Ingabe Kusengenzeka Ukukhulisa Izingane Eziziphethe Kahle?
“MANJE siphila emphakathini oyinkimbinkimbi kakhulu, onamasiko ahlukahlukene, lapho izimiso zokuziphatha zingafani,” kuphawula uRobert Glossop we-Vanier Institute for the Family e-Ottawa, eCanada. Uba yini umphumela? Umbiko osephephandabeni i-Toronto Star uthi: “Ukukhulelwa, ubudlova kanye nokuzibulala kwentsha eyeve eshumini nambili kuyanda.”
Lenkinga ayitholakali eNyakatho Melika kuphela. UBill Damon, umqondisi we-Center for Human Development eBrown University eRhode Island, e-U.S.A., uye wacwaninga ngalezi zinkinga eBrithani nakwamanye amazwe aseYurophu, kanye nase-Australia, e-Israyeli naseJapane. Ukhomba ekuyekethiseni kwamasonto, izikole nezinye izinhlangano ekunikezeni isiqondiso entsheni. Ukholelwa ukuthi impucuko yethu “ayisaqapheli ukuthi yini edingwa izingane ukuze zakhe ubuntu namakhono.” Ebhekisela kochwepheshe bokukhuliswa kwezingane abafundisa ukuthi “ukujezisa kuyingozi empilweni nasenhlalakahleni yezingane,” uDamon uveza ukuthi lokho “kuyindlela yokuba nezingane ezizibusayo nezingamahlongandlebe.”
Yini edingwa intsha yanamuhla? Idinga ukuqeqeshwa kothando okuqhubekayo okulungisa ingqondo nenhliziyo. Intsha ehlukahlukene idinga izinhlobo ezihlukahlukene zokuyala. Lapho kushukunyiswa uthando, ngokuvamile ukuyala kunganikezwa ngamazwi anengqondo. Yingakho kuyizAga 8:33 sitshelwa ukuba ‘sizwe ukuyala.’ Nokho, enye intsha “ayisolwa ngamazwi.” Intsha enjalo kungase kudingeke ukuba ijeziswe ngendlela nangezinga elifanele ngenxa yokungalaleli. (IzAga 17:10; 23:13, 14; 29:19) Ngokutusa lokhu, iBhayibheli alivuni ukubhaxabula ngentukuthelo noma ukushaya ngamandla, okungase kulimaze ingane. (IzAga 16:32) Kunalokho, ingane kufanele iqonde ukuthi kungani iqondiswa futhi ibone ukuthi kungenxa yokuba umzali eyikhathalela.—Qhathanisa namaHeberu 12:6, 11.
Iseluleko seBhayibheli esinjalo esiwusizo nesinengqondo sicaciswe kahle encwadini ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya.