Ingabe Uyayazisa Inhlangano KaJehova?
“Usho kanje uJehova, uthi: Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami.”—ISAYA 66:1.
1, 2. (a) Yibuphi ubufakazi obubonakalayo bokuba khona kwenhlangano kaJehova ongabukhomba? (b) Uhlala kuphi uJehova?
INGABE uyakholelwa ukuthi uJehova unenhlangano? Uma kunjalo, kungani ukukholelwa? Ungase uphendule uthi: ‘SineHholo LoMbuso. Sinebandla elihleleke kahle elinendikimba yabadala. Sinombonisi wesifunda omiswe ngokufanele osihambela njalo. Siba semihlanganweni ehleliwe emincane nemikhulu. Sinehhovisi legatsha le-Watch Tower Society ezweni esikulo. Ngokuqinisekile, konke lokhu nokunye okuningi kufakazela ukuthi uJehova unenhlangano esebenzayo.’
2 Izici ezinjalo ziwubufakazi bokuba khona kwenhlangano. Kodwa uma sibona futhi siqaphela kuphela okulapha emhlabeni, asiyiqondi ngokuphelele inhlangano kaJehova. UJehova watshela u-Isaya ukuthi umhlaba umane nje uyisenabelo sezinyawo zaKhe, kodwa amazulu ayisihlalo saKhe sobukhosi. (Isaya 66:1) Yimaphi ‘amazulu’ uJehova ayebhekisele kuwo? Umoya ozungeze umhlaba wethu? Umkhathi ongaphandle? Noma esinye nje isigaba esithile sokuphila? U-Isaya ukhuluma ‘ngendawo [kaJehova] yobukhosi neyodumo,’ futhi umhubi uchaza la mazulu ngokuthi ‘indawo lapho ehlala khona.’ Ngakho, ‘amazulu’ aku-Isaya 66:1 abhekisela endaweni yomoya engabonakali lapho uJehova esesikhundleni esiphakeme ukuzedlula zonke.—Isaya 63:15; IHubo 33:13, 14.
3. Singakunqoba kanjani ukungabaza?
3 Ngakho-ke, uma sifuna ngempela ukuqonda nokuqaphela inhlangano kaJehova, kumelwe sibheke emazulwini. Futhi yilapho lapho abathile benenkinga khona. Njengoba inhlangano kaJehova yasezulwini ingabonakali, sazi kanjani ukuthi ikhona ngempela? Abanye bangaze bangabaze ngisho nokungabaza okwesikhathi esithile, bezibuza, ‘Singaqiniseka kanjani?’ Ukholo lungakunqoba kanjani ukungabaza? Izindlela ezimbili eziyisihluthulelo, isifundo somuntu siqu esijulile seZwi likaNkulunkulu nokuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu futhi ube nengxenye kuyo. Khona-ke ukukhanya kweqiniso kuqeda ukungabaza esinakho. Zikhona nezinye izinceku zikaNkulunkulu ezaba nokungabaza. Ake sicabangele indaba yenceku ka-Elisha lapho u-Israyeli ehlaselwa inkosi yaseSiriya (yase-Aramu).—Qhathanisa noJohane 20:24-29; Jakobe 1:5-8.
Umuntu Owabona Amabutho Asezulwini
4, 5. (a) Inceku ka-Elisha yayinayiphi inkinga? (b) UJehova wasabela kanjani emthandazweni ka-Elisha?
4 Ebusuku inkosi yaseSiriya yathumela ibutho lempi elikhulu ngokungavamile eDothani ukuba liyobamba u-Elisha. Yeka indlela eyashaqeka ngayo inceku ka-Elisha lapho ivuka kusesekuseni kakhulu futhi iphumela ngaphandle, mhlawumbe ukuze ishaywe umoya opholile ophahleni lwendlu yabo yaseMpumalanga Ephakathi! Ibutho labaseSiriya namahhashi nezinqola zempi lalihaqe umuzana, lilindele ukubamba umprofethi kaNkulunkulu. Le nceku yamemeza u-Elisha: “Maye, nkosi! Sesiyakwenze-njani?” Ngokusobala, ezolile futhi enokuqiniseka, u-Elisha waphendula: “Ungesabi, ngokuba abanathi baningi kunabanabo.” Kumelwe ukuba le nceku yazibuza, ‘Baphi? Angibaboni!’ Ngezinye izikhathi singase sibe nayo nathi leyo nkinga—ukuhluleka ukubona ngamehlo okuqonda, noma ukuqaphela, amabutho asezulwini.—2 AmaKhosi 6:8-16; Efesu 1:18.
5 U-Elisha wathandazela ukuba amehlo enceku yakhe avuleke. Kwabe sekwenzekani? “UJehova wavula-ke amehlo aleyonceku, yabona; bheka, intaba yayigcwele amahashi nezinqola zomlilo nxazonke zakhe uElisha.” (2 AmaKhosi 6:17) Yebo, yabona amabutho asezulwini, amabutho ayizingelosi elindele ukuvikela inceku kaNkulunkulu. Manje yaqonda ukuthi kungani u-Elisha ayenesibindi.
6. Singayiqonda kanjani inhlangano kaJehova yasezulwini?
6 Ingabe ngezinye izikhathi siba nenkinga yokuqonda efana nalena inceku ka-Elisha eyayinayo? Ingabe sithambekele ekuboneni uhlangothi olungokwenyama kuphela lwezimo ezisisongelayo noma ezisongela umsebenzi wobuKristu emazweni athile? Uma kunjalo, ingabe singalindela ukuba umbono okhethekile usikhanyisele? Cha, ngoba thina sinokuthile inceku ka-Elisha eyayingenakho—incwadi equkethe imibono eminingi, iBhayibheli, engasenza siqonde inhlangano yasezulwini. Lelo liZwi eliphefumulelwe linikeza nezimiso eziqondisayo ukuze zilungise ukucabanga nendlela yethu yokuphila. Nokho, kumelwe senze umzamo wokufuna ukuqonda futhi sihlakulele ukwazisa ilungiselelo likaJehova. Futhi lokho singakwenza ngesifundo somuntu siqu, kanye nomthandazo nokuzindla.—Roma 12:12; Filipi 4:6; 2 Thimothewu 3:15-17.
Ukutadisha Ukuze Uqonde
7. (a) Iyiphi inkinga abanye abangase babe nayo ngesifundo seBhayibheli somuntu siqu? (b) Kungani isifundo somuntu siqu siwufanele umzamo?
7 Isifundo somuntu siqu asiyona into emnandi ngempela elangazelelekayo kubantu abaningi, njengalabo ababengakujabuleli ukutadisha esikoleni noma abangazange babe nethuba lokukwenza. Nokho, uma sifuna ukuqonda futhi siqaphele inhlangano kaJehova ngamehlo ethu okuqonda, kumelwe sihlakulele isifiso sokutadisha. Ungasijabulela yini isidlo esimnandi ngaphandle kokuba silungiselelwe? Njengoba noma yimuphi umpheki engakutshela, ukulungiselela isidlo esimnandi kuhilela umsebenzi omkhulu. Nokho, singase sidliwe ngesigamu sehora noma ngaphansi. Ngakolunye uhlangothi, izinzuzo zesifundo somuntu siqu zingasebenza kukho konke ukuphila komuntu. Isifundo somuntu siqu singaba ukudla esizifundise ukukujabulela lapho sibona izinga esingathuthuka ngalo. Umphostoli uPawulu washo eqinisile ukuthi kufanele sizinake njalo thina nokufundisa kwethu futhi siqhubeke sizimisela ekufundeleni iningi. Kudingeka umzamo oqhubekayo, kodwa izinzuzo zingaba ezihlala phakade.—1 Thimothewu 4:13-16.
8. IzAga zitusa siphi isimo sengqondo?
8 Indoda ehlakaniphile yasendulo yathi: “Ndodana [noma, ndodakazi] yami, uma wamukela amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami, ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni, uthobisele ekuqondeni inhliziyo yakho, yebo, uma ukhala ngengqondo, uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda, uma ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo, khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu.”—IzAga 2:1-5.
9. (a) Inani legolide linjani uma liqhathaniswa ‘nolwazi ngoNkulunkulu’? (b) Yimaphi amathuluzi esiwadingayo ukuze sithole ulwazi olunembile?
9 Uyaqaphela yini ukuthi ubani onomthwalo wemfanelo? Amazwi aphindaphindwayo athi, ‘Uma u-.’ Futhi qaphela inkulumo ethi, ‘Uma ukuphenya njengamagugu afihliweyo.’ Cabanga ngezisebenzi zasezimayini ezazimba isiliva negolide amakhulu eminyaka eBolivia, eMexico, eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe. Zazisebenza kanzima, zisebenzisa amapiki namafosholo zimba amatshe ezazingathola kuwo le nsimbi eyigugu. Zazilazisa kakhulu igolide kangangokuthi kwenye imayini eCalifornia, e-U.S.A., zamba imihubhe engamakhilomitha angu-591, zafinyelela ekujuleni okungaba yikhilomitha nengxenye ukushona phansi—ukuze nje zithole igolide. Kodwa ungalidla igolide? Ungaliphuza? Lingakulonda yini ogwadule uma ubulawa yindlala nokoma? Cha, ukubaluleka kwalo kubangelwa ezomnotho futhi kuya ngabantu, inani lalo lishintsha nsuku zonke njengoba kubonakala ezimakethe zomhlaba wonke. Noma kunjalo, abantu baye balifela. Ungakanani umzamo okufanelekile ukuba siwenze ukuze sithole ukudla okungokomoya, “ukumazi uNkulunkulu”? Cabanga ngakho, ukuthola lona kanye ulwazi ngeNkosi EnguMbusi wendawo yonke, inhlangano yayo nezinjongo zayo! Kulokhu, singasebenzisa amapiki namafosholo angokomoya. Lokho yizincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezisisiza ukuba simbe eZwini likaJehova futhi siqonde incazelo yalo.—Jobe 28:12-19.
Ukumba Ukuze Sithole Ukuqonda
10. UDaniyeli wabonani embonweni?
10 Ake sithi ukumba ngokomoya ukuze siqale ukuthola ulwazi ngenhlangano kaJehova yasezulwini. Ukuze sithole ukuqonda okuyisihluthulelo, masibheke embonweni kaDaniyeli lapho abona khona oMdala Wezinsuku esesihlalweni sakhe sobukhosi. UDaniyeli uyabhala: “Ngisabheka, kwabekwa izihlalo zobukhosi, kwahlala omdala wezinsuku; izambatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa, izinwele zekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo; isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo, amasondo aso engumlilo ovuthayo. Umnonjana womlilo wavela, waphuma phambi kwakhe; izinkulungwane zenkulungwane zazimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi zazimi ngaphambi kwakhe; kwahlala abahluleli, izincwadi zavulwa.” (Daniyeli 7:9, 10) Zazingobani lezi zinkulungwane ezazikhonza uJehova? Izikhombo eziseceleni kuyi-New World Translation, ezisetshenziswa ‘njengamapiki namafosholo,’ zisiholela ezikhombweni ezinjengeHubo 68:17 namaHeberu 1:14. Yebo, labo ababekhonza kwakuyizingelosi zasezulwini!
11. Umbono kaDaniyeli ungasisiza kanjani ukuba siqonde amazwi ka-Elisha?
11 Ukulandisa kukaDaniyeli akusho ukuthi wabona zonke izingelosi ezithembekile eziqondiswa uNkulunkulu. Kungenzeka kuneziyizigidi ezengeziwe. Kodwa ngokuqinisekile singaqonda manje ukuthi kungani u-Elisha ayengase athi: “Abanathi baningi kunabanabo.” Ibutho lenkosi yaseSiriya, nakuba lalisekelwa yizingelosi ezingathembekile, amademoni, lalidlulwa amabutho kaJehova asezulwini ngobuningi!—IHubo 34:7; 91:11.
12. Ungaluthola kanjani ulwazi olwengeziwe mayelana nezingelosi?
12 Mhlawumbe ungathanda ukwazi okwengeziwe ngalezi zingelosi, njengendima eziyifezayo ekukhonzeni uJehova. Igama lesiGreki elisho ingelosi lisenza sibone ukuthi ziyizithunywa ngoba lisho nokuthi “isithunywa.” Nokho, kunokuningi okwengeziwe mayelana nemisebenzi yazo. Nokho, ukuze uthole ukuthi kuyini kumelwe umbe. Uma unayo i-Insight on the Scriptures, ungafunda isihloko esithi “Angels [Izingelosi],” noma ungahlola izihloko ezidlule ze-Nqabayokulinda ezimayelana nezingelosi. Kuzokumangaza ukuthi kuningi kangakanani ongakufunda ngalezi zinceku zikaNkulunkulu zasezulwini futhi uqonde ukusekela kwazo. (IsAmbulo 14:6, 7) Nokho, enhlanganweni kaNkulunkulu yasezulwini, ezinye izidalwa zomoya zikhonza izinjongo ezikhethekile.
Lokho Okwabonwa U-Isaya
13, 14. U-Isaya wabonani embonweni, futhi lokhu kwamthinta kanjani?
13 Manje ake sithi ukumba embonweni ka-Isaya. Lapho ufunda isahluko 6, amavesi 1 kuya ku-7, kufanele uthonyeke. U-Isaya uthi ‘wabona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi,’ futhi “ngaphezu kwakhe kwakumi amaserafi.” Ayememezela inkazimulo kaJehova, ebabaza ubungcwele bakhe. Kufanele uthinteke ngisho nalapho ukufunda nje lokhu kulandisa. Wasabela kanjani u-Isaya? “Ngase ngithi: Maye kimi! Ngokuba ngiphelile [eSheol], lokhu ngingumuntu ozindebe zakhe zingcolile, futhi ngihlezi phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile, ngokuba amehlo ami abonile iNkosi uJehova-Sebawoti.” Yeka indlela owawumthonye ngayo lowo mbono! Ingabe uyakuthonya wena?
14 Pho u-Isaya wakwazi kanjani ukuwubekezelela lo mbono okhazimulayo? Uchaza ukuthi kweza iserafi lazomsiza, lathi: “Ububi bakho sebususiwe, nezono zakho zihlanguliwe.” (Isaya 6:7) U-Isaya wayengathembela esiheni sikaNkulunkulu futhi anake amazwi kaJehova. Manje, ngeke yini uthande ukwazi okwengeziwe ngalezi zidalwa zomoya ezisezikhundleni eziphakeme? Khona-ke yini okumelwe uyenze? Yimba ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe. Elinye lamathuluzi ongalisebenzisa kungaba i-Watch Tower Publications Index, ulandele izikhombo zayo zemithombo eminingi yokwaziswa okucacisayo.
Wabonani UHezekeli?
15. Yini ebonisa ukuthi umbono kaHezekeli unokwethenjelwa?
15 Ake sibheke olunye uhlobo lwendalo engumoya. UHezekeli waba nelungelo lokubona umbono oshukumisayo lapho ewumthunjwa eBabiloni. Vula iBhayibheli lakho kuHezekeli isahluko 1, emavesini amathathu okuqala. Kuqala kanjani lokhu kulandisa? Ingabe kuthi, ‘Kwesukasukela. Ngesinye isikhathi ezweni elikude . . . ’? Cha, lena akuyona inganekwane eyenzeka esikhathini sokuziqambela. Ivesi 1 lithi: “Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu ngenyanga yesine ngolwesihlanu, ngiphakathi kwabathunjwa ngasemfuleni iKhebari, lavuleka izulu, ngabona imibono ngoNkulunkulu.” Yini oyiphawulayo ngaleli vesi? Linikeza usuku nendawo eqondile. Le mininingwane ibhekisela onyakeni wesihlanu wokuthunjwa kweNkosi uJehoyakini, unyaka ka-613 B.C.E.
16. UHezekeli wabonani?
16 Isandla sikaJehova saba phezu kukaHezekeli, wayeseqala ukubona umbono owesabekayo kaJehova esesihlalweni sobukhosi enqoleni yasezulwini enkulukazi eyayinamasondo amakhulu anama-rim anamehlo yonke indawo. Okusithakazelisayo emininingwaneni lapha ukuthi kwakunezidalwa ezine, ngasinye simi esondweni ngalinye. “Nesimo sazo sasiyilesi: zafana nabantu, kepha yileso naleso sasinobuso obune, futhi sasinamaphiko amane; . . . Isimo sobuso bazo sasingubuso bomuntu, zozine zinobuso bengonyama ngakwesokunene, zozine zinobuso benkomo ngakwesokhohlo, zozine zinobuso bokhozi futhi.”—Hezekeli 1:5, 6, 10.
17. Ubuso obune bamakherubi bumelelani?
17 Zaziyini lezi zidalwa ezine eziphilayo? UHezekeli ngokwakhe uyasitshela ukuthi zazingamakherubi. (Hezekeli 10:1-3, 14) Kungani zazinobuso obune? Ukuze bumelele izimfanelo ezine ezivelele zeNkosi EnguMbusi uJehova. Ubuso bokhozi babuwuphawu lokuhlakanipha okukwazi ukubona nakude. (Jobe 39:27-29) Ubuso benkomo babumelelani? Ngamandla amakhulu entamo nemikhono yayo, kuyaziwa ukuthi inkunzi elwayo ingaphonsa ihhashi nomgibeli walo emoyeni. Ngokuqinisekile inkunzi iwuphawu lwamandla kaJehova angenamkhawulo. Ibhubesi lisetshenziswe njengophawu lobulungisa obunesibindi. Okokugcina, ubuso bomuntu bulumelela kahle uthando lukaNkulunkulu, njengoba umuntu ewukuphela kwesidalwa sasemhlabeni esingabonisa le mfanelo ngokuhlakanipha.—Mathewu 22:37, 39; 1 Johane 4:8.
18. Umphostoli uJohane unezela kanjani ekuqondeni kwethu inhlangano yasezulwini?
18 Kukhona neminye imibono engasisiza sibe nombono ogcwele. Lena ihlanganisa imibono kaJohane elandiswe encwadini yeBhayibheli yesAmbulo. NjengoHezekeli, uJohane ubona uJehova esesihlalweni sobukhosi esikhazimulayo ephahlwe amakherubi. Enzani amakherubi? Enanela isimemezelo samaserafi esiku-Isaya isahluko 6, ethi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova uNkulunkulu, uMninimandla onke, owayekhona nokhona nozayo.” (IsAmbulo 4:6-8) UJohane ubona newundlu ngasesihlalweni sobukhosi. Lingase limelele bani? IWundlu likaNkulunkulu uqobo lwalo, uJesu Kristu.—IsAmbulo 5:13, 14.
19. Yini osuye wayiqonda mayelana nenhlangano kaJehova kulesi sifundo?
19 Yini-ke esiye sayiqonda ngale mibono? Ukuthi esikhundleni esiphezulu enhlanganweni yasezulwini kukhona uJehova uNkulunkulu osesihlalweni sakhe sobukhosi ekanye neWundlu, uJesu Kristu, onguLizwi, noma uLogos. Sibé sesibona ibutho lezingelosi lasezulwini, kuhlanganise namaserafi namakherubi. Ayingxenye yenhlangano eyodwa enkulukazi enobunye, ekhonza izinjongo zikaJehova. Futhi enye yalezo zinjongo iwukushunyayelwa kwezindaba ezinhle emhlabeni wonke kulesi sikhathi sokuphela.—Marku 13:10; Johane 1:1-3; IsAmbulo 14:6, 7.
20. Yimuphi umbuzo ozophendulwa esihlokweni esilandelayo?
20 Okokugcina, kunoFakazi BakaJehova emhlabeni abahlangana emaHholo OMbuso abo ukuze bafunde indlela yokwenza intando yeNkosi EnguMbusi. Ngokuqinisekile, manje singabona ukuthi baningi abanathi kunalabo abanoSathane nezitha zeqiniso. Kukhona umbuzo osalayo, Inhlangano yasezulwini ihlangana kanjani nokushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso? Isihloko esilandelayo sizohlola lokho nezinye izindaba.
Imibuzo Yokubukeza
◻ Ukuze siqonde inhlangano kaJehova, yini okumelwe siyiqaphele?
◻ Yini eyehlakalela inceku ka-Elisha, futhi umprofethi wayikhuthaza kanjani?
◻ Kufanele sisibheke kanjani isifundo somuntu siqu?
◻ UDaniyeli, u-Isaya noHezekeli bayinikeza kanjani imininingwane yenhlangano yasezulwini?
[Izithombe ekhasini 13]
Izinzuzo zesifundo somuntu siqu zizidlula kude ezesidlo esilungiswe kahle
[Isithombe ekhasini 15]
Umbono wamabutho asezulwini wawuyimpendulo kaJehova yomthandazo ka-Elisha