Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 10/15 k. 31
  • Ingabe Wahlala Eyincasakazi Eshadile?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Wahlala Eyincasakazi Eshadile?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 10/15 k. 31

Ingabe Wahlala Eyincasakazi Eshadile?

EMZAMWENI wokuvumelanisa ukuthi uMariya wahlala eyincasakazi ngisho eseshade noJosefa, abadwebi abaningi nabaqophi bemifanekiso baye badweba uJosefa njengendoda eyayisigugile. Banombono wokuthi uJosefa empeleni wayenjengomnakekeli kaMariya kunomyeni. Kodwa uPapa John Paul II muva nje usekele umbono ohlukile walendaba. Usikisela ukuthi uJosefa “ngaleso sikhathi wayengelona ikhehla.” Kunalokho, “ukuphelela kwakhe kwangaphakathi, isithelo somusa, kwamholela ekubeni angahlangani ngokobulili noMariya ayeshade naye, elondoloza ubumsulwa bakhe.”

Uma uMariya ayeqonde ukuhlala eyincasakazi phakade, kungani avuma ukuba ingoduso? “Kungase kucatshangwe,” kuphendula upapa, “ukuthi ngesikhathi sokuthembisana kwabo kwakunokuvumelana phakathi kukaJosefa noMariya ngecebo lokuhlala eyincasakazi.”

Nokho, iBhayibheli liyibeka ngendlela ehlukile lendaba. Ukulandisa kukaMathewu kuthi uJosefa “akazange abe nobuhlobo naye waze wazala indodana.” (Mathewu 1:25, I-New American Bible yamaKatolika, omalukeke sizenzele.) Ngemva kokuzalwa kukaJesu, uJosefa noMariya abazange neze balondoloze ubumsulwa ngokobulili lapho sebeshadile. Ubufakazi obubodwa balokhu ukuthi kamuva ekulandiseni kweVangeli, uJesu uvezwa njengonabafowabo nodadewabo.—Mathewu 13:55, 56.

Ngakho, nakuba iBhayibheli lithi uMariya wayeyincasakazi lapho ebeletha uJesu, asikho isisekelo sokuthi waphila njengencasakazi kukho konke ukuphila kwakhe noJosefa.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela