Ingabe Kufanele Wenabise Umbono Wakho?
EKOBE CITY entshonalanga yeJapane kwazamazama umhlaba kwadaleka umonakalo omkhulu, futhi amavolontiya azinikele aphuthuma ayosiza izakhamuzi ezazithintekile. Nokho, iqembu lodokotela lalifike lathola ukuthi othile eMnyangweni Wezokwelapha wedolobha wayenqaba ukuba banikwe izinto zokwelapha ababezicela. Leso sikhulu, esasiwumqondisi nasesibhedlela esikhulu sikahulumeni, sasifuna abalimele bayiswe ezibhedlela zaseKobe kunokuba lab’ odokotela babafake imijovo nama-drip abizayo besezindaweni zokusiza. Ekugcineni, kwavunywa okwakucelwa yilab’ odokotela, kodwa isimo salesi sikhulu sokuba siqale sishaye phansi ngonyawo futhi sibonakale singenasihe sagxekwa abaningi.
Mhlawumbe nawe wake waba yisisulu somphathi othile ontamo-lukhuni njengakule ndaba. Kungenzeka nokuthi wake waba njalo nawe ngokwakho. Ingabe ungazuza ngokuba nombono owenabe kakhudlwana?
Thola Umbono Ogcwele
Kuvamile ukuba abantu babheke izinto ngombono owodwa kuphela, ngenxa yalokho bangaziqondi ngokugcwele izinto. Ngokuvamile lokhu kubangelwa yizici ezinjengemfundo, lokho umuntu aye wabhekana nakho ekuphileni nesizinda sakhe. Lapho umuntu ezama ukuthola umbono ogcwele, angenza izinqumo ezihlakaniphe kakhudlwana. Ngokwesibonelo, ukube bewuwela umgwaqo empambanweni enezimoto eziphithizelayo engenamarobhothi, bekungaba ukuhlakanipha yini ukuvele ubheke phambili kuphela? Ngokuqinisekile bekungeke! Ngokufanayo, ukwenabisa ukucabanga kwakho ukuze uthole umbono ogcwele kungasiza kakhulu ekwenzeni izinqumo nasekwenzeni izinto ngendlela evuthiwe. Kungasindisa nokuphila imbala.
Cishe sonke singathuthuka kulokhu. Ngakho zibuze, ‘Yiziphi ezinye zezici engingase ngizuze kuzo ngokwenabisa ukucabanga kwami?’
Indlela Obheka Ngayo Abanye
Yini oyibonayo lapho ubheka abanye? Ingabe uthambekele ekubeni ubheke abakushoyo nabakwenzayo njengokuhle ngokuphelele noma okubi ngokuphelele, njengokungathi akunakwenzeka kube phakathi nje? Ingabe kuwe amazwi ashiwo othile aphakathi kokuthi ayancoma noma ayaphoxa? Ingabe kuphakathi kokuthi umuntu uqinisile impela noma unephutha ngokuphelele? Ukuba nombono onjalo kungafana nomthwebuli ongayinaki imibalabala eminingi egqame ngokushiyanayo ekwindla, njengokungathi kunezithombe ezinombala omnyama nomhlophe kuphela. Noma ingabe uthambekela ekugxileni ezicini ezingezinhle ebuntwini bomuntu, njengesihambi esiyeka ukujabulela ukubuka indawo enhle ngenxa kadoti ongatheni oshiywe yisivakashi esithile esingabacabangeli abanye.—Qhathanisa nomShumayeli 7:16.
Kuningi umuntu angakufunda ngokuhlola indlela uJehova awabheka ngayo amaphutha abantu. Nakuba azi ukuthi abantu banobuthakathaka nokushiyeka okuningi, ukhetha ukungagxili kukho. Umhubi owayekwazisa lokhu wathi: “Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, . . . ngubani ongema na?” (IHubo 130:3) UJehova uzimisele ukuwadedisela kude amaphutha ezoni eziphendukile, yebo awesule ngesihle, ukuze angabi yisisihla ebuhlotsheni bethu naye. (IHubo 51:1; 103:12) Mayelana neNkosi uDavide, eyayike yenza izono ezimbi kakhulu noBati Sheba, uJehova wayengase athi yayingumuntu “owangilandela ngayo yonke inhliziyo yakhe ukwenza okulungile emehlweni ami kuphela.” (1 AmaKhosi 14:8) Kungani uNkulunkulu ayengase asho lokhu ngoDavide? Ngoba wayegxile ezimfanelweni ezingcono zikaDavide owayephendukile. Wacabangela zonke izici ezazihilelekile wayesekhetha ukuqhubeka eyibonisa umusa le nceku yakhe.
UKristu Jesu wawulingisa ngokungenaphutha lo mbono obanzi ngamaphutha abanye. (Johane 5:19) Lapho ebhekene nokushiyeka kwabaphostoli bakhe, uJesu waba nesihe nokuqonda. Wayeqaphela ukuthi kubantu abangaphelele, ngisho nalapho ‘umoya ulangazela, inyama ibuthaka.’ (Mathewu 26:41) Enalokhu engqondweni, uJesu wayebusingatha ngesineke nangokuqonda ubuthakathaka namaphutha abafundi bakhe. Wayengagxili ekushiyekeni kwabo, kodwa kunalokho, wayegxila ezimfanelweni zabo ezinhle.
Ngesinye isikhathi ngemva kokuqondisa abaphostoli ngenxa yokuthi babephikisana ngokuthi ubani owayebonakala emkhulu kunabo bonke, uJesu wanezela: “Nokho, nina ningabanamathele kimi ekulingweni kwami; futhi ngenza isivumelwano nani, njengoba nje uBaba enze isivumelwano nami, sombuso, sokuba nidle futhi niphuze etafuleni lami embusweni wami, futhi nihlale ezihlalweni zobukhosi ukuze nahlulele izizwana eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.” (Luka 22:24-30) Yebo, naphezu kokushiyeka okuningi kwabaphostoli, uJesu wayekhumbula ukwethembeka kwabo nendlela ababemthanda ngayo. (IzAga 17:17) UJesu wayengakungabazi ababengakwenza nalokho ababeyokwenza, ngakho wamisa isivumelwano soMbuso nabo. Yebo, ‘uJesu wabathanda abafundi bakhe kwaze kwaba sekupheleni.’—Johane 13:1.
Ngakho uma izici namaphutha obuntu bothile kukucasula, yiba njengoJehova noJesu. Yenabisa ukucabanga kwakho, futhi uzame ukucabangela zonke izici eziyimbangela. Lapho ubheka izinto ngombono ofanele, uyokuthola kulula ukuthanda nokwazisa abafowenu.
Ekupheni Ngokwezinto Ezibonakalayo
Ilungelo lokupha lingenye yezinjabulo amaKristu angaba nazo. Kodwa ingabe kudingeka sigcine ngokupha esicini esisodwa kuphela, ake sithi ngokwesibonelo, ngokuhlanganyela enkonzweni yasensimini? (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Noma ingabe ukucabanga kwakho ungakwenabisa ukuze kuhlanganise izidingo zabanye ezingokwenyama nenhlalakahle yabo? Yiqiniso, wonke amaKristu ayazi ukuthi ukupha ngokomoya kubaluleke kunakho konke. (Johane 6:26, 27; IzEnzo 1:8) Nokho, nakuba kubalulekile ukupha ngokomoya, ngokuqinisekile ukupha ngokwenyama akumelwe kushaywe indiva.—Jakobe 2:15, 16.
Lapho sibhekisisa izidingo eziphuthumayo zabafowethu abangokomoya abasebandleni lethu nasemhlabeni wonke, singabona kakhudlwana ukuthi yini esingayenza ukuze sibasize. Lapho labo abangase bakwazi babelana nabanye ngesandla esivulekile, kuba khona ukulinganisa. Ngale ndlela izidingo zabo bonke abafowethu ziyanakekelwa. Umdala othile ongumKristu wakubeka kanje: “Uma kuphakama isidingo engxenyeni ethile yomhlaba, abazalwane kwenye ingxenye yomhlaba bayobasiza. Uma bengenakusiza, kuyosiza abazalwane abakwenye indawo. Kanjalo izidingo zabafowethu emhlabeni wonke ziyanakekelwa. Buyamangalisa ngempela ubuzalwane bomhlaba wonke.”—2 Korinte 8:13-15; 1 Petru 2:17.
Omunye udade owayefisa ngobuqotho ukuya komunye wemihlangano yezizwe eyayiseMpumalanga Yurophu wayengekho esimweni sokuba angenza kanjalo. Nokho, wezwa ukuthi abazalwane kuleyo ndawo babewadinga kakhulu amaBhayibheli, ngakho waphathisa omunye owayeya kuleyo mihlangano umnikelo walawo maBhayibheli. Ngakho wathola injabulo yokupha, yokwabelana nabafowabo abakwelinye izwe.—IzEnzo 20:35.
Mhlawumbe ngokwenabisa ukucabanga kwakho unganikela nakakhudlwana emsebenzini womhlaba wonke wemfundo yeBhayibheli oqhubeka wanda, uzilethele wena nabanye injabulo.—Duteronomi 15:7; IzAga 11:24; Filipi 4:14-19.
Lapho Unikeza Iseluleko
Lapho kudingeka ukuba sinikeze iseluleko noma silungise okuthile, ukucabangela nokulinganisela kuyosisiza ukuba sihlonishwe abafowethu abangokomoya futhi sibanikeze usizo olusebenzayo ngempela. Kulula kakhulu ukugxila emaqinisweni ambalwa bese ngokuxhamazela wenza isinqumo esicabangela uhlangothi olulodwa kuphela. Lokhu kunikeza umbono wokuthi sinengqondo engenabile, uma kungekhona ukuthi ivalekile, njengabaholi benkolo bosuku lukaJesu, ababethambekele ekuthweseni abanye imithetho yabo engapheli. (Mathewu 23:2-4) Ngakolunye uhlangothi, uma sigwema ukweqisa futhi sinikeza iseluleko esihle esisekelwe ngokuqinile ezimisweni ezingokomBhalo, sibonise ukucabanga kukaJehova okulungile kodwa okulinganiselayo nokunesihe, kuyoba lula kakhulu ngabanye ukwamukela nokusebenzisa ukusikisela kwethu.
Eminyakeni ethile edlule abazalwane emabandleni amaningana bahlangana ukuze badlale imidlalo ethile. Ngeshwa, kwakheka umoya wokuncintisana phakathi kwabo, owaphumela ekuhilizisaneni. Bayisingatha kanjani abadala bendawo le nkinga? Beqaphela isidingo sokuzilibazisa kwabasakhula, abazange batuse ukuba kuyekwe ngokuphelele. (Efesu 5:17; 1 Thimothewu 4:8) Kunalokho, banikeza izixwayiso eziqinile kodwa ezinokulinganisela ngalokho umoya wokuncintisana owawungase uholele kukho. Banikeza nokusikisela okuwusizo, njengokuthi kube khona nasebekhulile nabanokwethenjelwa. Le ntsha yakwazisa ukuhlakanipha nokulinganisela kwalesi seluleko futhi yasabela kahle. Ngaphezu kwalokho, yabahlonipha futhi yabathanda nakakhulu laba badala.
Sebenzela Ukwenaba
Nakuba ungase ube nemibono eyahlulela ngaphandle kobufakazi obanele ungahlosile noma ungazi, kusayodingeka umzamo wokuzikhandla ukuze wenabe ekucabangeni kwakho. Njengoba utadisha iZwi likaNkulunkulu, zindla ngalo ukuze uqonde indlela kaJehova yokucabanga. (IHubo 139:17) Zama ukuqonda izizathu zamazwi ashiwo eBhayibhelini nezimiso ezihilelekile, futhi ulwele ukuhlaziya izinto ngendlela uJehova azihlaziya ngayo. Lokho kuyoba okuvumelana nomthandazo kaDavide: “Ngazise imendo yakho, Jehova; ngifundise izindlela zakho.”—IHubo 25:4, 5.
Lapho wenabisa umbono wakho kakhudlwana, uyobusiswa. Esinye sezibusiso zombono owenabile kuyoba ukuba nedumela lokulinganisela nokuqonda. Uyokwazi ukusabela ngendlela enokulinganisela nokuqonda lapho usiza ezimweni ezihlukahlukene. Lokhu nakho kuyonikela ebunyeni obuhle bobuzalwane bobuKristu.
[Izithombe ekhasini 12]
Ukupha ngesandla esivulekile kusiza abanye, kunika ophayo injabulo, futhi kujabulisa uBaba wethu osezulwini