Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe uye wakujabulela ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Uma kunjalo, uyokuthola kuthakazelisa ukukhumbula lokhu okulandelayo:
◻ Kungani singakwethemba ukukhetha kukaJehova abantu bokuqondisa abantu bakhe?
UJehova ukhetha abantu abanezimfanelo ezithile ezidingekayo ekwenzeni imisebenzi ethile ukuze baqondise abantu bakhe endleleni afuna bahambe ngayo ngaleso sikhathi.—8/15, ikhasi 14.
◻ Singafundani kulokho uJona abhekana nako?
UJona wayezicabangela ngokweqile, engabacabangeli abanye. Singafunda kuJona ngokuzigcina thina nemizwa yethu kuza muva.—8/15, ikhasi 19.
◻ Kungashiwo ngayiphi indlela ukuthi “igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla”? (IzAga 18:10)
Ukuphephela egameni likaNkulunkulu kusho ukuthembela kuJehova uqobo. (IHubo 20:1; 122:4) Kusho ukusekela ubukhosi bakhe, ukugcina imithetho nezimiso zakhe, ukuba nokholo ezithembisweni zakhe nokuzinikela ngokukhethekile kuye. (Isaya 50:10; Heberu 11:6)—9/1, ikhasi 10.
◻ Indlela kaPawulu yokufakaza phambi kwezikhulu isinikeza isibonelo ngayiphi indlela?
Lapho ekhuluma neNkos’u-Agripha, uPawulu wasebenzisa ukuhlakanipha, egcizelela amaphuzu yena no-Agripha ababevumelana ngawo. Ngokufanayo, kufanele sigcizelele izici ezinhle zezindaba ezinhle, sigcizelele amathemba esinawo afana nawabo. (1 Korinte 9:22)—9/1, ikhasi 31.
◻ Obani abazuzayo ekubekezeleni kukaJehova?
Ngenxa yokubekezela kukaJehova, namuhla izigidi ezengeziwe zinikwa ithuba lokusindiswa ‘osukwini lukaJehova’ oluzayo. (2 Petru 3:9-15) Futhi, ukubekezela kwakhe kuvumela ukuba ngamunye wethu ‘aqhubeke ekhandlekela ukusindiswa kwakhe siqu ngokwesaba nangokuthuthumela.’ (Filipi 2:12)—9/15, ikhasi 20.
◻ Yayibaluleke kangakanani inguqulo yeBhayibheli i-Septuagint?
Le nguqulo yaba ngevelele ekusakazeni ulwazi ngoJehova uNkulunkulu nangoMbuso wakhe ongaphansi kukaJesu Kristu iNkosi. Nge-Septuagint, kwabekwa isisekelo esibalulekile sokuba amaJuda akhuluma isiGreki nabeZizwe ekhulwini lokuqala bamukele izindaba ezinhle zoMbuso.—9/15, ikhasi 30.
◻ Umzekeliso wendodana esaphazayo usifundisani ngoNkulunkulu?
Okokuqala, usifundisa ukuthi uJehova ‘ugcwele isihe, unomusa, uphuza ukuthukuthela, futhi uvamé ubumnene neqiniso.’ (Eksodusi 34:6) Okwesibili, ukuthi “ukulungele ukuthethelela” lapho ukuguquka kwenhliziyo kunikeza isisekelo sokubonisa isihe. (IHubo 86:5)—10/1, amakhasi 12, 13.
◻ Izimo ezinokuthula ezithenjiswe ku-Isaya 65:21-25 ziyogcwaliseka nini?
Njengabakhulekeli bakaJehova abanobunye epharadesi elingokomoya namuhla, abagcotshiwe nalabo ‘bezinye izimvu’ manje banokuthula okunikezwa nguNkulunkulu. (Johane 10:16) Futhi ukuthula okunjalo kuyoqhubekela ePharadesi elingokwenyama, lapho ‘intando kaNkulunkulu yenzeka emhlabeni wonke, njengoba nje yenzeka ezulwini.’ Ngaleso sikhathi amazwi omprofethi u-Isaya ayogcwaliseka ngokugcwele. (Mathewu 6:10)—10/15, ikhasi 24.
◻ Kungani amaKristu egubha izinsuku zokukhumbula imishado yawo kodwa engalugubhi usuku lokuzalwa?
IBhayibheli alibheki umshado njengento embi. AmaKristu azinqumela wona ngokuphelele ukuthi ayaluqaphela yini usuku lwawo lomshado, acabange ngendlela lesi senzakalo esasijabulisa ngayo nangesinqumo sawo sokusebenzela ukuphumelela njengombhangqwana. Nokho, ukuphela kokugujwa kwezinsuku zokuzalwa okulandiswe iBhayibheli yilokho kwamaqaba, futhi lokhu kuhlangene nezenzakalo zonya.—10/15, amakhasi 30, 31.
◻ Emfanekisweni kaPawulu okweyoku-1 Korinte 3:12, 13, ufanekiselani “umlilo,” futhi yini wonke amaKristu okufanele ayiqaphele?
Kunomlilo sonke esibhekana nawo ekuphileni—ukuvivinywa kokholo lwethu. (Johane 15:20; Jakobe 1:2, 3) Wonke umuntu esimfundisa iqiniso uyovivinywa. Uma singafundisi kahle, kungase kube nemiphumela edabukisayo, njengoba uPawulu axwayisa. (1 Korinte 3:15)—11/1, ikhasi 11.
◻ Kungayiphi indlela uNowa “ayehamba noNkulunkulu”? (Genesise 6:9)
UNowa wayehamba noNkulunkulu ngomqondo wokuthi wayenza lokhu uNkulunkulu ayemtshela kona. Ngenxa yokuthi wanikela ukuphila kwakhe ekwenzeni intando kaNkulunkulu, uNowa wayejabulela ubuhlobo obufudumele nobuseduze noNkulunkulu.—11/15, ikhasi 10.
◻ Yimaphi amathuba esiba nawo njengoba singasazi isikhathi esiqondile uNkulunkulu ayophindisela ngaso kubantu ababi?
Lokhu kusinika ithuba lokubonisa ukuthi simthanda ngempela uJehova futhi sifuna ukuhamba ezindleleni zakhe phakade. Kubonisa nokuthi sithembekile kuNkulunkulu futhi siyayethemba indlela yakhe yokusingatha izinto. Ngaphezu kwalokho, lokhu kusiza ekusigcineni siqaphile futhi siphapheme ngokomoya. (Mathewu 24:42-44)—11/15, ikhasi 18.
◻ Kusho ukuthini ukubeka ukholo “egameni leNdodana kaNkulunkulu”? (1 Johane 5:13)
Lokhu kusho ukulalela yonke imiyalo kaKristu, kuhlanganise nomyalo wakhe ‘wokuthandana.’ (Johane 15:14, 17) Uthando luphishekela ukwenza okuhle kwabanye. Lukhipha lonke ubandlululo olungokohlanga, olungokwenkolo nolungokwenhlalo.—12/1, ikhasi 7.
◻ Kungani oFakazi BakaJehova ‘beyizinto zokuzondwa’? (Mathewu 10:22)
OFakazi BakaJehova baye bazondwa ngokungafanele ngenxa yezizathu ezifanayo nalezo amaKristu okuqala ashushiselwa zona. Okokuqala, oFakazi BakaJehova benza ngokuvumelana nezinkolelo zabo ezingokwenkolo ngezindlela ezibenza bangathandeki kwabanye. Okwesibili, baye baba yizisulu zokumangalelwa ngamanga—amanga aluhlaza nokusontwa kwezinkolelo zabo.—12/1, ikhasi 14.