Ubunye Bomhlaba—Buyotholakala Kanjani?
NJENGESAKHIWO esonakele esiye sacekelwa phansi izakhamuzi ezinganaki, isimiso sezwe sanamuhla silungele into eyodwa vó—ukudilizwa bese kwakhiwa esinye esikhundleni saso. Lokhu akuwona omunye umbono wembubhiso obonisa ukungabi nathemba. NgokweBhayibheli, lokhu kuwukuphela kombono ongokoqobo. Ngani?
Izisekelo zohlelo lwezwe lanamuhla aziphephile. Zonke izisekelo zokhuni zidliwe umuhlwa nokubola. Insika yensimbi iyagqwala. Izindonga ziyantengantenga. Uphahla luyawohloka. Amapayipi amanzi ayavuza. Isimiso samandla kagesi sonakele futhi siyingozi. Izakhamuzi zilwa njalo futhi zonakalisa ngonya sonke isakhiwo. Sonke isakhiwo nendawo esizungezile kugcwele izilokazane okungakubulala noma kukulimaze kakhulu.
“Lulengela Egodini”
Ngenxa yezingxabano eziqhubekayo zezombangazwe, ukuhaha, unya nenzondo ejulile yobuzwe nobuhlanga, uGwynne Dyer uthi: “Lonke uhlanga lwesintu lulengela egodini.” Emhlabeni wonke, amaqembu ashisekayo—amaqembu acindezelayo, abalweli benkululeko, amaqembu ezigebengu, amaphekula ezizwe zonke, nabanye—aphishekela amacebo awo obugovu futhi abonakala ekwazi ukonakalisa noma imaphi amathuba okuthula ezweni cishe ngokuthanda kwawo. Njengezakhamuzi eziphazamisayo, angenza ukuphila kwabo bonke abanye abantu kube lusizi.
Nokho, ngokwezingqapheli eziningi, lamaqembu avukelayo noma abantu abangalawuleki ababodwa ekuvimbeleni ukuba umhlaba ube nobunye. Isithiyo esikhulu kunazo zonke imibuso yamazwe ngokwayo. Umlobi obhala ngezimpi uS. B. Payne, Jr., uthi amazwe azimele ‘anesiphithiphithi emhlabeni wonke.’ Enza noma yini ezuzisa wona, engawacabangeli amanye. Ngenxa yalokho, kuwo wonke umlando ‘umuntu uye wabusa omunye kwaba-ngukulimala kwakhe.’—UmShumayeli 8:9.
Yiqiniso, abanye ohulumeni bamazwe baye baba nesilinganiso esithile sempumelelo ekulweni nokungabi nabulungisa nengcindezelo emazweni abo, futhi ngezinga elithile, nakuwo wonke amazwe. Ngezikhathi ezithile baye benza umhlaba wonke waba nobunye ngesilinganiso esithile. Kodwa ngisho nalapho abanye balabohulumeni beye bahlangana ukuze bamelane nezwe elinonya, kuvame ukuba nezinsolo zokuthi lokho bakwenza ngenxa yezithakazelo zabo siqu kunokukhathalela abanye ngempela. Iqiniso liwukuthi ohulumeni babantu abanalo ikhambi eliphelele nelihlala njalo lokuqeda ukuhlukana komhlaba. UGwynne Dyer uyaphawula: “Umqondo wokuthi wonke amazwe omhlaba ayohlangana ndawonye ukuze avimbele noma ajezise izwe elithile elizimele elinonya uyancomeka, kodwa ubani onqumayo ukuthi iliphi izwe elinonya, futhi ubani olahlekelwa imali nokuphila okungaba umphumela wokunqanda lelozwe?”
Yiqiniso, ukuba nonya kwanoma iliphi izwe kwelinye kungenzeka kuphela uma iningi lezakhamuzi zalo lingaphikisani nalolo lunya. Umlando ubonisa ngokuphindaphindiwe ukuthi akukhona ‘emazweni athile azimele’ kuphela lapho izakhamuzi ziye zasekela khona abaholi bazo, kungakhathaliseki ukuthi baqinisile noma banephutha. Eqinisweni, iningi lezakhamuzi zomhlaba liye lakwenza lokhu. Umagazini i-Time uthi liye laphuphutheka lilandela “amanga, inkulumo yobuphekula nenkulumo-ze” yabaholi abaningi bezombangazwe nabenkolo.
Ubuzwe buye benza abantu ababecabangela futhi benesihawu baba nolaka futhi buye babangela ukuba bahlukumeze ngonya abesilisa, abesifazane nezingane zesinye isizwe. Ngokwesibonelo, sibhekisela eMpini Yezwe I, isazi-mlando uJ. M. Roberts siyaphawula: “Enye yezindida zika-1914 ukuthi kubonakala sengathi ezweni ngalinye abantu abaningi, bazo zonke izinhlangano, izinkolo nozalo, ngokumangalisayo, baye baya ngokuzithandela nangenjabulo empini.” Ingabe abantu baye bafunda okuthile kusukela ngaleso sikhathi? Cha! Ububi “bobuzwe obungenangqondo,” njengoba intatheli uRod Usher ebubiza, buyaqhubeka bubhuntshisa noma iliphi ithuba lokuba umhlaba ube nobunye.
Amandla Angabonakali Asebenzayo
Nokho, kunesithiyo esikhulu nakakhulu esenza umhlaba ungabi nobunye. IBhayibheli lembula ukuthi kunamandla angabonakali asebenzayo. Lamandla kuthiwa uSathane uDeveli nezikhonzi zakhe, amademoni. NgokweBhayibheli, uSathane ‘ungunkulunkulu walesisimiso sezinto oye waphuphuthekisa izingqondo zabangewona amakholwa,’ ukuze bangathonywa ‘izindaba ezinhle ezikhazimulayo ezimayelana noKristu.’—2 Korinte 4:4; IsAmbulo 12:9.
Nokho, lokhu akubakhululi abantu emthwalweni wokuziphendulela ngezenzo zabo. Kodwa kuchaza isizathu esenza imibuso yabantu ingakwazi ukumisa umhlaba onobunye bangempela. Uma nje uSathane uDeveli esekhona, uyothonya abesilisa nabesifazane ukuba bahlakulele lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi “imisebenzi yenyama,” ehlanganisa ‘ubutha, ukuxabana, imibango nokuhlukana.’—Galathiya 5:19-21.
Uhulumeni Womhlaba
Khona-ke, liyini ikhambi? Eminyakeni engu-700 edlule, uDante, imbongi nesazi sefilosofi esaziwayo esingumNtaliyane, wanikeza impendulo. Wagcizelela ukuthi uhulumeni womhlaba kuphela ongaqinisekisa ukuthula nobunye besintu. Kubantu abaningi, ukuthembela kunoma iluphi uhlobo lukahulumeni womhlaba kumane nje kuwukuzikhohlisa, akuyona into ongabeka ithemba langempela kuyo. Umlobi okukhulunywe ngaye ngaphambili, uPayne, uphetha ngokuthi: “Uhulumeni womhlaba into engenakucatshangwa nakucatshangwa kulesi sikhathi emlandweni.” Ngani? Ngoba noma imuphi uhulumeni womhlaba ophumelelayo kuyodingeka uqinisekise ngezinto ezimbili ezibonakala zingaphezu kwamandla omuntu ngokuphelele, okuwukuthi “uhulumeni womhlaba uzoqeda impi nokuthi uhulumeni womhlaba ngeke ube umbuso wobushiqela wembulunga yonke.”
Kusobala ukuthi awukho uhulumeni wabantu ongakufinyelela lokho. Nokho, uMbuso kaNkulunkulu osezandleni zikaJesu Kristu ungayiqeda futhi uyoyiqeda impi. (IHubo 46:9, 10; Mathewu 6:10) Ngempela, uyosusa bonke abaphehli bempi. Umprofethi uDaniyeli ubonisa ukuthi ekupheleni kwesikhathi uNkulunkulu asimisele imibuso yabantu emhlabeni, ukubusa kwabantu ‘kuyakuba-ngumbuso owahlukeneyo njengensimbi ixubene nebumba lodaka.’ (Daniyeli 2:41-43) Lokhu kuyophumela ekuhlukaneni phakathi kwezombangazwe nasengxabanweni engenakugwenywa. Nokho, uDaniyeli uthi uMbuso kaNkulunkulu “uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso [enobuzwe nengenabo ubunye],” noma ohulumeni, umise esikhundleni sayo uMbuso osekunesikhathi eside ulindelwe osezandleni zikaJesu Kristu.—Daniyeli 2:44.
Bekungeke kusize ukwenzela abantu indawo enhle ezungezile uma umhlaba uqhubeka unezelelesi ezenza ukuphila kwabanye abantu kube lusizi. Nokho, “ababi bazakuchithwa.” (IHubo 37:1, 2, 9, 38; IzAga 2:22) Ngakho, uKristu uyosusa bonke abazenqaba ngenkani izimiso zikaNkulunkulu noma abasekela imibuso yezwe ephazamisayo. Uyobhubhisa bonke abonakalisa leplanethi. UNkulunkulu uthembisa ‘ukuchitha labo abachitha umhlaba.’—IsAmbulo 11:18.
Lokhu ngeke kube umbuso othile wobushiqela wembulunga yonke. Lapho uJesu Kristu ehlukanisa abahle kwababi uyokwenza “ngenxa yeqiniso nokuthobeka nokulunga.” (IHubo 45:3, 4; Mathewu 25:31-33) Futhi lokhu akukhona nje ukusetshenziswa kabi kwamandla okungafanele nokubhubhisayo. Cha! Akunjengokungathi isakhiwo esithile esihle esidala sizodilizwa umakhi onobugovu othengisa izindawo. Kuyoba njengokudilizwa kwesakhiwo esiyifuku nesibolile ukuze kube nendawo enhle nehlanzekile.
Kodwa kuthiwani ngamandla angabonakali aye abangela ukuhlukana okungaka esikhathini esidlule? Ingabe ayovunyelwa ukuba athonye leso simiso esisha ukuze izakhamuzi zaso ziqale kabusha zibangele umonakalo, zilwe nezakhamuzi ezikanye nazo futhi zenze ukuphila kwawo wonke umuntu kube lusizi? Akunjalo neze. Lokhu kukhuculwa nokulungiswa kungumnqamulajuqu. “Ukuhlupheka akuyikuvela ngokwesibili.”—Nahume 1:9.
IBhayibheli lifanisa ukubhujiswa kokugcina kukaSathane nokushiswa kwemfucumfucu ize ibe umlotha. Lithi “uDeveli owayezidukisa [izakhamuzi zomhlaba] wajikijelwa echibini lomlilo nesibabule.” (IsAmbulo 20:10) Yeka umfanekiso onamandla! Cabanga, imbubhiso ayifaniswa nje nendawo encane yokushisa kodwa nechibi lomlilo, elishisa liqede noma yini embi nengcolile. Akukho noyedwa, kungakhathaliseki ukuthi umuntu noma idemoni, oyovunyelwa ukuba aqhubeke enza izinto ezisongela uhlelo lwendawo yonke, ezeqa izimiso zikaNkulunkulu zokuhle nokubi, noma ezibangela ubuhlungu kubantu aphila nabo. Bonke abakhinyabezi bobunye bayobe bengasekho!—IHubo 21:9-11; Zefaniya 1:18; 3:8.
Abantu Abanobunye Bazo Zonke Izizwe
Abayosinda kulokhu kukhuculula bayoba ‘isixuku esikhulu esiphuma kuzo zonke izizwe nezizwana nabantu nezilimi.’ (IsAmbulo 7:9) Ngeke besahlukaniswa ukungafani ngokobuzwe. Bayobe sebefundé ukuphila ndawonye ngobunye obunokuthula. (Isaya 2:2-4) Okuhle nakakhulu ukuthi bayohlangana nezakhamuzi zaleplanethi zesikhathi esidlule eziyobuyiselwa emhlabeni ohlanziwe ngelungiselelo elimangalisayo lovuko.—Johane 5:28, 29.
Ungathanda ukuphila emhlabeni onjalo? Abayophila lapho kuyoba yilabo kuphela abanamathela kulokho uNkulunkulu akufunayo, futhi lokho kubhalwe ngokucacile eBhayibhelini. (Johane 17:3; IzEnzo 2:38-42) OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza ukuba ufunde lokho uNkulunkulu akufunayo ukuze ube nethemba lokujabulela ukuphila phakade emhlabeni onobunye bangempela.
[Isithombe ekhasini 7]
Uhulumeni osezandleni zikaJesu Kristu uyoqinisekisa ukuba khona komhlaba onobunye