Ubani Okumelwe Asolwe?
Abaningi basola uNkulunkulu ngezinhlupheko zabo. Isaga seBhayibheli sithi: “Ubuwula bomuntu bonakalisa ukuphila kwakhe, abese ebambela iNkosi igqubu.” (IzAga 19:3, The New English Bible) Nokho, ukusola uNkulunkulu ngosizi olunjalo lwesintu kufana nokusola umenzi wezimoto ngokudlanga kwezingozi zokushayela udakiwe.
UNkulunkulu uye wanikeza isintu isiqondiso esiwusizo eZwini lakhe, iBhayibheli. Ngokutadisha lo mtapo waphezulu nokuphila ngemithetho nezimiso ozibekayo, singagwema izingibe eziningi zokuphila. Ngokuphambene, ukwenza ngokuphambene nesiqondiso sikaNkulunkulu kuyinhlekelele. Ngokwesibonelo, labo abadla ngokweqile, ababhemayo, abaphuza ngokweqile noma abanokuziphatha okubi ngokuvamile babhekana nemiphumela eyinhlekelele yempilo. (Luka 21:34; 1 Korinte 6:18; 2 Korinte 7:1) Umphostoli uPawulu ongumKristu wabhala: “Noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi; ngoba lowo ohlwanyela enombono wenyama yakhe uyovuna ukonakala enyameni yakhe, kodwa lowo ohlwanyela enombono womoya uyovuna ukuphila okumi phakade okuvela emoyeni.”—Galathiya 6:7, 8.
Yeka ukuthi kungcono kanjani ukuphila ngemithetho nezimiso zikaNkulunkulu! Uma senza njalo, siyokubona ukuba yiqiniso kwesithembiso sikaNkulunkulu asenza ngomprofethi u-Isaya: “NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo. Sengathi nga ulalele imiyalo yami! Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba-njengomfula, nokulunga kwakho njengamaza olwandle.”—Isaya 48:17, 18.