Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/08 k. 3
  • Izinsuku Zokugcina—Zani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izinsuku Zokugcina—Zani?
  • I-Phaphama!—2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehova Uthembisa UDaniyeli Umvuzo Omuhle Kakhulu
    Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
  • Incwadi KaDaniyeli Kanye Nawe
    Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
  • Waqiniswa Isithunywa Esasivela KuNkulunkulu
    Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
  • Amaphuzu Avelele Encwadi KaDaniyeli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 4/08 k. 3

Izinsuku Zokugcina—Zani?

KUNOPHAWU efasiteleni lasesitolo oluthi: “Izinsuku Zokugcina.” Lokho olukushoyo kusobala. Kungase kusho ukuthi indali isizophela maduzane noma isitolo sesizovalwa. Kodwa kuthiwani uma othile ethi, “Siphila ezinsukwini zokugcina”? Kusho ukuthini lokho?

Sekuyisikhathi eside kusetshenziswa inkulumo ethi “izinsuku zokugcina” nethi “isikhathi sokuphela.” (2 Thimothewu 3:1; Daniyeli 12:4) Eminyakeni engaphezu kwengu-2 500 edlule, umprofethi uDaniyeli wanikezwa imibono yemibuso yomhlaba kanye nezimpi ezazizogqashuka phakathi kwayo kuze kube ‘sesikhathini sokuphela.’ Watshelwa ukuthi incazelo yale mibono yayizocaciswa ngaleso sikhathi. (Daniyeli 8:17, 19; 11:35, 40; 12:9) UDaniyeli wabika nokuthi: “Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume kuze kube nini nanini.”—Daniyeli 2:44.

UJesu Kristu wakhuluma “ngokuphela” lapho ephendula umbuzo ophathelene ‘nesibonakaliso sokuba khona kwakhe nesesiphelo sesimiso sezinto.’ (Mathewu 24:3-42) Ngokusobala, bobabili uDaniyeli noJesu babekhuluma ngesiphelo—ushintsho oluphawulekayo olwaluyothinta abantu abaphilayo nababephila embulungeni yethu. UDaniyeli wabhala ngokuphela kwabo bonke ohulumeni bomhlaba. UJesu wakhuluma ‘ngesiphelo sesimiso sezinto.’

Ingabe kufanele uzikhathaze ngalokhu? Yebo. Sonke isintu kufanele sikhathazeke, ngoba sonke sihilelekile. Noma kunjalo, abaningi bayithatha kancane le ndaba. IBhayibheli labikezela: “Ezinsukwini zokugcina kuyofika abahleki bosulu nokuhleka kwabo usulu, beqhubeka ngokwezifiso zabo siqu bethi: ‘Kuphi lokhu kuba khona kwakhe okuthenjisiwe? Phela, kusukela osukwini okhokho bethu abalala ngalo, zonke izinto ziqhubeka ngokufana ncamashí nasekuqaleni kwendalo.’” (2 Petru 3:3, 4) Yebo, abanye namuhla banomuzwa wokuthi okwake kwenzeka kuyophinde kwenzeke nokuthi ukuphila kuzoqhubeka ngale ndlela esiyaziyo unomphela.

Ingabe bukhona ubufakazi bokuthi ngempela siphila kulokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi izinsuku zokugcina? Ake sibone.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela