Ukulinganisela Umsebenzi Nokuzilibazisa
“UKUZILIBAZISA kuyingubo enhle, kodwa ngeke uyigqoke zonke izinsuku.” Ngala mazwi umbhali ongaziwa ubonisa ngokufanele ukubaluleka kokuzilibazisa. Nokho, uyabonisa, ukuthi kumelwe kulinganiselwe nomsebenzi ozuzisayo.
Le ndaba yadingidwa futhi nangumlobi weBhayibheli ophefumulelwe uSolomoni. Le nkosi ehlakaniphile yabhekisela ekweqiseni okubili okumelwe kugwenywe. Okokuqala, yaphawula: “Isiwula siyasonga izandla zaso, sidle umzimba waso.” (UmShumayeli 4:5) Yebo, ubuvila bungalethela umuntu ubumpofu. Ngenxa yalokho, bungabeka engozini impilo yalowo ovilaphayo, ngisho nokuphila kwakhe. Ngakolunye uhlangothi, kunabathile abadela yonke into ngenxa yomsebenzi. USolomoni wachaza ukuzikhandla kwabo okunganqamuki ngokuthi “kuyize nokufuna umoya.”—UmShumayeli 4:4.
Ngesizathu esihle, uSolomoni watusa ukulinganisela: “Kungcono ukhweshe lokuthula kunezandla zombili zigcwele umshikashika kanye nokufuna umoya.” (UmShumayeli 4:6) Umuntu kufanele “abonise umphefumulo wakhe okuhle emshikashikeni wakhe”—okungukuthi, ngezikhathi ezithile kufanele abe nesikhathi sokujabulela lokho aye wakusebenzela. (UmShumayeli 2:24) Futhi kufanele kube nezinye izinto ekuphileni ngaphandle komsebenzi wokuziphilisa. Imikhaya yethu idinga esinye sesikhathi sethu. USolomoni wagcizelela ukuthi isibopho sethu esiyinhloko akuwona umsebenzi wokuziphilisa, kodwa ukukhonza uNkulunkulu. (UmShumayeli 12:13) Ingabe uphakathi kwalabo abajabulela umbono olinganiselwe ngomsebenzi?