“Ngangizwa Umoya Wokuthula”
INDODA ethile ekhuluma isiJalimane yaya emhlanganweni owawuhlelwe oFakazi BakaJehova ukuze “ihlole” oFakazi. Ngani? Umgomo wayo “wawuwukudalula leli hlelo ukuze inqande abangane bayo ekudukeni.” Ngemva kokuba kulowo mhlangano, yabhalela abangane bayo le ncwadi elandelayo:
“Lapho ngisondela endaweni yomhlangano, ngazibuza ukuthi kwakuyiyo yini leyo ndawo. Kwakungabonakali muntu, futhi kungekho zibi noma mathini kabhiya phansi. Lapho ngisondela, ngabona abesilisa ababili abahloniphekayo esangweni lenkundla yezemidlalo. Bangibingelela, bangivumela ukuba ngingene.
“Ngangilindele ukuzwa umsindo wezinkulungwane okwakufanele zibe khona, kodwa kwakuthule. Ngacabanga, ‘Mhlawumbe kunabantu abambalwa nje abasakazeke kuyo yonke indawo.’
“Lapho ngingena, ngakhangwa ngokushesha idrama eyayidlalwa eshashalazini. Ngaqaphela kamuva ukuthi inkundla yezemidlalo yayigcwele iphuphuma, inezinkulungwane zezilaleli ezazilalele ngokucophelela. Ngangizwa umoya wokuthula. Engakuzwa, ngakubona, kanye nomuzwa engaba nawo phakathi nengxenye eyayisele yomhlangano kwagxila ngokujulile kimi.
“Njengoba ngangiphakathi koFakazi, ngangiphawula ubuso babo obujabulile namazwi othando. Ngokushesha, ngahluleka ukuwucindezela umcabango wokuthi, ‘Laba abantu bakaNkulunkulu ngempela!’”
Kunokuba ‘inqande abangane bayo ekudukeni,’ le nsizwa yabacela ukuba bafunde nayo iBhayibheli. Waba yini umphumela? Namuhla, ingumdala ongumKristu. Yona nomkhaya wayo bahlanganyela kwelinye lamabandla aseZug, eSwitzerland.