Imibuzo Evela Kubafundi
NgokukaMathewu 17:20, abaphostoli bahluleka ukwelapha umfana ogulayo ‘ngenxa yokholo lwabo oluncane.’ Nokho, kuMarku 9:29 ukwehluleka kwabo kuhlotshaniswa nesidingo somthandazo. Kungani kunikezwa izizathu ezingafani ekulandiseni kwamaVangeli ahlukene?
Eqinisweni, lokhu kulandisa okubili kuyaphelelisana, akuphikisani. Okokuqala, bheka uMathewu 17:14-20. Indoda yabika ukuthi indodana yayo yayinesithuthwane nokuthi abafundi bakaJesu abakwazanga ukuyelapha. UJesu wabe esemelapha umfana ngokuxosha idemoni elalimgulisa. Abafundi babuza ukuthi kungani bengakwazanga bona ukulixosha lelo demoni. Ngokokulandisa kukaMathewu, uJesu waphendula: “Kungenxa yokholo lwenu oluncane. Ngoba ngiqinisile ngithi kini, Uma ninokholo olulingana nohlamvu lwesinaphi, niyothi kulentaba, ‘Suka lapha uye laphaya,’ futhi iyosuka, futhi akukho lutho olungeke lwenzeke kini.”
Manje vula uMarku 9:14-29, lapho sithola khona imininingwane eyengeziwe. Ngokwesibonelo, uMarku 9:17 unikeza umniningwane wokuthi kulokhu, ukubambeka kohlobo lwesithuthwane kwakubangelwa umoya omubi. Kufanele siphawule ukuthi kwenye indawo iBhayibheli lithi uJesu welapha abantu abanesithuthwane kanye nabanamademoni. (Mathewu 4:24) Kulesi simo esingavamile, ukubambeka kwakubangelwa ‘umoya ongakhulumi noyisithulu,’ okuwumoya omubi, lokho udokotela uLuka akufakazelayo. (Luka 9:39; Kolose 4:14) KuMarku 9:18 phawula amazwi athi, ‘Nomaphi lapho [idemoni] liyibamba khona.’ Ngakho idemoni lalingamhlukumezi ngokuqhubekayo umfana, kodwa kwakuba ngezikhathi ezithile kuphela. Nokho, abafundi abakwazanga ukulixosha idemoni, belaphe umfana. Lapho bebuza ukuthi kungani, uJesu waphendula: “Loluhlobo aluphumi ngalutho ngaphandle komthandazo.”
Nokho, ukufunda ngokucophelela ukulandisa kukaMarku kubonisa ukuthi akuphikisani nalokho okwalotshwa uMathewu. KuMarku 9:19, sifunda ukuthi uJesu wadabuka ngenxa yokuntula ukholo kwaleso sizukulwane. Futhi evesini 23, kulotshwe ukuthi watshela uyise womfana: “Zonke izinto zingenzeka kumuntu uma enokholo.” Ngakho uMarku naye ugcizelela ukubaluleka kokholo. Evesini 29, kumane nje kuwukuthi uMarku unikeza umniningwane owengeziwe. UMarku unezela lokho uJesu akusho ngomthandazo, okungazange kuhlanganiswe uMathewu noma uLuka.
Khona-ke, singathini? Kwezinye izenzakalo kokubili abaphostoli abangu-12 nabafundi abangu-70 bakhipha imimoya emibi. (Marku 3:15; 6:13; Luka 10:17) Kodwa kulokhu abafundi abakwazanga ukuxosha idemoni. Ngani? Uma sihlanganisa imininingwane eshiwo ekulandiseni okuhlukahlukene, kumelwe siphethe ngokuthi babengakulungele ukwenza kanjalo kulesi senzakalo. Mhlawumbe ingxenye yenkinga yayiwuhlobo lwedemoni elalihilelekile, ngoba kubonakala sengathi amademoni angase abe nobuntu obuhlukahlukene, izithakazelo ngisho namakhono ahlukahlukene. Kuleli, ngokukhethekile kwakudingeka ukholo oluqinile nomthandazo wentshiseko wokucela usizo lukaNkulunkulu. Yiqiniso, uJesu wayenalo ukholo olunjalo. Futhi wayesekelwa uMuzwi wemithandazo, uYise. (IHubo 65:2) Akubanga nje ukuthi uJesu wayengamelapha umfana ogulayo ngokukhipha idemoni kodwa wakwenza.