Ingabe UMariya Wabulawa Izimbangela Ezingokwemvelo?
NGOKWEPHEPHANDABA laseVatican i-L’Osservatore Romano, imfundiso yamaKatolika yoKwenyuka KukaMariya ithi: “INcasakazi Emsulwa, yagcinwa ingenabala lesono sokuqala, yathathwa ingumzimba nomphefumulo yangeniswa enkazimulweni yasezulwini, lapho iqeda ukuphila kwayo kwasemhlabeni.” Leli phephandaba lithi le mfundiso iye yaholela izazi ezithile zenkolo yobuKatolika ukuba zithi uMariya “akazange afe futhi wanyuswa ngokushesha esuswa ekuphileni kwasemhlabeni wayiswa enkazimulweni yasezulwini.”a
Muva nje, uPapa John Paul II wayichaza ngokuhlukile le ndaba. Kuyi-General Audience eVatican ngo-June 25, 1997, wathi: “ITestamente Elisha alinikezi kwaziswa ngezimo zokufa kukaMariya. Lokhu kuthula kuholela ekutheni umuntu acabange ukuthi kwenzeka ngendlela engokwemvelo, engenamininingwane efaneleka ngokukhethekile ukuba ishiwo. . . . Imibono efisa ukungambheki njengowabulawa izimbangela ezingokwemvelo ibonakala ingenazisekelo.”
Amazwi kaPapa John Paul aveza iphutha elikhulu emfundisweni engenakuphikiswa yokuKhulelwa Okumsulwa. Uma unina kaJesu ‘agcinwa engenabala lesono sokuqala,’ uMariya wayengabulawa kanjani “izimbangela ezingokwemvelo,” eziwumphumela wesono esadluliselwa u-Adamu onesono? (Roma 5:12) Le mpicabadala engokwenkolo iwumphumela wendlela ephambene iSonto LamaKatolika elibheka ngayo unina kaJesu. Akumangazi ukuthi kuye kwaba nokuhlukana nokudideka eSontweni LamaKatolika ngokuphathelene nale ndaba.
Nakuba iBhayibheli liveza uMariya njengothobekile, othembekile nozinikele, alimniki lezi zimfanelo ukuze lisekele “ukukhulelwa okumsulwa.” (Luka 1:38; IzEnzo 1:13, 14) IBhayibheli limane lithi: “Bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.” (Roma 3:23) Yebo, uMariya wazuza njengefa isono nokungapheleli njengoba kunjalo ngalo lonke uhlanga lwesintu, futhi abukho ubufakazi bokuthi wabulawa okunye ngaphandle kwezimbangela ezingokwemvelo.—Qhathanisa neyoku-1 Johane 1:8-10.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “Ukwenyuka KukaMariya—Ingabe Imfundiso Engenakuphikiswa Eyembulwe UNkulunkulu?” esikuyi-Nqabayokulinda ka-February 15, 1994, amakhasi 26-9.