngoba ukubuthelwa kwazo zonke izizwe empini yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke e-Armagedoni kuyaqhubeka kakade.—IsAmbulo 16:14, 16.
Ukuze enze abantu bakhe babe munye, uJehova ubanika ulimi oluhlanzekile. Lolu limi olusha luhlanganisa ukuqondwa okufanele kweqiniso leBhayibheli eliphathelene noNkulunkulu nezinjongo zakhe. Ukukhuluma ulimi oluhlanzekile kuhilela ukukholelwa eqinisweni, ukulifundisa abanye nokuphila ngokuvumelana nemithetho nezimiso zikaNkulunkulu. Kudinga ukugwema ezombangazwe ezibangela ukuhlukana nokususa enhliziyweni izimo zengqondo zobugovu ezandile kuleli zwe, ezinjengobuhlanga nobuzwe obuhlukanisayo. (Johane 17:14; IzEnzo 10:34, 35) Bonke abanhliziyo ziqotho abalithandayo iqiniso bangalufunda lolu limi. Bheka indlela abantu abahlanu okukhulunywe ngabo esihlokweni esandulele—ababehlukene kakhulu ngokwenkolo—abamunye ngayo manje ekukhulekeleni owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, uJehova.
Bamunye Ekukhulekeleni Kweqiniso
Lapho uFidelia, umRoma Katolika ozinikele, ethengela indodakazi yakhe iBhayibheli ukuze yenze umsebenzi wesikole, wacela umpristi wakhe ukuba amchazele ngalokho okwakwenzeke ezinganeni zakhe ezinhlanu ezazishonile. “Angive ngadumala!” esho. Ngakho lapho kufika oFakazi BakaJehova kwakhe, wababuza umbuzo othi awufane. Lapho efunda eBhayibhelini lakhe iqiniso mayelana nesimo sabafileyo, wabona ukuthi isonto lalimkhohlise kangakanani. Wathola ukuthi abafileyo abazi lutho futhi ngenxa yalokho abahlupheki eLimbo, nanoma yikuphi kwenye indawo. (IHubo 146:4; UmShumayeli 9:5) UFidelia walahla zonke izithombe zakhe zenkolo, walishiya isonto wayeseqala ukutadisha iBhayibheli. (1 Johane 5:21) Kule minyaka eyishumi edlule, ulokhu ejabulela ukufundisa abanye iqiniso elingokomBhalo.
UTara waseKathmandu wathuthela ezweni elinamathempeli ambalwa obuHindu. Ngakho-ke, wavakashela isonto laseWeseli enethemba lokwanelisa izidingo zakhe ezingokomoya. Kodwa akatholanga zimpendulo zombuzo wakhe mayelana nokuhlupheka kwabantu. Wabe esehlangana noFakazi BakaJehova bacela ukutadisha naye iBhayibheli. UTara uthi: “Ngaqala ukubona ukuthi uNkulunkulu wothando akanakubangela konke lokhu kuhlupheka okusemhlabeni . . . Langijabulisa ithemba lezwe elisha elinokuthula nobunye.” (IsAmbulo 21:3, 4) UTara walahla izithombe zakhe zobuHindu, wayeka ukulandela amasiko enkolo yezwe lakubo futhi njengoFakazi kaJehova wathola injabulo yangempela ngokusiza ekwaneliseni izidingo ezingokomoya zabanye.
UPanya, umBuddha, wayengumbikezeli wenhlanhla lapho oFakazi BakaJehova beqala ukufika kwakhe eBangkok, ngakho iziprofetho eziseBhayibhelini zamkhanga. UPanya walandisa: “Lapho ngithola ukuthi kungani izimo zanamuhla zihlukile kulezo uMdali ayezihlosile ekuqaleni nokuthi uhlela ukuwulungisa kanjani umonakalo owadalwa yilabo abenqaba yena nokubusa kwakhe, kwaba sengathi kususwe isigubuzelo emehlweni ami. Yonke into eshiwo yisigijimi seBhayibheli yayivumelana kahle kakhulu. Ngaqala ukumthanda uJehova njengomuntu; lokhu kwangishukumisela ukuba ngenze lokho engangikwazi ukuthi kulungile. Ngangizimisele ukusiza abanye babone umahluko phakathi kokuhlakanipha kwabantu nokuhlakanipha kokuhlonipha uNkulunkulu. Ukuhlakanipha kweqiniso kuye kwakushintsha ngempela ukuphila kwami.”
Ngokuhamba kwesikhathi, uVirgil waqala ukuzingabaza kakhulu izinkolelo zakhe zenkolo. Kunokuba athandaze kuNkulunkulu ecela indlela yokusiza abantu abansundu kulokho ayekubheka njengenhlangano enobuhlanga, eyayibonakala idala inzondo ngabelungu, wathandazela iqiniso, kungakhathaliseki ukuthi liyini noma litholakalaphi. “Lapho ngivuka ngakusasa ngemva kokuthandaza kuNkulunkulu ngobuqotho,” kukhumbula uVirgil, “ngathola umagazini INqabayokulinda endlini. . . . Kumelwe ukuba kukhona owawufaka ngaphansi kwesicabha.” Ngokushesha wayesetadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova ngentshiseko. Uyaqhubeka: “Okokuqala ngqá ekuphileni kwami, ngazizwa nganelisekile. . . . Kwaqala ukulokoza inhlansi yethemba ngaphakathi kimi.” Kungakabiphi, uVirgil wayesemunye nalabo abanika abantu okuwukuphela kwethemba langempela njengoba livezwe eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli.
UCharo waseLatin America wahlabeka umxhwele lapho uFakazi okuthiwa uGladys ebona ukuthi wayehlushwa yizingane zakhe ezincane wayeseqala ukumsiza ngokumyisa emakethe. Ngokuhamba kwesikhathi, uCharo wamukela isicelo sikaGladys—sokumqhubela isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala. Lapho uCharo ethola eBhayibhelini lakhe ukuthi akubona bonke abantu abalungile abaya ezulwini kodwa kunalokho uJehova uyobusisa nabantu abasemhlabeni ngokuphila okuphakade, wamangala. (IHubo 37:11, 29) NoCharo useneminyaka engu-15 ehlanganyela leli themba nabanye.
Cabanga lapho umhlaba wonke usugcwele abantu abaqotho abamunye ekukhulekeleni uJehova, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso! Akulona iphupho leli. Yilokho uJehova akuthembisile. Ngomprofethi wakhe uZefaniya, uNkulunkulu wathi: ‘Ngiyakushiya phakathi kwakho abantu abahluphekayo nabampofu; bayakwethemba igama likaJehova. Abayikwenza okubi, bangakhulumi amanga, kungafunyanwa emlonyeni wabo ulimi olukhohlisayo, kungekho obesabisayo.’ (Zefaniya 3:12, 13) Uma lesi sithembiso sikukhanga, lalela ukunxusa kweBhayibheli: “Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlaba enisebenzile ukwahlulela kwakhe; funani ukulunga; funani ukuthobeka; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.”—Zefaniya 2:3.