Ingabe KungokomBhalo Ukuphana Izipho?
IBHAYIBHELI alikulahli ukuphana izipho ngesisusa esifanele. Kusukela endulo ukuphana izipho kwakunengxenye ebalulekile ekuphileni kwansuku zonke. Inceku ka-Abrahama esikhulile yapha uRebeka izipho ezingamagugu okuhloba ngemva kokubona ubufakazi bokuthi uJehova wayekhethe yena ukuba abe umka-Isaka. (Genesise 24:13-22) Khona-ke, lapho uLabani noBetuweli bevuma ukuba kushadwe, inceku ka-Abrahama yapha uRebeka izipho ezengeziwe, yapha “nomnewabo nonina amagugu.”—Genesise 24:50-53.
Kungenzeka ukuthi kwakuyinkambiso yangesikhathi sezinzalamizi ukupha labo abaye babhekana nokuhlupheka izipho. Lapho uJehova eshintsha isimo sokuhlupheka sikaJobe, abafowabo, odadewabo nabantu ababemjwayele abazange beze bazomduduza nje kuphela kodwa ngamunye wamnika “uhlamvu lwemali necici legolide.”—Jobe 42:10, 11.
Izipho Zingamzuzisa Ophayo
Izipho zazivame ukunikezwa ngenjongo yokuzuza okuthile okufiselekayo. UJakobe walungisela u-Esawu isipho semfuyo esikhangayo ukuze azuze umusa emehlweni omfowabo. (Genesise 32:13-18; 33:8) Ukuphikelela kukaJakobe ukuba u-Esawu amukele lesi sipho kungaqondwa kangcono lapho kucatshangelwa ukuthi, ngokwesiko laseMpumalanga, ukwenqaba ukwamukela isipho kwakubonisa ukuthi ngeke uboniswe umusa.—Genesise 33:10.
Ngokuphathelene nezinzuzo ezizuzwa ngophayo, isaga sithi: “Isipho somuntu siyamenzela indawo, simholele kwabakhulu.” (IzAga 18:16) Isipho singadambisa intukuthelo, kodwa ngeke sibohlise ulaka lwendoda ethukuthelele umuntu ophinge nomkayo, kungakhathaliseki ukuthi singakanani isipho esikhishwa yisiphingi.—IzAga 21:14; 6:32-35.
Izipho Ezaziphiwa Amakhosi, Abaprofethi Nabanye
Kubonakala sengathi kwakuyisiko ngalabo ababeyobona inkosi ukuba baphathe izipho. “Abantu ababi” ababengamhloniphi uSawule kukhulunywa ngabo njengababengamniki izipho. USolomoni wayephiwa izipho eziningi kakhulu yilabo ngokukhethekile ababevela emazweni akude bezokuzwa ukuhlakanipha kwakhe.—1 Samuweli 10:27; 1 AmaKhosi 10:10, 24, 25.
Ababhula ngezinkanyezi abeza bezobona “lowo ozelwe eyinkosi yamaJuda” babemane belandela leli siko lapho beletha izipho kuJesu owayesengumntwana. (Mathewu 2:1, 2, 11) Ngokufanayo, ngezinye izikhathi labo ababeyobuza kubaprofethi babehamba nezipho. (2 AmaKhosi 8:8, 9) Kodwa abaprofethi bakaNkulunkulu babengalindele futhi bengafuni sipho ngezinkonzo zabo, njengoba kusobala ngokwenqaba kuka-Elisha ukwamukela “isipho” sikaNahamani.—2 AmaKhosi 5:15, 16.
Labo ababephothule umsebenzi othile ngempumelelo babevame ukuphiwa izipho. (Daniyeli 2:6, 48) NgokoMthetho, isigqila esikhululiwe kwakungamelwe simukiswe singaphethe lutho kodwa kwakumelwe samukele isipho, okuthile emhlambini, kokubhuliwe, namafutha nokuvela esikhamweni sewayini. (Duteronomi 15:13, 14) Futhi, kwakungase kunikezwane izipho lapho kuyiwe emikhosini okwakujatshulwa kakhulu kuyo.—Esteri 9:20-22; qhathanisa nesAmbulo 11:10.
Ukunikela Endlini Engcwele
UNkulunkulu wathatha amaLevi njengesipho sendlu ka-Aroni, njenganikelwe kuJehova ukuze enze inkonzo yendlu engcwele. (Numeri 18:6, 7) Kanti abaseGibeyoni nabanye ababenziwa izinceku endlini engcwele babebizwa ngokuthi amaNethini, okusho ukuthi “Abanikelwe.”—Ezra 8:20.
Ngenxa yokuthi uJehova unguMdali, zonke izinto zingezakhe. Ngakho-ke, lapho umuphi enikela ngezinto ezibonakalayo ukuze kuthuthukiswe ukukhulekela kweqiniso, umane nje ubuyisela ingxenye yalokho abekuthole kuNkulunkulu kwasekuqaleni.—1 IziKronike 29:14.
Isiyalo Ngokuphathelene Nezipho
Njengoba izipho zokufumbathisa zingonakalisa inhliziyo futhi ziphendukezele ubulungisa, imiBhalo iyala ukuba izipho ezinjalo zizondwe. Bayalahlwa labo abahlale befuna izipho.—Duteronomi 16:19, 20; Isaya 1:23.
Ngaphezu kwalokho, “umuntu ozidumisa ngesipho angasiphiyo,” ongenzi lokho agabisa ngokuthi uzokwenza, ufaniswa namafu ahwamukayo nomoya ongenayo imvula. (IzAga 25:14) Umuphi wezipho angase abe nabangane abaningi, kodwa ukuphana kwakhe ngeke kuqinisekise ubungane obuhlala njalo.—IzAga 19:6.
ImiBhalo YamaKristu YesiGreki iyilahla ngokuqinile imikhuba ethile ngokuphathelene nokuphana izipho. UJesu walahla ababhali nabaFarisi ngokweqa umyalo wokuhlonipha uyihlo nonyoko. Ngokwabo, uma umuntu ayethe izinto zakhe ezibonakalayo zaziyizipho ezinikezelwe kuNkulunkulu, wayekhululekile esibophweni sokuzisebenzisela ukusiza abazali bakhe, nakuba ayengaqhubeka ezisebenzisa yena.—Mathewu 15:1-6.
Akukuhle ukuba umuntu aphe ngoba elindele okuthile ngalokho kupha. (Luka 14:12-14) Ukuze ukupha kuthandeke kuJehova, kumelwe kungenziwa ngobugovu futhi kungenziwa ngokubukisa.—Mathewu 6:2-4.
Ukupha KobuKristu
AmaKristu okuqala ayephana ngezipho, noma anikele, ukuze kuzuze abafowabo abaswele. Nokho, zonke izipho ezinjalo zazingezokuzithandela, njengoba kuboniswa amazwi kaPawulu: “Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokungathandi noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.” (2 Korinte 9:7) Ngaphezu kwalokho, ayesiza labo ababezinikele ngokugcwele enkonzweni yobuKristu, njengoba kwakwenza umphostoli uPawulu. Nokho, nakuba ayezazisa kakhulu izipho ayezithunyelelwa abafowabo, uPawulu akazange ahlale efuna ukuphiwa.—Filipi 4:15-17.
AmaKristu angaphana ngezinto ezibaluleke ukudlula izipho zezinto ezibonakalayo. Angaphana ngesikhathi nangamakhono awo ukuze afundise futhi akhe abanye ngokwengqondo nangokomoya, okuletha injabulo enkulu. Isipho esikhulu kunazo zonke umuntu angasipha abanye ukuqonda iZwi likaNkulunkulu, ngoba lokhu kungaholela lowo osamukelayo ekuphileni okumi phakade.—Johane 17:3.