Isazi Sithi Umbhalo WeBhayibheli Wesandla Ungowangonyaka Ohlukile
NgokukaCarsten Peter Thiede, uchwepheshe waseJalimane wemibhalo ye-papyrus, kunobufakazi obunamandla bokuthi izingcezwana ezintathu ze-papyrus zeVangeli likaMathewu (ezaziwa ngokuthi iMagdalen Papyrus) zabhalwa ekhulwini lokuqala leminyaka.
Ngemva kokuqhathanisa lezi zingcezwana (ezinezingxenye zikaMathewu isahluko 26) nencwadi yebhizinisi yasendulo eyatholakala eGibithe, uThiede waphawula ukuthi le ncwadi yaseGibithe “iyifuze yangayishiya iMagdalen Papyrus—ngokubukeka nangesimo nokwakheka kwezinhlamvu ngazinye.” Encwadini yabo ethi Eyewitness to Jesus—Amazing New Manuscript Evidence About the Origin of the Gospels, uThiede nomlobi onguzakwabo uMatthew D’Ancona baphetha ngokuthi ukufana kwalezi zincwadi ezimbili kubonisa ukuthi zabhalwa ngesikhathi esithi asibe sinye. Nini? Incwadi yebhizinisi inosuku oluthi “‘Ngonyaka we-12 kaNero iNkosi, ngo-Epeiph 30’—ngokwekhalenda lethu, okungu-July 24, 66 [C.E.].”
“Uma lo nyaka unembile, usho lukhulu ngempela,” kuphawula uProfesa Philip W. Comfort, esihlokweni esashicilelwa kuyi-Tyndale Bulletin, “ngoba usho ukuthi lo mbhalo wesandla weVangeli likaMathewu ungowekhulu leminyaka [iVangeli likaMathewu] elabhalwa ngawo.” Futhi kungasho ukuthi iMagdalen Papyrus iyizingcezwana zeVangeli ezindala kunazo zonke ezikhona.
[Isithombe ekhasini 29]
IMagdalen Papyrus, kuboniswe ubukhulu bayo bangempela
[Umthombo]
By permission of the President and Fellows of Magdalen College, Oxford