Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w98 7/15 k. 3
  • Ungazivikela Kanjani Izingane Zakho?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungazivikela Kanjani Izingane Zakho?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Zidinga Okungaphezu Kwezidingo Zenyama
  • Ufuna Izingane Zakho Zibe Nekusasa Elinjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Indlela Yokuvikela Izingane Zakho
    I-Phaphama!—2003
  • Intsha Nezidakamizwa
    I-Phaphama!—2003
  • Indlela Izidakamizwa Ezingemthetho Ezikuthinta Ngayo Ukuphila Kwakho
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
w98 7/15 k. 3

Ungazivikela Kanjani Izingane Zakho?

NGEMVA kokufunda esikoleni sendawo iminyaka ethile, uWernera waqala imfundo ephakeme kanye nenye intsha engaba ngu-3 000 eSão Paulo, eBrazil. Wayeqala ngqá ukubona abafundi akanye nabo bethengisa futhi besebenzisa izidakamizwa. Njengoba ayemfushane, ngokushesha waba isisulu sokufikiswa abafundi abadala ngokwenziswa imikhuba eyonakalisayo neyingozi.

Udadewabo kaWerner u-Eva naye wayenezinkinga. Efuna ukwenza okungcono kakhulu, watadisha kakhulu kangangokuthi watubeka futhi waphambana ikhanda. Njengenye intsha eyeve eshumini nambili, uWerner no-Eva babedinga kokubili isivikelo esingokomzimba nesingokomzwelo. Luhlobo luni losizo izingane zakho eziludingayo? Ungazilungiselela kanjani ukuba zikwazi ukuphila lapho sezikhulile? Yebo, ufuna izingane zakho zibe nekusasa elinjani?

Zidinga Okungaphezu Kwezidingo Zenyama

Ake ucabange okwesikhashana ngenselele abazali ababhekana nayo ekuvikeleni izingane zabo namuhla. Ngenxa yokwehla kwezinga lokuphila komkhaya nokwanda kobumpofu, liyanda inani lezingane ezihlala emigwaqweni emazweni amaningi. Ukuhluleka ukuvikela izingane ekuxhashazweni kuphumela ekubeni zenziwe izisebenzi. Ukusebenzisa izidakamizwa nakho konakalisa izingane eziningi. Ngokwesibonelo, lapho othile osemusha waseBrazil eba umlutha wezidakamizwa, ukuthula kwashabalala kubo. Ngaphandle kokucindezeleka okungokomzwelo abazali bakhe ababebhekene nakho, babezama kanzima ukusekela ngokwezimali ukululama kwakhe, futhi kwakufika nabathengisi bemithi abangenaluzwela emzini wabo bezofuna imali.

Nokho, naphezu kwezingcindezi zokuphila, abazali abaningi bayaqhubeka bezama ukunikeza izingane zabo hhayi ukudla, izambatho nendawo yokuhlala kuphela kodwa nokuzivikela ebudloveni, ekusebenziseni kabi izidakamizwa nakwezinye izinkinga. Lona umzamo omuhle, kodwa ingabe wanele? Kuthiwani ngokuzivikela ekulimaleni okungokomzwelo nokungokomoya? Abaningi bayaqaphela ukuthi ukuba umzali ophumelelayo kuhilela nokusingatha izinselele ezihlanganisa ukukhetha kwezingane zabo abangane nokuzijabulisa. Nokho, abazali bangakugwema kanjani ukuba abavikela ngokweqile noma abayekelelayo? Uyamenywa ukuba ucabangele izimpendulo ezitholakala esihlokweni esilandelayo.

[Umbhalo waphansi]

a Kulesi sihloko kusetshenziswe amagama okungewona.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela