Uthando Kulabo ‘Abahlobene Okholweni’
AMAKRISTU eqiniso anesibopho esinjengesomkhaya phakathi kwawo. Ngempela, kusukela ekhulwini lokuqala C.E., ebelokhu ebizana ngokuthi “mfowethu” nokuthi “dadewethu.” (Marku 3:31-35; Filemoni 1, 2) Lawa akuwona nje amazwi; achaza indlela abakhulekeli bakaNkulunkulu abazizwa ngayo ngomunye nomunye. (Qhathanisa no-1 Johane 4:7, 8.) UJesu wathi: “Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.”—Johane 13:35.
Uthando olunjalo lwabonakala ngo-July 1997 lapho isomiso esathatha isikhathi eside silandelwa iziwolokohlo zemvula nesikhukhula eChile. Ngokushesha, abaningi babengasenakho ukudla, izingubo zokugqoka nezinye izinto. Ezimweni zezinhlekelele, oFakazi BakaJehova bazama ukulandela umyalo kaPawulu kwabaseGalathiya othi: “Khona-ke ngempela, uma nje sinesikhathi esihle sakho, masisebenzeni okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.”—Galathiya 6:10.
Ngakho, oFakazi BakaJehova bahlela ukuyosiza ngokushesha. Kwaqoqwa ukudla, izingubo zokugqoka nezinto ezinjalo, kwahlukaniswa, kwapakishwa kwabe sekuthunyelwa endaweni yenhlekelele. Izingane zanikela ngisho nangamathoyizi! Omunye udade wamangala lapho ebona iHholo LoMbuso ligcwele izinto zosizo. Uthi: “Ngama ngimangele, ngingazi noma ngihleke noma ngikhale. Kwakuyilokho kanye esasikudinga.”
Khona-ke, kungazelelwe, kwagadla ukuzamazama komhlaba engxenyeni yayo le ndawo eyayibe nezikhukhula. Konakala amakhaya amaningi. Ukuze kuhlangatshezwane naleso sidingo, kwamiswa amakomiti osizo engeziwe. AmaKomiti Okwakha Esifunda, lawo ngokuvamile akha izindawo zokuhlangana zoFakazi BakaJehova, angenela futhi asekela. Waba yini umphumela? Izindlu ezifanelekile—ezaziklanywe futhi zakhiwa abazalwane—zanikelwa kulabo ababelahlekelwe amakhaya abo. Nakuba lezi zindlu kwakungezona ezikanokusho, zazihluke ngokuphawulekayo kulezo ezazilungiselelwe abezosizo bakulelo zwe ezazitholakala ngemali yokubolekwa, zona zazingakhonkiwe phansi, zingenawo amafasitela futhi zingapendiwe.
Abanye abazalwane babeza bezosiza besuka kude. Usihlalo wenye iKomiti Yokwakha Yesifunda wahamba ehlolisisa izinsuku ezimbili zilandelana—nakuba ayehamba ngesihlalo sabakhubazekile. Umzalwane oyimpumputhe wasebenza kanzima, ethatha izingodo zokwenza izinsika aziyise kumbazi owayezisaha zibe isilinganiso esidingekayo. Omunye umzalwane oyisithulu wayethatha lezo zingodo aziyise lapho zazidingeka khona.
Abaningi ababebukele lwabahlaba umxhwele usizo olwalunikezwa abazalwane. Kwelinye idolobha imoto yamaphoyisa yapakwa eduze kwendlu yomunye udade eyayilungiswa. Amaphoyisa ayefisa ukwazi ukuthi kwakwenzekani. Elinye labuza umzalwane: “Zingobani lezi zisebenzi ezibonakala zijabule kangaka, futhi zikhokhelwa malini?” Umzalwane walichazela ukuthi zonke zaziyizisebenzi zokuzithandela. Elinye lala maphoyisa lachaza ukuthi lalikhokha okweshumi njalo ngenyanga esontweni elikulo, kodwa umfundisi akazange eze ngisho nokuzolivakashela selokhu kuzamazame umhlaba! Ngosuku olulandelayo lo dade wathola ucingo olwaluvela ephoyiseni elithile. Nalo laliye labukela izisebenzi. Lathi lalihlatshwe umxhwele umoya wentshiseko wezisebenzi kangangokuthi nalo kwathi alifake isandla!
Ngempela, usizo olwanikezwa eChile lwaba okuhlangenwe nakho okujabulisayo ezisebenzini zokuzithandela futhi lwanikeza ubufakazi obuhle kwababebukele.