Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w98 6/15 kk. 9-11
  • Umshado Okhetheke Kakhulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umshado Okhetheke Kakhulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Izihlokwana
  • Ukulungiselela Isenzakalo
  • Isenzakalo Esijabulisayo
  • Ubunzima Bohambo
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
w98 6/15 kk. 9-11

Umshado Okhetheke Kakhulu

ENYAKATHO yeMozambique kunesigodi esivundile esizungezwe izintaba ezinhle—ezinye zinamatshe, ezinye zimbozwe uhlaza oluhle. Ulapho-ke umuzana waseFíngoè. Ebusuku obucwathile basebusika, amazulu acwazimula izinkanyezi, futhi kunonyezi okhanya kangangokuthi kubonakala amakhaya afulelwe ngotshani ezakhamuzi zakulo muzana. Lo mshado oyingqayizivele wenzeka kulesi simo esihle ngaleyo ndlela.

Amakhulukhulu abantu ahamba amahora amaningi, ngisho nezinsuku eziningi, eya kulesi senzakalo esikhethekile. Abanye babedabula ezifundeni eziyihlane neziyingozi, ezinezimpisi, amabhubesi nezindlovu. Ngaphandle kwemithwalo yazo siqu, izivakashi eziningi zazifika nezinkukhu, izimbuzi nemifino. Ngemva kokufika emzaneni, zaqonda endaweni evulekile okwakuvame ukuqhutshelwa kuyo imihlangano emikhulu yamaKristu. Nakuba zazikhathazwe uhambo, zazijabulile, futhi ubuso bazo obumomothekayo babubonisa ukulindela ngokulangazelela lokho okwakuzolandela.

Obani ababeshada? Babebaningi! Yebo, imibhangqwana eminingi. Yayingeyona ingxenye yomshado wabantu abaningi owenzelwe ukukhanga abezindaba. Ngokuphambene, kwakuyimibhangqwana eqotho nenezisusa ezinhle, ngaphambili eyayingenakukwazi ukubhalisa imishado yayo ngenxa yokuthi ihlala ezifundeni ezingazodwa ezikude namahhovisi okubhalisa. Yonke le mibhangqwana yazi ngezindinganiso zaphezulu ngokuphathelene nomshado lapho ifunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Yafunda ukuthi kwakudingeka ishade ngokwemithetho yezwe ukuze ijabulise uMdali wayo, uMsunguli womshado, njengoba nje noJosefa noMariya bahlangabezana nezimfuneko zokubhalisa zangesikhathi sokuzalwa kukaJesu.—Luka 2:1-5.

Ukulungiselela Isenzakalo

Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseMozambique lanquma ukusiza. Okokuqala, kwathintwana nomnyango weZinkonzo Zobulungisa Nezangaphakathi enhloko-dolobha yezwe, eMaputo, ukuze kutholwe ukuthi iziphi izinqubo ezidingekayo ngokomthetho. Ngemva kwalokho, izithunywa zevangeli ezisenhloko-dolobha yesifundazwe saseTete zathintana neziphathimandla zendawo ukuze zenze amalungiselelo engeziwe. Kwabekwa usuku lokuba izithunywa zevangeli nezisebenzi zikahulumeni ezivela kuyi-Notary Department nakuyi-Civil Identification Department baye emzaneni waseFíngoè. Ngesikhathi esifanayo, ihhovisi legatsha lathumela incwadi echazayo enikeza iziqondiso kuwo wonke amabandla ahilelekile. Kokubili oFakazi nezisebenzi zikahulumeni zendawo babebheke phambili ngokulangazelela kuleso senzakalo esiyingqayizivele.

NgeSonto, ngo-May 18, 1997, izithunywa zevangeli ezintathu kanye nezisebenzi zikahulumeni bafika eFíngoè. Iziphathimandla zendawo zazilungiselele izisebenzi zikahulumeni izindawo ezazizolala kuzo ngokunethezeka eduze nesakhiwo seziphathimandla. Nokho, izisebenzi zikahulumeni ezazivakashile zahlatshwa umxhwele umoya wokungenisa izihambi woFakazi BakaJehova kangangokuba zakhetha ukuhlala nezithunywa zevangeli emaqhugwaneni oFakazi ababezakhele wona. Lezi zisebenzi zikahulumeni zamangala ukuzwa ukuthi omunye wababepheka ungumdala webandla lendawo nokuthi phakathi kwezisebenzi zokuzithandela ezazenza imisebenzi ephansi kakhulu yokulungiselela umshado kwakukhona nombonisi ojikelezayo. Zaqaphela nobuntu obuhle bezithunywa zevangeli, ezazihlala eqhugwaneni ngaphandle kokukhononda futhi zisebenzisa amanzi akhiwe ngegogogwana ukuze zigeze. Zazingakaze zibone isibopho esiqine kangaka phakathi kwabantu bezizinda ezihlukene kangako. Nokho, okwazihlaba umxhwele kakhulu kwakuwukholo olwabonakaliswa ngokuzidela okukhulu ukuze kwenziwe ngokuvumelana nomthetho wendawo nelungiselelo likaNkulunkulu.

Isenzakalo Esijabulisayo

Lapho imibhangqwana ifika, yayilungiselela ngokushesha isinyathelo sokuqala somshado: ukuthola isitifiketi sokuzalwa. Yonke yalinda ngesineke emgqeni phambi kweqembu labe-Civil Registry ukuze inikeze imininingwane yayo. Yabe isidlulela komunye umugqa ukuze ithwetshulwe izithombe, ngemva kwalokho yaya eqenjini labe-Civil Identification Department ukuze ithole amakhadi omazisi. Ngemva kwalokho, yabuyela eqenjini labe-Civil Registry ukuze kulungiswe lesi sitifiketi somshado esasifunwa kakhulu. Ngemva kwalokho, yama ngesineke ilindele ukuba amagama ayo abizwe ngomshini wesikhulisa-zwi. Ukunikezelwa kwezitifiketi zomshado kwakuyisenzakalo esithinta inhliziyo. Kwakunenjabulo enkulu njengoba umbhangqwana ngamunye uphakamisela phezulu isitifiketi sawo somshado njengendebe eyigugu.

Konke lokhu kwakwenzelwa elangeni elikhipha umkhov’etsheni. Nokho, injabulo yalesi senzakalo ayizange iphazanyiswe yilokhu kushisa nothuli.

Abesilisa babegqoke kahle, abaningi begqoke amabhantshi nawothayi. Abesifazane babevunule ngendlela yomdabu, ehlanganisa ukubhinca indwangu ende enemibala egqamile ebizwa ngokuthi i-capulana. Abanye babebelethe izingane ngendwangu efanayo.

Izinto zahamba kahle, kodwa babebaningi kakhulu ukuba babengaqedwa ngosuku olulodwa. Lapho kuhlwa, izisebenzi zikahulumeni zanquma ngomusa ukuba ziqhubeke zisiza imibhangqwana. Zathi zazingenakushiya “abafowethu” belindile ngemva kokuba bezidele kangaka ukuze babe lapho. Lo moya wokubambisana nowokuzidela uyohlale ukhunjulwa.

Ebusuku kwaba makhaza kakhulu. Nakuba imibhangqwana embalwa yayilala ezindlini, eminingi yayingaphandle, ihleli ingunge imililo. Lokhu akuzange kunciphise injabulo yalesi senzakalo. Ngaphezu kokuqhuma komlilo, kwakuzwakala ukuhleka nengoma, ehlatshelelwa ngezindlela ezine. Abaningi babexoxa ngezindaba zohambo lwabo, bephethe izitifiketi zabo ababesanda kuzithola.

Lapho kusa abanye baya enkabeni yalo muzana beyothengisa izinkukhu zabo, izimbuzi nemifino ukuze basize ekukhokheleni izindleko zokubhalisa imishado yabo. Abaningi “banikela” ngempela ngezilwane zabo, bezithengisa ngemali engaphansi kakhulu kwenani lazo langempela. Kubantu abampofu, imbuzi iyinto eyigugu nebizayo; kodwa babezimisele ukuzidela ngale ndlela ukuze bashade futhi bajabulise uMdali wabo.

Ubunzima Bohambo

Eminye yemibhangqwana yayihambé amabanga amade iya lapho. Kwakunjalo ngoChamboko nomkakhe, uNhakulira. Baxoxa ngendaba yabo ngobusuku besibili balesi senzakalo lapho bothisa izinyawo zabo emlilweni. Nakuba eneminyaka engu-77 ubudala, eneso elilodwa elingaboni futhi elinye libona kalufifi, uChamboko wahamba izinsuku ezintathu engagqoke nazicathulo, ephelekezelwa yilo lonke ibandla, ngoba wayezimisele ukuyobhalisa ngokomthetho umshado wakhe weminyaka engu-52.

U-Anselmo Kembo, oneminyaka engu-72 ubudala, wayesehlale noNeri iminyaka engaba ngu-50. Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kohambo, wahlatshwa iva elikhulu emlenzeni lapho elima insimu yakhe. Waphuthunyiswa esibhedlela esiseduze ukuze athole ukwelashwa. Nokho, wanquma ukuluthatha lolu hambo ngezinyawo, ehamba exhuga kabuhlungu ebheke khona eFíngoè. Lwathatha izinsuku ezintathu. U-Anselmo wayengenakuzibamba ngenxa yenjabulo ayenayo njengoba ayephethe isitifiketi sakhe somshado ngesandla.

Omunye ophawulekayo owayesanda kushada kwakungu-Evans Sinóia, owayekade enesithembu. Lapho efunda iqiniso leZwi likaNkulunkulu, wanquma ukubhalisa ngokomthetho umshado wakhe nenkosikazi yakhe yokuqala, kodwa yenqaba, yamshiya yathandana nenye indoda. Inkosikazi yakhe yesibili, nayo eyayisifunda iBhayibheli, yavuma ukushada naye. Bobabili badabula esifundeni esiyingozi esinamabhubesi nezinye izilwane zasendle. Ngemva kohambo lwezinsuku ezintathu, nabo baphumelela ukushada ngokomthetho.

NgoLwesihlanu, ngemva kwezinsuku ezinhlanu izithunywa zevangeli nezisebenzi zikahulumeni zifikile, waphothulwa umsebenzi. Umphumela waba ukuthi kwakhishwa amakhadi omazisi angu-468 nezitifiketi zokuzalwa ezingu-374. Izitifiketi zomshado ezakhishwa zazingu-233! Kwakunomoya wenjabulo enkulu yonke indawo. Naphezu kokukhathala, bonke bavuma ukuthi kwakuwufanele ngempela umzamo. Ngokungangabazeki, leso senzakalo siyohlala sikhumbuleka ezingqondweni nasezinhliziyweni zabo bonke ababehilelekile. Ngempela kwakuwumshado okhetheke kakhulu!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela