Izwe Elinobulungisa Alilona Iphupho!
“UBULUNGISA into abantu abanesithakazelo kakhulu kuyo emhlabeni,” kuphawula isikhulu sikahulumeni waseMelika uDaniel Webster. Futhi iBhayibheli lithi: “UJehova uthanda [ubulungisa, NW].” (IHubo 37:28) Njengoba wawenziwe wafana noNkulunkulu, umbhangqwana wokuqala ongabantu wawunezimfanelo ezifana nezikaNkulunkulu, kuhlanganise nobulungisa.—Genesise 1:26, 27.
ImiBhalo ikhuluma ‘nangabantu bezizwe abangenawo umthetho abenza ngokwemvelo izinto zomthetho.’ Ngaleyo ndlela ‘babonisa ukuthi ingqikithi yomthetho ilotshiwe ezinhliziyweni zabo, lapho unembeza wabo ufakazelana nabo, futhi phakathi kwemicabango yabo siqu, babekwa icala noma baze ngisho bavunwe.’ (Roma 2:14, 15) Yebo, abantu banonembeza—umuzwa wangaphakathi wokuhlukanisa okuhle nokubi. Ngokusobala, umuntu uzalwa naso isidingo sobulungisa.
Okunye okuhlobene nesidingo sobulungisa ukufuna komuntu injabulo, ngoba iHubo 106:3 (NW) lithi: “Bayajabula abagcina ubulungisa, abenza ukulunga ngaso sonke isikhathi.” Nokho, kungani umuntu eye wahluleka ukuletha izwe elinobulungisa?
Kungani Umuntu Eye Wahluleka?
Isizathu esiyinhloko sokuhluleka ukufinyelela izwe elinobulungisa isisihla esiye sasizuza njengefa kubazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva. IBhayibheli liyachaza: “Ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.” (Roma 5:12) Lesi sisihla yisono. Nakuba badalwa bephelele, u-Adamu no-Eva banquma ukuhlubuka kuNkulunkulu ngaleyo ndlela bezenza izoni. (Genesise 2:16, 17; 3:1-6) Ngenxa yalokho, bashiyela izingane zabo ifa lokuthambekela okunesono nokubi.
Ingabe izici zobuntu ezinjengobugovu nobandlululo aziwona umphumela wokuthambekela okunesono? Futhi ingabe lezi zici azinalo igalelo ekungabini nabulungisa okusezweni? Phela, ubugovu buyimbangela yokusetshenziswa kabi ngamabomu kwendawo ezungezile nengcindezelo engokwezomnotho! Ngokuqinisekile ubandlululo yilona olubangela izingxabano zobuzwe nokungabi nabulungisa okungokohlanga. Izici ezinjalo zibangela nokuthi abantu baphange, baphambe futhi benze izinto ngendlela elimaza abanye.
Ngisho nemizamo enezisusa ezinhle yokuba nobulungisa nokwenza okuhle ngokuvamile ibhuntshiswa ukuthambekela kwethu okunesono. Nomphostoli uPawulu imbala wavuma: “Okuhle engikufisayo angikwenzi, kodwa okubi engingakufisi yikho engikwenza umkhuba.” Uyaqhubeka echaza lomshikashika, ethi: “Ngiyajabula ngempela ngomthetho kaNkulunkulu ngokomuntu enginguye ngaphakathi, kodwa ngibona emalungwini ami omunye umthetho olwa nomthetho wengqondo yami futhi ongithumbela emthethweni wesono osemalungwini ami.” (Roma 7:19-23) Cishe nathi namuhla sisempini efanayo. Yingakho ukungabi nabulungisa kuvame kangaka.
Indlela yomuntu yokubusa nayo iye yaba nesandla ekuntulekeni kobulungisa ezweni. Ezweni ngalinye, kunemithetho kanye nalabo abaqikelela ukuthi iyagcinwa. Kanti kukhona amajaji nezinkantolo. Ngokuqinisekile, abantu abathile abaphila ngezimiso baye bazama ukusekela amalungelo abantu futhi baqikelela ukuthi bonke abantu baphathwa ngobulungisa. Noma kunjalo, eminingi yemizamo yabo iye yabhuntsha. Ngani? Ebeka ngamafuphi izici ezihlukahlukene ezihilelekile ekuhlulekeni kwabo, uJeremiya 10:23 uthi: “Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” Njengoba bedediselwa kude noNkulunkulu, umuntu akakwazi ukuletha izwe elinokulunga nobulungisa.—IzAga 14:12; UmShumayeli 8:9.
Isithiyo esikhulu emzamweni womuntu wokwakha izwe elinobulungisa uSathane uDeveli. IBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi lengelosi ehlubukile uSathane ‘ingumbulali wabantu nomqambimanga’ wasekuqaleni nokuthi “lonke izwe lisemandleni omubi.” (Johane 8:44; 1 Johane 5:19) Umphostoli uPawulu uyichaza ngokuthi ‘ingunkulunkulu walesisimiso sezinto.’ (2 Korinte 4:3, 4) Njengoba ezonda ukulunga, uSathane wenza konke angakwenza ukuze abhebhezele ububi. Uma nje esalawula izwe, ukungabi nabulungisa kwazo zonke izinhlobo nosizi oluwumphumela wako kuzoqhubeka kugqilaza isintu.
Ingabe konke lokhu kusho ukuthi ukungabi nabulungisa akunakugwenywa emphakathini wesintu? Ingabe izwe elinobulungisa liyiphupho elingenakufezeka?
Kungenzeka Ukuba Izwe Libe Nobulungisa—Kanjani?
Ukuze kufezeke ithemba lezwe elinobulungisa, isintu kudingeka sibheke emthonjeni ongaqeda izimbangela zokungabi nabulungisa. Kodwa ubani ongaqeda isono futhi abhubhise uSathane nobubusi bakhe? Ngokusobala, akukho muntu noma inhlangano yabantu engafeza lomsebenzi onzima kangaka. UJehova uNkulunkulu kuphela ongawufeza! Ngokuphathelene naye, iBhayibheli lithi: “Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho yena.” (Duteronomi 32:4) Futhi njengoba ‘ethanda ubulungisa,’ uJehova ufuna ukuba isintu sijabulele ukuphila ezweni elinobulungisa.—IHubo 37:28, NW.
Ekhuluma ngelungiselelo likaNkulunkulu lokuletha izwe elinobulungisa, umphostoli uPetru wabhala: “Kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso sakhe, futhi kukho kuyohlala ukulunga.” (2 Petru 3:13) ‘Lamazulu amasha’ akuwona amazulu amasha angokoqobo. UNkulunkulu wenza amazulu ethu angokoqobo aphelela, futhi ayamkhazimulisa. (IHubo 8:3; 19:1, 2) “Amazulu amasha” ububusi obusha emhlabeni. “Amazulu” amanje angohulumeni babantu. Maduze nje, empini kaNkulunkulu ye-Armagedoni, lamazulu ayodedela “amazulu amasha”—uMbuso noma uhulumeni wakhe wasezulwini. (IsAmbulo 16:14-16) INkosi yalowo Mbuso uJesu Kristu. Lohulumeni uyobusa phakade, ubuqede ngokuphelele ububusi babantu.—Daniyeli 2:44.
Khona-ke, uyini ‘umhlaba omusha’? Akuyona iplanethi entsha, ngoba uNkulunkulu wenza umhlaba wakufanelekela kahle ukwakhiwa ngabantu, futhi kuyintando yakhe ukuba uhlale phakade. (IHubo 104:5) ‘Umhlaba omusha’ ubhekisela emphakathini wabantu omusha. (Genesise 11:1; IHubo 96:1) ‘Umhlaba’ oyobhujiswa uhlanganisa abantu abazenza ingxenye yalesi simiso esibi sezinto. (2 Petru 3:7) ‘Umhlaba omusha’ oyongena esikhundleni sawo uyokwakhiwa izinceku zangempela zikaNkulunkulu, ezizonda ububi nezithanda ukulunga nobulungisa. (IHubo 37:10, 11) Ngakho, izwe likaSathane liyobe lingasekho.
Kodwa yini egcinelwe uSathane? Umphostoli uJohane wabikezela: ‘[UKristu Jesu] wambamba udrako, inyoka yokuqala, onguDeveli noSathane, futhi wambopha iminyaka eyinkulungwane. Futhi wamjikijela kwalasha futhi wawuvala wawubeka uphawu phezu kwakhe, ukuze angabe esazidukisa izizwe.’ (IsAmbulo 20:1-3) USathane oboshiwe ngeke esathonya isintu njengoba nje kunjalo ngesiboshwa esisejele elimnyama elisemgodini. Yeka ukukhululeka isintu esiyoba nakho, okuyoba isandulela sezwe elinobulungisa! Futhi ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane, uSathane uyobhujiswa angabe esabakhona.—IsAmbulo 20:7-10.
Nokho, kuthiwani ngesono esisizuze njengefa? Kakade uJehova usebeke isisekelo sokuqeda isono. ‘INdodana yomuntu [uJesu Kristu] yezela ukunikela umphefumulo wayo ube isihlengo esenana abaningi.’ (Mathewu 20:28) Igama elithi “isihlengo” libhekisela enanini elidingekayo ukuze kukhululwe abathunjwa. UJesu wakhokha inani lokuphila kwakhe kobuntu okuphelele njengesihlengo sokukhulula isintu.—2 Korinte 5:14; 1 Petru 1:18, 19.
Umhlatshelo kaJesu wesihlengo ungasizuzisa ngisho namanje. Ngokuba nokholo kuwo, singajabulela ukuma okuhlanzekile phambi kukaNkulunkulu. (IzEnzo 10:43; 1 Korinte 6:11) Ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu, isihlengo siyokwenza kube nokwenzeka ngesintu ukuphulukiswa ngokuphelele esonweni. Incwadi yokugcina yeBhayibheli ichaza “umfula wamanzi okuphila” ongokomfanekiso ovela esihlalweni sikaNkulunkulu, futhi osebeni lwawo kunemithi yezithelo enamaqabunga ‘okwelapha izizwe.’ (IsAmbulo 22:1, 2) Lokho okuchazwa iBhayibheli lapha kumelela ilungiselelo elimangalisayo loMdali lokukhulula isintu esonweni ngesisekelo somhlatshelo kaJesu wesihlengo. Ukulisebenzisa ngokugcwele leli lungiselelo kuyokhulula isintu esilalelayo esonweni nasekufeni.
Ukuphila Ezweni Elinobulungisa
Cabanga ukuthi ukuphila kuyoba njani ngaphansi kokubusa koMbuso. Ubugebengu nobudlova kuyoba izinto zesikhathi esidlule. (IzAga 2:21, 22) Ukungabi nabulungisa kwezomnotho kuyobe kungasekho. (IHubo 37:6; 72:12, 13; Isaya 65:21-23) Yonke iminonjana yobandlululo lwezenhlalo, lobuhlanga nobuzwe iyosuswa. (IzEnzo 10:34, 35) Izimpi nezikhali zempi ziyobe zingasekho. (IHubo 46:9) Izigidi zabafa ziyobuyiselwa ekuphileni ezweni elinobulungisa. (IzEnzo 24:15) Wonke umuntu uyojabulela impilo ephelele neyobungqabavu. (Jobe 33:25; IsAmbulo 21:3, 4) IBhayibheli liyasiqinisekisa, “[UJesu Kristu] uyakukhipha ukwahlulela ngeqiniso.”—Isaya 42:3.
Okwamanje, singase sibhekane nokungabi nabulungisa, kodwa kwangathi singelokothe sibe abangenabulungisa nathi. (Mika 6:8) Ngisho nalapho kudingeka sikhuthazelele ukungabi nabulungisa, kwangathi singalondoloza umbono wethemba. Izwe elinobulungisa elithenjisiwe lizoba khona maduze nje. (2 Thimothewu 3:1-5; 2 Petru 3:11-13) UNkulunkulu uMninimandla onke uselikhiphile izwi lakhe, futhi “liyakuba-njalo.” (Isaya 55:10, 11) Manje isikhathi sokuba sizilungiselele ukuphila kulelozwe elinobulungisa ngokufunda lokho uNkulunkulu akufunayo kithi.—Johane 17:3; 2 Thimothewu 3:16, 17.
[Isithombe ekhasini 7]
Yonke iminonjana yokungabi nabulungisa iyosuswa ezweni elisha elithenjiswe uNkulunkulu