Ingabe Ulangazelela Izwe Elinobulungisa?
ISIKEBHE samapulangwe esiyizitezi esinezinsika ezintathu zikaseyili sisondela ogwini lwendawo manje okuthiwa iCape Cod, eMassachusetts, e-U.S.A. Amatilosi nabagibeli abangu-101 abaphakathi bakhathele ngenxa yokuba solwandle izinsuku ezingu-66. Bebalekela ushushiso olungokwenkolo nobunzima bezomnotho, baye bathatha uhambo olunzima benqamula i-Atlantic Ocean.
Njengoba abagibeli balomkhumbi, i-Mayflower, bebona izwe ngo-November 11, 1620, amehlo abo ayakhazimula ngenxa yethemba lokuqala izinto kabusha. Befisa ukubeka isisekelo sezwe elingcono, iningi labesilisa abadala ababesemkhunjini lasayina iSivumelwano SakuyiMayflower. Kuso, lavumelana ngokumisa “imithetho enobulungisa nengakhethi” licabangela “inhlalakahle yekoloni.” Ingabe iphupho lalo lezwe elinokulunga nelingakhethi muntu—izwe elinobulungisa—liye lafezeka?
Ngisho noma iSivumelwano esasayinwa kuyi-Mayflower sibhekwa njengesinye sezisekelo zesimiso sikahulumeni waseMelika, ukungabi nabulungisa kuyinsakavukela eMelika, njengoba nje kunjalo nasemhlabeni wonke. Ngokwesibonelo, cabanga ngendoda eyadutshulwa amaphoyisa lapho izama ukubaleka ngemva kokuphanga nokudubula umnini-sitolo. Yamangalela amaphoyisa nomkhandlu wedolobha waseNew York futhi yanxephezelwa ngezigidi zama-dollar.
Cabangela esinye isibonelo. Lapho abafundi basesikoleni sezomthetho bebhala ukuhlolwa kwabo kwezobumeli ePasadena, eCalifornia, omunye wabo wawa waquleka. Ngaphandle kokuzindela, abafundi ababili ababeseduze kwakhe basebenzisa inqubo yokuphaphamisa okuthiwa i-cardiopulmonary resuscitation kwaze kwafika izisebenzi zezempilo. Bachitha imizuzu engu-40 besiza lona wesilisa. Kodwa lapho becela ukwenezelelwa isikhathi ukuze baqedele ukuhlolwa kwabo, uthisha wezifundo zobumeli wenqaba.
Kukhona nodaba lokujeziswa ngenxa yobugebengu. Umhlaziyi wezomnotho u-Ed Rubenstein uthi: “Amacala amaningi obugebengu awaphumeli ekuboshweni [kwezigebengu]. Abaningi kulabo ababoshwayo abaquliswa cala. Abaningi abalahlwa icala abasidonsi sonke isigwebo sabo. Ngokombono wesiboshwa, isijeziso esilindelekile siyinto engase yenzeke, hhayi ezokwenzeka ngempela.” Esebenzisa ukwaziswa okugciniwe kwamacala okugqekeza, uphetha ngokuthi kumuntu ongase agqekeze “kunamathuba angamaphesenti angaphezu kuka-98 okuba akugweme ukuboshwa.” Ukuncipha kwengozi yokujeziswa kuholela ebugebengwini nasezisulwini zobugebengu ezengeziwe.—UmShumayeli 8:11.
Emazweni amaningi idlanzana elicebile liqhubeka liceba ngokwengeziwe kuyilapho iningi elimpofu libhekana nokungabi nabulungisa kwezomnotho. Ukungabi nabulungisa okunjalo kuyadlanga lapho abantu benamathuba amancane okuthuthukisa isimo sabo noma ngisho nawokuzondla ngenxa yebala lesikhumba sabo, isizinda sohlanga, ulimi, ubulili noma inkolo. Ngokwesibonelo, ngokwe-New York Times, “cishe izigidi ezingu-250 zabantu baseNingizimu Asia ebuswa amaHindu—iningi eliseNdiya naseNepal—zizalwa futhi zize zife zisesigabeni sabangathintwa.” Umphumela uba ukuthi izigidi zibhuqwe ubumpofu, indlala nezifo. Zibhekana nokungabi nabulungisa kusukela zizalwa zize ziyofa.
Kuthiwani ngezimo ezibonakala ziwukungabi nabulungisa umuntu angenakuzilawula? Cabanga ngabantwana abazalwa bekhubazekile—beyizimpumputhe, beyizilima noma bexhwalile. Ngeke yini owesifazane abe nomuzwa wokuntuleka kobulungisa lapho umntanakhe ezalwe ekhubazekile noma eshonile kuyilapho abesifazane abaseduze kwakhe begone izinsana eziphile kahle?
Ngokudabukisayo, kwandile ukungabi nabulungisa kanye nemiphumela yako—ukuhlupheka okukhulu nokungabi bikho kokuthula, injabulo nokwaneliseka. Bethukutheliswa ukungabi nabulungisa abakubonayo nababhekana nako, abaningi baphendukela ebudloveni, ngaleyo ndlela bandise ukuhlupheka kwabantu. Izimpi eziningi ziye zalwiwa ngenxa yokuqashelwa kokungabi nabulungisa.
Kungani umuntu eye wahluleka ukuletha izwe elinobulungisa? Ingabe izwe elinjalo limane nje liyiphupho?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
Corbis-Bettmann
[Isithombe ekhasini 4]
Ukusayinwa kweSivumelwano SakuyiMayflower
[Umthombo]
Corbis-Bettmann