Benza Intando KaJehova
Umnikelo Wokuzithandela Wokuthuthukisa Ukukhulekela Okumsulwa
AMA-ISRAYELI azibonela mathupha amandla kaJehova asindisayo. Abona amanzi oLwandle Olubomvu ehlukana ngokuyisimangaliso, ukuze awele esihlabathini esomile ebalekela ibutho labaseGibithe. Esengaphesheya, abukela ephephile lapho lawo manzi ebuya ngesivinini emboza ababewaxosha. UJehova wayekusindisile ukuphila kwawo!—Eksodusi 14:21-31.
Nokho, ngokudabukisayo, amanye ama-Israyeli akuthatha kalula lokho uNkulunkulu wawo ayekwenzile. Lapho uMose eseseNtabeni YaseSinayi, anikeza u-Aroni izinto zawo zokuhloba zegolide futhi athi makawenzele isithombe ayezosikhulekela. Lapho ebuya, uMose wathola lesi sixuku sezihlubuki sidla, siphuza, sidansa futhi sikhothamela ithole legolide! Ngokuvumelana nesiqondiso sikaJehova, kwabulawa abangaba ngu-3 000—cishe ababengobhongoza kulokhu kuhlubuka. Ngalolo suku, abantu bakaNkulunkulu bafunda isifundo esibalulekile mayelana nesidingo sokuzinikela kuJehova kuphela.—Eksodusi 32:1-6, 19-29.
Ngokushesha ngemva kwalesi senzakalo, uMose walungiselela ukufeza umyalo kaNkulunkulu wokwakha itabernakele, itende lokukhulekela eliphathekayo. Lo msebenzi wokwakha wawuzodinga izinto zokwakha ezibizayo nezisebenzi ezinamakhono. Kwakuzovelaphi lokhu? Futhi yini esingayifunda kulokhu kulandisa kweBhayibheli?
Ukunikela Ngezinto Zokwakha Nangamakhono
Esebenzisa uMose, uJehova wayala ama-Israyeli: “Thabathani . . . umnikelo ube ngokaJehova; bonke abanenhliziyo ethandayo mabawulethe, ube ngumnikelo kaJehova.” Luhlobo luni lomnikelo? Phakathi kwezinto uMose azibala kwakunegolide, isiliva, ithusi, ama-yarn, izindwangu, izikhumba, ukhuni namatshe ayigugu.—Eksodusi 35:5-9.
Ama-Israyeli ayenokungaphezu kokwanele ukuba anikele ngesandla esivulekile ngale ndlela. Khumbula, lapho ephuma eGibithe, ahamba nezinto zegolide nezesiliva, kanye nezambatho eziningi. Empeleni, “abaphundla abaseGibithe.”a (Eksodusi 12:35, 36) Ngaphambili, ama-Israyeli ayekhiphe izinto zawo zokuhloba ngokuzithandela ukuze kwenziwe isithombe sokukhulekela kwamanga. Ingabe manje ayezozibonakalisa ezimisele ngokufanayo ukunikelela ukuthuthukisa ukukhulekela kweqiniso?
Phawula ukuthi uMose akashongo inani eliqondile okwakufanele ngamunye anikele ngalo, futhi akazange awashukumisele ukuba anikele ngokuwenza azizwe enecala noma ehlazekile. Kunalokho, wamane wacela “bonke abanenhliziyo evumayo.” Ngokusobala, uMose wayengaboni sidingo sokuphoqa abantu bakaNkulunkulu. Wayeqiniseka ukuthi ngamunye wayeyonikela ngakho konke ayenganikela ngakho.—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 8:10-12.
Nokho, umsebenzi wokwakha wawuyodinga okungaphezu kwezinto zokwakha ezinikelwe. UJehova wawatshela nalokhu ama-Israyeli: “Bonke abahlakaniphile ngenhliziyo mabeze, bakwenze konke uJehova akuyalileyo.” Yebo, lo msebenzi wokwakha wawudinga izisebenzi ezinamakhono. Ukuze kuphothulwe lo msebenzi kwakuzodingeka “amandla emisebenzi yonke”—kuhlanganise nokubaza, ukubumba insimbi, nokwakha amagugu. Yiqiniso, nguJehova owayeqondisa amakhono ezisebenzi, futhi udumo ngokuphumelela kwalo msebenzi lwaluzoya kuye ngokufanelekile.—Eksodusi 35:10, 30-35; 36:1, 2.
Ama-Israyeli asabela ngokuzimisela esimemweni sokuba anikele kokubili ngengcebo yawo nangamakhono awo. Ukulandisa kweBhayibheli kuthi: “Bafika, kwaba yilowo nalowo owavuswa yinhliziyo yakhe nowaqhutshwa ngumoya wakhe, baletha umnikelo kaJehova ube ngowomsebenzi wetende lokuhlangana, nowenkonzo yonke yalo, nowezambatho ezingcwele. Beza abesilisa nabesifazane, bonke abaqhutshwa yizinhliziyo zabo.”—Eksodusi 35:21, 22.
Isifundo Esisitholayo
Namuhla umsebenzi omkhulu wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ufezwa ngeminikelo yokuzithandela. Ngokuvamile, le minikelo iyimali. Kwezinye izimo, abafowethu nodadewethu abangamaKristu basebenzisa ingcebo ewulwazi lwabo ukuze basize ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso, amaHholo Omhlangano nezakhiwo zamagatsha. Bese kuba nomsebenzi owenziwa emakhayeni aseBethel angaphezu kwekhulu emhlabeni wonke, umsebenzi ohilela amakhono amaningi ahlukahlukene. Bonke abanezinhliziyo ezivumayo abaye banikela ngalezi zindlela bangaqiniseka ukuthi uJehova ngeke awukhohlwe umsebenzi wabo onzima!—Heberu 6:10.
Kungokufanayo nangengxenye ngamunye wethu aba nayo enkonzweni yobuKristu. Sonke sinxuswa ukuba sithengisise isikhathi sokuhlanganyela ngentshiseko ekushumayeleni. (Mathewu 24:14; Efesu 5:15-17) Abanye benza lokhu njengabashumayeli bevangeli besikhathi esigcwele, noma amaphayona. Ngenxa yezimo, abanye abakwazi ukuba nesikhathi esiningi enkonzweni njengamaphayona. Noma kunjalo, nabo bayamjabulisa uJehova. Njengasendabeni yeminikelo yetabernakele, uJehova akanikezi inani eliqondile okufanele ngamunye anikele ngalo. Nokho, akufunayo ukuba sonke ngabanye simkhonze ngenhliziyo, umphefumulo, ingqondo namandla ethu onke. (Marku 12:30) Uma sikwenza lokho, singaqiniseka ukuthi uyosivuza ngenxa yeminikelo yokuzithandela esiyenzayo ukuze sithuthukise ukukhulekela kweqiniso.—Heberu 11:6.
[Umbhalo waphansi]
a Lokhu kwakungekhona ukweba. Ama-Israyeli ayicela iminikelo kwabaseGibithe, futhi aphiwa ngesisa. Nangalé kwalokho, njengoba abaseGibithe kwakungafanele bawagqilaze ama-Israyeli kwasekuqaleni nje, babekweleta laba bantu bakaNkulunkulu imiholo yeminyaka eminingi yokusebenza kanzima.