Qaphela Abahleki Bosulu!
Namuhla, kwandile ukucabangela izinto kusengaphambili, futhi ibhizinisi lokucwaninga ngekusasa ngokusekelwe ezenzakalweni zamanje liyachuma. I-Daily Telegraph yaseLondon iyaphawula: “Njengoba unyaka ka-2000 usondela, kwenzeka into engavamile nokho okungeyona ebingalindelekile ngokuphelele. Izinkulungwane zabantu emhlabeni wonke zibona izinto eziyinqaba nje futhi ngokuvamile imibono ethusayo yekusasa.” Ezingqaphelini eziningi lesi sithakazelo esinamandla ngekusasa simane nje siwukuphindaphindwa kwezinguquko ebezilindelwe esikhathini esidlule ezingazange zenzeke.
LAPHO kwanda izinqola ezidonswa amahhashi ngekhulu le-19 leminyaka, enye indoda yabikezela ukuthi amadolobha aseYurophu ayeyogcina ecinaniswe umquba. Yiqiniso, kwabonakala ukuthi isibikezelo sayo sasingamanga. Ngakho, igcizelela indlela izibikezelo ezivame ukungagcwaliseki ngayo, i-Times yaseLondon yathi: “Ikusasa limane nje liyinqwaba yomquba.”
Abanye babahleka usulu labo ababona ingozi ezayo. Ngokwesibonelo, omunye uprofesa wezamabhizinisi eyunivesithi yase-United States wababekela inselele labo abaxwayisa ngokuwohloka kwendawo ezungezile ethi babheje ukuthi indawo ezungezile iyoqhubeka yini iba yimbi. Njengoba kubikwe kumagazini i-New Scientist, uthi “isimo sethu sokuphila siyathuthuka futhi sizoqhubeka senza kanjalo phakade.”
Phakathi nalokhu kuphambana kwamazwi okuzisholo nalawo aphikisana nawo, abantu abaningi bakholelwa ukuthi zonke izinto ziyohlala zinjalo ngokuyisisekelo. Behleka usulu noma yimuphi umqondo wokungenela kukaNkulunkulu ezindabeni zabantu, babonisa isimo sengqondo esifana nesabahleki bosulu bangekhulu lokuqala C.E.
Ingabe Zonke Izinto Zisalokhu Zinjalo?
Incwadi yesibili ephefumulelwe yomphostoli ongumKristu uPetru, eyalotshwa cishe ngo-64 C.E., yaxwayisa: “Ezinsukwini zokugcina kuyofika abahleki bosulu nokuhleka kwabo usulu, beqhubeka ngokwezifiso zabo siqu.”—2 Petru 3:3.
Abahleki bosulu bafuna ukwenza lokho abakuhleka usulu kubonakale kuyihlaya. Umuntu ozivumela ukuba anqotshwe ukuhleka usulu kungenzeka ukuthi uwela ogibeni lobugovu ngoba ngokuvamile umhleki wosulu usuke efuna ukuba labo abalalele bamukele umbono wakhe. Mhlawumbe abanye babahleki bosulu uPetru axwayisa ngabo babenjalo, “beqhubeka ngokwezifiso zabo siqu.” Exwayisa abafundi bencwadi yakhe, lo mphostoli wasebenzisa indlela yokukhuluma egcizelelayo. Waxwayisa ngokufika ‘kwabahleki bosulu nokuhleka kwabo usulu.’
Labo bahleki bosulu bangekhulu lokuqala leminyaka babengabaza ukuba yiqiniso ‘kokuba khona [kukaKristu] okuthenjisiwe,’ bethi: “Kuphi lokhu kuba khona kwakhe okuthenjisiwe? Phela, kusukela osukwini okhokho bethu abalala ngalo ekufeni, zonke izinto ziqhubeka ngokufana ncamashí nasekuqaleni kwendalo.” (2 Petru 3:4) Kubo kwakubonakala kanjalo. Nokho, emuva ngonyaka ka-33 C.E., uJesu wayebikezele ngenhlekelele eyayizokwehlela umuzi waseJerusalema. Wathi: “Uzofikelwa izinsuku lapho izitha zakho zizokwakha nxazonke zakho uthango ngezigxobo ezicijile zikuzungeze futhi zikucindezele nhlangothi zonke, futhi zizokuphahlaza phansi wena nabantwana bakho abaphakathi kwakho, futhi ngeke zishiye itshe phezu kwetshe kuwe.” Yeka ukuthi babenephutha kanjani labo abasihleka usulu leso sixwayiso! Ngo-70 C.E., amabutho amaRoma avimbezela iJerusalema futhi awuchitha lowo muzi, izakhamuzi zalala uyaca. Kungani iningi lezakhamuzi zalo muzi lalingayilungele le nhlekelele? Yingoba lalingazange liqonde ukuthi uNkulunkulu wayebahlolile ngeNdodana yakhe, uJesu.—Luka 19:43, 44.
Umphostoli uPetru ukhuluma ngokungenela kukaNkulunkulu uMninimandla onke kwangesikhathi esizayo. Uyaxwayisa: “Usuku lukaJehova luyofika njengesela.” (2 Petru 3:10) Ngaleso sikhathi uNkulunkulu uyosusa abantu abangamhloniphi embulungeni yonke futhi alondoloze labo abahlulelwe njengabalungile. “Ukuba khona” kukaKristu Jesu kwaqala ngo-1914, njengoba lo magazini uye wachaza kaningi. Kodwa isinyathelo sokususa ububi njengoMahluleli kaNkulunkulu uyosithatha esikhathini esizayo. Ngalokho, isixwayiso somphostoli sokuba siqaphele abahleki bosulu sisebenza ngokuphuthuma kakhulu manje.
Kungenzeka ukuthi usukulinde isikhathi eside ukungenela kukaNkulunkulu ezindabeni zabantu. Yini eyokusiza ukuba uqhubeke ulindé ngesineke ngaphandle kokuba isisulu sabahleki bosulu? Siza uqhubeke ufunda.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]
“Uzofikelwa izinsuku lapho izitha zakho . . . [ziyokuzungeza] futhi zikucindezele nhlangothi zonke, . . . futhi ngeke zishiye itshe phezu kwetshe kuwe.” Leso kwakungesona isixwayiso sokuhlekwa usulu. Amabutho amaRoma achitha iJerusalema, abantu balala uyaca.