“Kufana Nokungena Olwandle Kunesiphepho”
NGEKE yini ubheke isenzo esinjalo njengesenziwe ngesikhathi esingafanele, esiwubuwula nesingaholela enhlekeleleni? Nokho, abanye bazifaka esimweni esinjalo ngendlela engokomfanekiso. Kanjani? Umlobi oyiNgisi wangekhulu le-17 leminyaka uThomas Fuller wathi: “Ungenzi lutho uthukuthele. Kufana nokungena olwandle kunesiphepho.”
Ukuphishekela inkambo ethile uthukuthele ngokungenakuzibamba kungaba nemiphumela eyinhlekelele. Lokhu kufakazelwa isenzakalo esilotshwe eBhayibhelini. USimeyoni noLevi, amadodana enzalamizi yasendulo uJakobe, asabela ngentukuthelo yokufuna ukuphindisela lapho koniwa udadewawo uDina. Lokho kwaphumela ekubulaweni kwabantu abaningi nokuphanga. Akumangalisi ukuthi uJakobe wasisola isenzo sabo esibi, ethi: “Ningihluphile, ningenzile ukuba nginukele kabi abantu bezwe.”—Genesise 34:25-30.
Ngokuhlakanipha, iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, litusa inkambo ephambene naleyo. Lithi: “Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka, ungakhathazeki; kubanga ukona nje.” (IHubo 37:8) Ukulandela leso seluleko kungavimbela izono ezinkulu.—UmShumayeli 10:4; bheka nezAga 22:24, 25.