Ukungalingani—Ingabe Kwakuyinhloso KaNkulunkulu?
Ngezwi elilodwa impendulo ithi cha. Ake sibone ukuthi kungani.
UNKULUNKULU wayehlose ukuba bonke abantu babe namathuba alinganayo okuphila nenjabulo. Ngokuphathelene nokudalwa kwabo, siyafunda: “UNkulunkulu wathi: ‘Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni.’” Lapho eqeda ukudala emhlabeni, “uNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu.”—Genesise 1:26, 31.
Ingabe uNkulunkulu angasho ukuthi isimo esidabukisayo sanamuhla sokungalingani ‘sihle kakhulu’? Lutho, ngoba “uNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) Kuthiwa ngaye ‘akakhethi buso bamuntu’ futhi “umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho yena.” (Duteronomi 10:17; 32:4; qhathanisa noJobe 34:19.) Futhi umphostoli uPetru waphetha ngokuthi: “Ngokuqinisekile ngiyaqonda ukuthi uNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi asebenze ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzEnzo 10:34, 35.
Njengoba uNkulunkulu enothando, engakhethi, enobulungisa, eqotho futhi elungile, wayengabadala kanjani abantu abanokungalingani abazalwa nakho ngokuqondene nelungelo labo lokuba nenjabulo? Ukuvumela ukuba kube nobandlululo phakathi kwabantu nokwenza baphile phakathi kwesimiso sokungalingani kungaba okuphikisana ngokuqondile nobuntu bakhe. Wayehlose ukuba bonke ‘bazalwe bekhululekile futhi belingana ngesithunzi nangamalungelo.’ Nokho, namuhla ngokusobala izinto azinjalo. Kungani zingenjalo?
Umsuka Wokungalingani
Ukuthi uNkulunkulu wadala abantu belingana akusho ukuthi wayehlose ukuba bonke balingane ngazo zonke izindlela. Babengahluka ngamathalenta, izinto abazithandayo nangobuntu. Futhi babengahluka ngesikhundla noma izinga legunya. Ngokwesibonelo, abesilisa nabesifazane abalingani kuzo zonke izici, kodwa uNkulunkulu wadala owesifazane waba ‘umphelelisi’ wendoda. (Genesise 2:18, NW) Ngokusobala, abazali nezingane banamagunya angafani. Nokho, naphezu kwalokhu kuhluka, bonke—abesilisa, abesifazane nezingane—njengelungelo abalinikwe uNkulunkulu, kwakufanele babe namathuba alinganayo okwanelisa izidingo zabo eziyisisekelo zenjabulo. Kwakufanele babe nesithunzi nokuma okulinganayo phambi kukaNkulunkulu.
Ngokufanayo, amadodana kaNkulunkulu omoya, adalwa ngaphambi kwabantu, ayenikwe izabelo nemithwalo yemfanelo ehlukene. (Genesise 3:24; 16:7-11; Isaya 6:6; Jude 9) Noma kunjalo, wonke ayekwazi ukujabulela amalungiselelo aphezulu okuphila nenjabulo ngezinga elifanayo, phakathi kwemingcele yalokho ayekunikiwe. Ngakho abonakalisa ukungakhethi kukaNkulunkulu ngendlela enhle ngokumangalisayo.
Ngokudabukisayo, esinye isidalwa somoya sasingenelisiwe ilungiselelo likaNkulunkulu lokungakhethi. Sasifuna okungaphezu kwalokho uNkulunkulu ayesinike kona, sifisa isikhundla esiphezulu, esiphakeme ngokwengeziwe. Ngokuqhubeka sicabanga ngalesi sifiso esibi, sazenza saba umphikisi kaJehova, lowo njengoMdali, ngokufanelekile onesikhundla esikhulu kunazo zonke. Le ndodana kaNkulunkulu engumoya ehlubukayo, kamuva yayengela abantu ukuba bafune okungaphezu kwalokho Yena ayebanike kona. (Genesise 3:1-6; qhathanisa no-Isaya 14:12-14.) Ngakho, kubonakala sengathi ilungiselelo likaJehova lokuba abantu bajabulele ukuphila nenjabulo lonakala kakhulu. Lesi sihlubuki somoya, okuthiwa “uDeveli noSathane” kusAmbulo 20:2, saba umgqugquzeli omubi wokungalingani kwabantu.
Ingabe Izinto Ziyoke Zishintshe?
Ngezwi elilodwa, impendulo ithi yebo!
Kodwa ngubani ongaletha ushintsho oludingekayo? Abaholi abangabantu, futhi abanye okungangabazeki ukuthi babekwenza ngobuqotho, baye bazabalaza amakhulu eminyaka bezama ukwenza kanjalo. Impumelelo yabo iye yaba elinganiselwe, iholela ukuba abantu abaningi baphethe ngokuthi akukhona ukubhekana namaqiniso ukulindela ukuthi iyoke ixazululeke inkinga yokungalingani kwabantu. Nokho, umbono kaNkulunkulu ulotshwe ku-Isaya 55:10, 11: “Njengokwehla kwemvula neqhwa ezulwini, kungabuyeli khona, kepha kuwunethisa umhlaba, kuwenze ukuba uthele, uhlume, unike ohlwanyelayo inhlwanyelo nodlayo isinkwa, liyakuba njalo izwi lami eliphuma emlonyeni wami: aliyikubuyela ze kimi, lingakafezi lokhu engikufunayo, liphumelele kulokhu engilithumele kukho.”
Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi uJehova uNkulunkulu uye wamemezela ukuthi uyoyifeza injongo yakhe yasekuqaleni yokunika bonke abantu amathuba alinganayo okuphila nenjabulo! NjengoNkulunkulu weqiniso, uye wazibopha ukuba akufeze lokho aye wakuthembisa. Ngokujabulisayo, uyafisa futhi unamandla okwenza kanjalo. Uyokufeza kanjani lokhu?
Impendulo iseMbusweni uJesu Kristu afundisa bonke abalandeli bakhe ukuba bawuthandazele bathi: “Baba wethu osemazulwini . . . Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:9, 10) Yebo, uMbuso kaNkulunkulu yiwo uJehova ayowusebenzisa ‘ukuchoboza, uqede yonke le mibuso [ekhona manje], wona uqobo ume phakade.’—Daniyeli 2:44.
Ngaphansi kokubusa koMbuso wasezulwini, kuyoba nomphakathi wesintu omusha. Ngokuphathelene nalokhu, umphostoli uJohane wabhala encwadini yokugcina yeBhayibheli, isAmbulo: “Ngabona izulu elisha nomhlaba omusha; ngoba izulu langaphambili nomhlaba wangaphambili kwakudlulile.” (IsAmbulo 21:1) Ziyobe zingasekho izici ezimbi zokungalingani—ubumpofu, ukugula, ukuntula imfundo, ubandlululo nolunye usizi lwesintu.a
Sekungaphezu kwekhulu leminyaka oFakazi BakaJehova beqaphelisa abantu ngalowo Mbuso. (Mathewu 24:14) Ngezincwadi nangosizo abalunikeza mathupha, baye bazikhandla ekusizeni abantu ukuba bathole ulwazi ngenjongo kaNkulunkulu elotshwe eBhayibhelini. Nokho, umsebenzi wabo wokufundisa womhlaba wonke awuzange ugcine ngokunikeza abantu ithemba lokuphila ngokulingana nangenjabulo ngesikhathi esizayo kodwa uye waba nezinzuzo ngisho namanje ekunqandeni lesi sishayo sokungalingani. Ake sibone ukuthi kanjani.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo egcwele ngokuphathelene nendlela uMbuso kaNkulunkulu ngokushesha oyoletha ngayo ukulingana kubo bonke abantu, siza ubheke izahluko 10 no-11 zencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, enyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
UNkulunkulu wayehlose ukuba bonke abantu babe namathuba alinganayo okuphila nenjabulo