Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 4/15 k. 32
  • Ukuthula Komhlaba—Kuvela Kumuphi Umthombo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuthula Komhlaba—Kuvela Kumuphi Umthombo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 4/15 k. 32

Ukuthula Komhlaba—Kuvela Kumuphi Umthombo?

INGABE imfundo nenkolo ehlanganisa umhlaba wonke ingaletha ukuthula komhlaba? Leli iphupho likaDkt. Robert Muller, owayeyisekela likanobhala-jikelele weNhlangano Yezizwe nowamukela uMklomelo Wokufundisa Ngokuthula We-UNESCO Ka-1989. Njengoba kwabikwa ephephandabeni i-Vancouver Sun, uDkt. Muller “ukholelwa ukuthi abafundi bembulunga yonke kumelwe bafundiswe amaqiniso nezindinganiso eziyisisekelo ngokuqondene neplanethi, ubuntu nokungabi nabudlova.” Unombono wokuthi kuyofika usuku lapho zonke izikhungo zemfundo emhlabeni wonke ziyofundisa izingane nge-UN njengethemba elingcono kunawo wonke lokuthula. I-Sun yabika nokuthi uDkt. Muller ukholelwa nawukuthi “zonke izinkolo zomhlaba kufanele zibe amalungu enhlangano esafufusa efuze i-UN ebizwa ngokuthi iZinkolo Ezihlangene.” Khona-ke “yonke imfundiso yenkolo iyobangela ukuba kungabi nabudlova.”

Ingabe kuyoke kube khona ngempela ukuthula komhlaba? Ngokuqinisekile! Kodwa ngeke kulethwe yinoma iyiphi inhlangano yomuntu. Eminyakeni engaphezu kwengu-2 700 edlule, umlobi ophefumulelwe waveza umthombo ophakeme kakhulu wemfundo yokuthula lapho ebikezela ukuthi abantu abanezinhliziyo ezilungile “bayakuba ngabafundi bakaJehova,” nokuthula kwabo “kuyoba kukhulu.”—Isaya 54:13.

IBhayibheli lithi nguNkulunkulu “onika ukuthula.” (Roma 16:20) Ngisho namanje kunesimiso semfundo somhlaba wonke esimangalisayo esiqhubekayo njengoba uJehova efundisa abantu bakhe ukuba ‘bafune ukuthula futhi bakuphishekele,’ ‘bakhande izinkemba zabo zibe ngamakhuba,’ futhi ‘bangabe besafunda ukulwa.’—1 Petru 3:11; Isaya 2:2-4.

UNkulunkulu uyakusekela futhi akubusise ukukhulekela okusekelwe eqinisweni nokungenakho ukuzenzisa nokukhohlisa. (Mathewu 15:7-9; Johane 4:23, 24) Ukukhulekela kweqiniso kuphela, okuvumelana ngokuphelele neZwi likaNkulunkulu, okungaba nabantu abahlala ngokuthula nangobunye nabathandana ngempela.—Johane 13:35.

Ukuze ufunde okwengeziwe ngokuphathelene nalokho iZwi likaNkulunkulu elikushoyo ngokuthula komhlaba, sikumema ukuba uthintane nabanyathelisi balo magazini.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela