Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 12/1 kk. 21-24
  • Abafundi Abaphumelelayo Sebezoba Izithunywa Eziphumelelayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abafundi Abaphumelelayo Sebezoba Izithunywa Eziphumelelayo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abafundi Abashisekayo Bathola Injabulo Enkonzweni
  • Izithunywa Zevangeli Ezingomakad’ebona Zihlanganyela Nabanye Izimfihlo Zokuphumelela
  • Umoya Wokuzithandela Uletha Abantu EGileyadi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Jabulani KuJehova, Nethabe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Bashukunyiselwa Ukukhonza
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Ukuthwesa Iziqu Abafundi BeZwi LikaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 12/1 kk. 21-24

Abafundi Abaphumelelayo Sebezoba Izithunywa Eziphumelelayo

“NAMANJE angikakholwa ukuthi siye saba naleli lungelo!” kusho uWill, ebhekisela ekuqeqeshweni yena nomkakhe, uPatsy, ababesanda kukuqeda njengabafundi bekilasi le-103 le-Watchtower Bible School of Gilead. UZahid noJeni bavuma. “Sizizwa sinelungelo ngokuba lapha,” besho. Bonke abafundi babenze umsebenzi omuhle esikoleni. Manje base belangazelela ukuqala umsebenzi wabo njengezithunywa zevangeli. Kodwa okokuqala, esimisweni sokuthweswa iziqu ngo-September 6, 1997, bathola iseluleko sothando esasizobasiza ukuba baphumelele ezabelweni zabo njengezithunywa zevangeli.

Usihlalo wesimiso kwakunguTheodore Jaracz, ilungu leNdikimba Ebusayo. Waphawula ukuthi—ngaphandle komkhaya waseBethel nabameleli bamagatsha e-Watch Tower Society angu-48—kwakukhona abangane kanye nezihlobo ezivela eCanada, ePuerto Rico, e-United States naseYurophu bezoqinisekisa abafundi ukuthi bayabasekela futhi bayabathanda. UMfoweth’uJaracz waphawula ukuthi izithunywa zevangeli zamasonto eLobukholwa ngokuvamile ziye zachezuka emsebenzini wezithunywa zevangeli futhi zaqala ukuphishekela imfundo noma zaze zahileleka ngisho nakwezombangazwe. Ngokuphambene, abathweswa iziqu eGileyadi benza lokho abaye baqeqeshelwa ukuba bakwenze. Bafundisa abantu iBhayibheli.

URobert Butler wasehhovisi leNhlangano eliseBrooklyn wabe esekhuluma ngesihloko esithi “Yenza Indlela Yakho Iphumelele.” Wachaza ukuthi nakuba abantu belinganisa impumelelo ngenzuzo yemali noma yezinye izinto zomuntu siqu, okubaluleke ngempela indlela uNkulunkulu ayilinganisa ngayo impumelelo. Inkonzo kaJesu yayiphumelela, hhayi ngoba aguqula uquqaba lwabantu, kodwa ngoba wayethembekile esabelweni sakhe. UJesu waletha inkazimulo kuJehova, futhi wahlala engangcolisiwe yizwe. (Johane 16:33; 17:4) Lezi izinto wonke amaKristu angazenza.

URobert Pevy, owayeyisithunywa sevangeli emazweni aseMpumalanga, weluleka: “Yibani Izigqila Kubo Bonke Abantu.” Umphostoli uPawulu wayeyisithunywa sevangeli esiphumelelayo. Yayiyini imfihlo yakhe? Wazenza isigqila kubo bonke. (1 Korinte 9:19-23) Lesi sikhulumi sachaza: “Othweswe iziqu eGileyadi onalesi simo sengqondo ngeke abheke inkonzo yezithunywa zevangeli njengokukhushulelwa isikhundla emsebenzini, indlela yokukhuphukela ezikhundleni ezibaluleke kakhulu enhlanganweni. Isithunywa sevangeli siya esabelweni saso sinesisusa esisodwa vó—ukuyokhonza, ngoba yilokho izigqila ezikwenzayo.”

Esekela iseluleko sakhe ngokuyinhloko kweyesi-2 Korinte izahluko 3 no-4, uGerrit Lösch weNdikimba Ebusayo wanxusa abafundi, ethi “Bonakalisani Inkazimulo KaJehova Njengezibuko.” Wabakhumbuza ukuthi ulwazi ngoNkulunkulu lunjengokukhanya okukhanyisa umKristu lapho evula inhliziyo yakhe ukuze alwamukele. Sibonakalisa lokho kukhanya ngokushumayela izindaba ezinhle nangokulondoloza ukuziphatha okuhle. “Ngezinye izikhathi ningase nizizwe ningafaneleki,” evuma. “Lapho niba nemizwa enjalo, ncikani kuJehova, ‘ukuze amandla angaphezu kwavamile abe ngakaNkulunkulu.’” (2 Korinte 4:7) Enanela amazwi kaPawulu alotshwe kweyesi-2 Korinte 4:1, uMfoweth’uLösch wanxusa abafundi: “Ningasiyeki isabelo senu sezithunywa zevangeli. Gcinani isibuko senu sicwebezela!”

UKarl Adams, omunye wabafundisa eGileyadi, wakhuluma ngesihloko esithakazelisayo esithi “Ukuphi UJehova?” Lombuzo awubhekiseli endaweni uNkulunkulu akuyo, kodwa ubhekisela esidingweni sokucabangela umbono kaJehova nezimpawu zesiqondiso sakhe. Wathi: “Lapho ecindezelekile, ngisho nomuntu onomlando omude enkonzweni kaJehova kungase kumlahlekele lokho.” (Jobe 35:10) Kuthiwani ngosuku lwethu? Ngo-1942, abantu bakaNkulunkulu babedinga isiqondiso. Ingabe umsebenzi wokushumayela wawususemaphethelweni, noma ingabe kwakusenomsebenzi owengeziwe okwakusamelwe wenziwe? Yayiyini intando kaJehova ngabantu bakhe? Njengoba babetadisha iZwi likaNkulunkulu, impendulo yaba sobala. “Ngaphambi kokuba kuphele unyaka,” kusho uMfoweth’u-Adams, “kwase kwenziwe amalungiselelo e-Watchtower Bible School of Gilead.” Ngokuqinisekile uJehova uye wawubusisa umsebenzi wezithunywa zevangeli ezithunywa yileso sikole.

UMark Noumair waba ngowesibili kwabafundisayo owakhuluma. Enkulumweni yakhe enesihloko esithi “Uyolisebenzisa Kanjani Italenta Lakho?,” wakhuthaza abafundi ukuba basebenzise ukuqeqeshwa abakuthole eGileyadi ngokushesha nje lapho befika ezabelweni zabo ezintsha. Wathi: “Zamani ukufinyelela abanye. Yibani nesithakazelo. Yibani magange ukufunda amasiko, umlando, namahlaya ezwe. Uma nishesha ukufunda ulimi, kuyoba ngcono kakhulu.”

Abafundi Abashisekayo Bathola Injabulo Enkonzweni

Ngaphezu kokuzikhandla ezifundweni zabo lapho beseGileyadi, laba bafundi bababelwe emabandleni angu-11 aseduze. Ngezimpelasonto, babehlanganyela ngentshiseko emsebenzini wokushumayela. UWallace Liverance ongomunye wabafundisa eGileyadi wacela idlanzana labo ukuba lihlanganyele nezilaleli okunye kokuhlangenwe nakho kwalo. Injabulo yabo yayibonakala njengoba belandisa okuhlangenwe nakho lapho befakaza ezikhungweni zezitolo, ezindaweni zokupaka izimoto, endaweni yamabhizinisi, emgwaqweni nasendlini ngendlu. Abanye babo bafuna izindlela zokufinyelela abantu abakhuluma izilimi zakwamanye amazwe ababehlala futhi besebenza ensimini yebandla ababekulo. Lamalungu ekilasi le-103 aqala futhi aqhuba okungenani izifundo zeBhayibheli zasekhaya eziyishumi phakathi nezinyanga ezinhlanu zokuqeqeshwa kwawo.

Izithunywa Zevangeli Ezingomakad’ebona Zihlanganyela Nabanye Izimfihlo Zokuphumelela

Ngemva kwalengxenye ejabulisayo yesimiso, uPatrick Lafranca noWilliam Van de Wall bacela amalungu eKomiti Yegatsha angu-7 ukuba achaze izifundo ayezifunde emisebenzini yawo yezithunywa zevangeli ukuze kuzuze ikilasi. Ayala abathweswa iziqu ukuba babheke isabelo sabo sezithunywa zevangeli njengesivela kuJehova futhi bazimisele ukunamathela kuleso sabelo. Akhuluma ngemiphumela emihle izithunywa zevangeli eziqeqeshwe eGileyadi eziye zaba nayo emsebenzini eziwenza kwamanye amazwe.

Yini eyasiza lamalungu eKomiti Yegatsha ukuba akhonze amashumi eminyaka njengezithunywa zevangeli ezijabulayo nezikhiqizayo? Ayesebenzelana eduze nabazalwane bendawo futhi efunda kubo. Azikhandla ukuze afunde ulimi ngokushesha nje lapho efika ezabelweni zawo. Afunda ukuvumelana nezimo kanye namasiko endawo. UCharles Eisenhower, owathweswa iziqu ekilasini lokuqala laseGileyadi nosebé yisithunywa sevangeli iminyaka engu-54, waveza “izimfihlo” ezinhlanu izithunywa zevangeli eziphumelelayo eziye zazifunda: (1) Tadisha iBhayibheli njalo, (2) funda ulimi, (3) shiseka enkonzweni, (4) sebenzela ukuba kube nokuthula ekhaya lezithunywa zevangeli, futhi (5) uthandaze kuJehova njalo. Laba bafundi abazange bahlatshwe umxhwele iseluleko esingokoqobo abasithola kuphela kodwa nayinjabulo esobala lezi zithunywa zevangeli ezinokuhlangenwe nakho ezinayo enkonzweni kaJehova. Njengoba u-Armando noLupe bakubeka, “bayajabula lapho bekhuluma ngokuphila kwabo.”

Ngemva kwezingxoxo, kwase kusele inkulumo eyodwa. U-Albert Schroeder, ilungu leNdikimba Ebusayo, wakhetha isihloko esithi “Ukuphatha IZwi LikaNkulunkulu Ngokuthembeka Kwembula Amagugu Eqiniso.” Njengoba iBhayibheli liyincwadi eyinhloko eSikoleni SaseGileyadi, abafundi babenesithakazelo kulokho ayezokusho. UMfoweth’uSchroeder waphawula ukuthi lapho umsebenzi we-New World Translation of the Holy Scriptures uqalwa eminyakeni engu-50 edlule, amalungu agcotshiwe eKomiti Yezwe Elisha Yokuhumusha IBhayibheli awazange afune ukwamukeleka kubantu kodwa ancika esiqondisweni somoya ongcwele. (Jeremiya 17:5-8) Nokho, muva nje izikhulu ezithile ziye zayiqaphela indinganiso ephakeme ebekwa i-New World Translation. Sibhalela eNhlanganweni, esinye isazi sathi: “Ngiyakwazi ukubona incwadi esezingeni eliphezulu uma ngiyithola, futhi ‘iKomiti Yezwe Elisha Yokuhumusha IBhayibheli’ yenhlangano yenu iwenze kahle umsebenzi wayo.”

Ngemva kwalenkulumo, abafundi bathola ama-diploma abo, futhi kwamenyezelwa izabelo zabo. Kwakuyisikhathi esithinta inhliziyo emalungwini ekilasi. Njengoba ummeleli wekilasi efunda incwadi yokwazisa, abaningi bafikelwa usizi futhi bahlengezela izinyembezi. Abanye babafundi kwase kuyiminyaka eminingi belungiselela umsebenzi wezithunywa zevangeli. Beqaphela ukuthi izifundo zaseGileyadi zazizoqhutshwa ngesiNgisi, abathile babethuthele emabandleni akhuluma isiNgisi ukuze bathuthukise ikhono labo lokukhuluma lolu limi. Abanye babethuthele lapho kwakunesidingo esikhudlwana samaphayona, emazweni akubo noma kwamanye amazwe. Kanti abanye babelungiselele ngokufunda okuhlangenwe nakho, becwaninga, noma bebuka ikhasethi le-video yeNhlangano elithi To the Ends of the Earth ngokuphindelela.

UWill noPatsy, okukhulunywe ngabo ekuqaleni, bayijabulela kakhulu indlela abafundi ababeboniswa ngayo isithakazelo somuntu siqu. “Abantu ababengasazi nakusazi babesisingatha futhi besithwebula izithombe. Ilungu leNdikimba Ebusayo lasixhawula lathi, ‘Siyaziqhenya ngani!’” Akungabazeki ukuthi abafundi bekilasi le-103 bathandwa kakhulu. Baqeqeshwe kahle. Imfundo abayithole eGileyadi izobenza basuke ekubeni abafundi abaphumelelayo babe izithunywa zevangeli eziphumelelayo.

[Ibhokisi ekhasini 22]

Imininingwane Yekilasi

Inani lamazwe amelelwe: 9

Inani lamazwe ababelwe kuwo: 18

Inani labafundi: 48

Inani lemibhangqwana eshadile: 24

Isilinganiso seminyaka yobudala: 33

Isilinganiso seminyaka beseqinisweni: 16

Isilinganiso semienyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele: 12

[Isithombe ekhasini 23]

Ikilasi Le-103 Labathweswa Iziqu E-Watchtower Bible School of Gilead

Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.

(1) Bunn, A.; Dahlstedt, M.; Campaña, Z.; Boyacioglu, R.; Ogando, G.; Nikonchuk, T.; Melvin, S. (2) May, M.; Mapula, M.; Lwin, J.; Hietamaa, D.; Hernandez, C.; Boyacioglu, N.; Sturm, A.; Melvin, K. (3) Thom, J.; Mapula, E.; Nault, M.; Teasdale, P.; Wright, P.; Pérez, L.; Shenefelt, M.; Pak, H. (4) Murphy, M.; Campaña, J.; Stewart, S.; Cereda, M.; Reed, M.; Pérez, A.; Teasdale, W.; Pak, J. (5) Stewart, D.; Wright, A.; Cereda, P.; Nikonchuk, F.; Reed, J.; Hietamaa, K.; Ogando, C.; Shenefelt, R. (6) Murphy, T.; Hernandez, J.; Nault, M.; Bunn, B.; Thom, R.; Dahlstedt, T.; Lwin, Z.; May, R.; Sturm, A.

[Isithombe ekhasini 24]

Siyaphi?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela