Izibusiso Zenkonzo Yobuphayona
“Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso.”—IZAGA 10:22.
1, 2. (a) Elinye iphayona layiveza kanjani imizwa yalo ngenkonzo yesikhathi esigcwele? (b) Kungani amaphayona esesimweni sokuyithola ngokwengeziwe injabulo yokwenza abafundi?
“IKHONA yini injabulo engadlula eyokubona umuntu omfundelayo eba umdumisi kaJehova okhuthele? Kuyajabulisa futhi kuqinisa ukholo ukubona indlela iZwi likaNkulunkulu elinamandla ngayo ekushukumiseni abantu ukuba benze izinguquko ekuphileni kwabo ukuze bajabulise uJehova.” Labhala kanjalo iphayona laseCanada eselineminyaka engaphezu kuka-32 lisenkonzweni yesikhathi esigcwele. Ngokuphathelene nenkonzo yalo yobuphayona, lithi: “Angiziboni ngenza enye into. Angiyiboni nakancane enye into engaletha injabulo efanayo.”
2 Uyavuma yini ukuthi kunenjabulo enkulu ekubeni nengxenye ekusizeni umuntu angene endleleni eya ekuphileni? Yiqiniso, akuwona amaphayona kuphela aba nenjabulo enjalo. Zonke izinceku zikaJehova zithunywe ukuba ‘zenze abantu babe abafundi,’ futhi zizama ukwenza kanjalo. (Mathewu 28:19) Nokho, njengoba amaphayona ekwazi ukusebenzisa amahora amaningi enkonzweni yasensimini, ngokuvamile asesimweni sokuyithola ngokugcwele ngokwengeziwe injabulo yokwenza abafundi. Kodwa ukuphayona kuneminye futhi imivuzo. Xoxa namaphayona, azokutshela ukuthi ukuphayona kuyindlela emangalisayo yokuthola ‘isibusiso sikaJehova esicebisayo.’—IzAga 10:22.
3. Yini engase isishukumise njengoba siqhubeka sikhonza uJehova?
3 Muva nje, kuye kwacelwa amaphayona asezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba ukuba achaze izibusiso aye azithola enkonzweni yesikhathi esigcwele. Ake sicabangele lokho aye akusho. Nokho, ungadangali uma inkonzo yakho ilinganiselwe ngenxa yempilo ebuthakathaka, ukukhula ngeminyaka, noma ezinye izimo. Khumbula, into ebalulekile ukukhonza uJehova ngomphefumulo wonke, kunoma imuphi umkhakha. Noma kunjalo, ukuzwa amazwi amanye amaphayona kungase kukhulise nesakho isithakazelo sokungenela lomsebenzi ovuzayo uma kungenzeka.
Imizwa Ejulile Yokwaneliseka Nenjabulo
4, 5. (a) Kungani ukuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye kuyisenzakalo esivuza kangaka? (b) Azizwa kanjani amaphayona ngokuhlanganyela enkonzweni isikhathi esigcwele?
4 “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni,” kusho uJesu. (IzEnzo 20:35) Yebo, ukupha ngokungenabugovu kunemivuzo. (IzAga 11:25) Lokhu kuyiqiniso ngokukhethekile lapho kuziwa ekuhlanganyeleni izindaba ezinhle nabanye. Ngempela nje, isiphi isipho esikhulu esingasipha omunye umuntu kunokumsiza athole ulwazi ngoNkulunkulu, oluholela ekuphileni okumi phakade?—Johane 17:3.
5 Akumangalisi ukuthi labo abahlanganyela kulenkonzo isikhathi esigcwele bavame ukukhuluma ngenjabulo nomuzwa ojulile wokwaneliseka abawuthola enkonzweni yabo. “Ngiyazi ukuthi awukho omunye umsebenzi obungangilethela ukwaneliseka engiye ngakuthola ngokuhlanganyela iqiniso nabanye,” kusho iphayona laseBrithani elineminyaka engu-64 ubudala. Umfelokazi waseZaire washo lokho ukuphayona okuye kwamenzela khona: “Inkonzo yobuphayona yaba induduzo yangempela kimi ngemva kokulahlekelwa umyeni wami othandekayo. Lapho ngiphuma ngokwengeziwe ngiya enkonzweni ngiyosiza abanye, umuzwa wokulahlekelwa okubuhlungu uyancipha. Ngibeka ukholo lwami ezithembisweni zikaJehova futhi ngicabange kakhulu ngokuthi ngingabasiza kanjani labo engibafundelayo ukuba benze izinguquko ekuphileni kwabo. Ekupheleni kosuku ngalunye, ubuthongo bami buba mnandi, futhi inhliziyo yami igcwala injabulo.”
6. Iyiphi injabulo ekhethekile amanye amaphayona aye aba nayo?
6 Abanye asebenamashumi amaningi eminyaka bephayona baye baba nenjabulo enkulu yokukhonza ezindaweni ezikude, bemisa amabandla, agcina esekhulé aba izifunda. Ngokwesibonelo, e-Abashiri, eHokkaido (isiqhingi sokugcina enyakatho kwezaseJapane), kunodade oseneminyaka engu-33 eyiphayona. Ukhumbula ukuthi emhlanganweni wesifunda wokuqala aya kuwo—eHokkaido iyonke—kwakunabangu-70 kuphela. Kunjani manje? Kunezifunda ezingu-12 kuleso siqhingi, nengqikithi yabamemezeli abangaphezu kuka-12 000. Cabanga indlela inhliziyo yakhe echichima ngayo injabulo lapho eya emihlanganweni yesifunda neyesigodi kanye nezixuku zabamemezeli boMbuso abakanye naye kuleso siqhingi!
7, 8. Iyiphi injabulo amaphayona amaningi asenesikhathi eside aye aba nayo?
7 Amanye amaphayona asenesikhathi eside ephayona aye aba nenjabulo yokubona ayebafundela iBhayibheli bebhapathizwa bese befinyelela amalungelo engeziwe enkonzo. EJapane udade osekhonze njengephayona ezabelweni ezingu-9 ezihlukahlukene kusukela ngo-1957 ukhumbula ehambisela owesifazane osemusha owayesebenza ebhange, umagazini i-Phaphama! Phakathi nezinyanga ezingu-9 lona wesifazane wabhapathizwa. Kamuva washada, futhi yena nomyeni wakhe baba amaphayona akhethekile. Yeka injabulo lodade oyiphayona aba nayo, lapho esabelweni sakhe sesithathu, ibandla labo lihanjelwa umbonisi wesifunda omusha nomkakhe—ayemfundela iBhayibheli!
8 Akumangalisi ukuthi labo abaye benza inkonzo yobuphayona yaba umsebenzi wabo bayibheka ‘njengelungelo eliyigugu ngokungenakuqhathaniswa, okufanele laziswe,’ njengoba elinye iphayona eselineminyaka engu-22 lasho!
UbuFakazi Bokunakekela KukaJehova
9. NjengoMondli Omkhulu, yini uJehova ayithembisa izinceku zakhe, futhi kusho ukuthini lokhu ngathi?
9 UJehova, uMondli Omkhulu, uthembisa ukusekela izinceku zakhe, ezinakekela ngokomoya nangokwezinto ezibonakalayo. INkosi uDavide yasendulo yayingasho kufanele: “Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla.” (IHubo 37:25) Yiqiniso, lesi siqinisekiso saphezulu asisikhululi esibophweni sokondla imikhaya yethu ngokwezinto ezibonakalayo, futhi asisiniki igunya lokusizakala ngokungafanele ngokuphana kwabafowethu abangamaKristu. (1 Thesalonika 4:11, 12; 1 Thimothewu 5:8) Nokho, lapho senza ukuzidela ngokuzithandela ekuphileni kwethu ukuze sikhonze uJehova ngokugcwele kakhudlwana, akasoze asishiya.—Mathewu 6:33.
10, 11. Yini amaphayona amaningi ayazi ngokuzibonela mayelana nekhono likaJehova lokondla?
10 Emhlabeni wonke amaphayona akwazi ngokuzibonela ukuthi uJehova uyabondla labo abazibeka ezandleni zakhe ezinakekelayo. Cabanga ngendaba yombhangqwana ongamaphayona owathuthela edolobhaneni elincane lapho kwakunesidingo esikhulu sabashumayeli boMbuso. Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, umsebenzi wokuziphilisa wantuleka, futhi imali owawuyilondolozile yaphela. Babe sebethola incwadi yesikweletu somshuwalense wemoto esingu-R359. “Yayingekho indlela yokuthi singasikhokha kanjani,” kuchaza umfowethu. “Sathandaza kakhulu ngalobo busuku.” Ngosuku olulandelayo, bathola ikhadi livela emkhayeni kwawona owawudonsa kanzima ngokwezimali. Lomkhaya wawuthole imbuyiselo yentela, kuchaza ikhadi, futhi njengoba yayingaphezu kwalokho owawukulindele, wawufuna ukwabelana ngenye yayo nalombhangqwana ongamaphayona. Leli khadi lalihambisana nesheke lika-R359! “Angisoze ngalukhohlwa lolo suku—ngajuluka ngamanzi yinjabulo!” kusho lomfowethu oyiphayona. “Sawazisa kakhulu umoya wokupha walomkhaya.” NoJehova uyawazisa umusa onjalo, ofana nomoya wokupha awukhuthaza ezincekwini zakhe.—IzAga 19:17; Heberu 13:16.
11 Amaphayona amaningi angalandisa izenzakalo ezifanayo. Wabuze, azokutshela ukuthi awakaze ‘ashiywe.’ Lapho libheka emuva eminyakeni engaphezu kwengu-55 lisenkonzweni yesikhathi esigcwele, iphayona elineminyaka engu-72 lithi, “uJehova akakaze angidumaze.”—Heberu 13:5, 6.
“Indlela Enhle Kakhulu Yokusondelana NoJehova”
12. Kungani umsebenzi wokumemezela izindaba ezinhle uyilungelo eliphawuleka kangaka?
12 Ukuthi nje uJehova usicela ukuba sishumayele izindaba ezinhle zoMbuso wakhe kusinika ilungelo. Usibheka ‘njengezisebenzi ezikanye naye’—singabantu abangaphelele sinjalo—kulomsebenzi osindisa ukuphila. (1 Korinte 3:9; 1 Thimothewu 4:16) Lapho sishumayela ngoMbuso kaNkulunkulu kwabanye, lapho simemezela ukuphela kobubi, lapho sichazela abantu ngothando lwakhe olumangalisayo ngokulungiselela isihlengo, lapho sivula iZwi lakhe eliphilayo sifundisa abantu abanhliziyo ziqotho amagugu eliwaqukethe, ngokuzenzekelayo sidonsekela eduze noMdali wethu, uJehova.—IHubo 145:11; Johane 3:16; Heberu 4:12.
13. Bathini abanye ngomphumela inkonzo yabo yobuphayona enawo ebuhlotsheni babo noJehova?
13 Amaphayona akwazi ukuba nesikhathi esiningi efunda futhi efundisa ngoJehova. Anomuzwa wokuthi lokhu kubuthinta kanjani ubuhlobo bawo noNkulunkulu? “Ukuphayona kuyindlela enhle kakhulu yokusondela kakhudlwana kuJehova,” kuphendula umdala waseFrance oseneminyaka engaphezu kweyishumi eyiphayona. Elinye iphayona kulelo lizwe, eselineminyaka engu-18 lisenkonzweni yesikhathi esigcwele, lithi: “Inkonzo yobuphayona isivumela ukuba ‘sizwe sibone ukuthi uJehova muhle,’ njengoba usuku nosuku iqinisa ubuhlobo bethu noMdali wethu.” (IHubo 34:8) Udade waseBrithani oseneminyaka engu-30 eyiphayona uzizwa ngendlela efanayo. Uthi: “Ukuthi kudingeka ngithembele emoyeni kaJehova ukuba ungiqondise enkonzweni yami kungisondeza eduze naye. Kukaningi ngiba nomuzwa wokuthi umoya kaJehova ongiqondise emzini othile ngesikhathi esifanele.”—Qhathanisa nezEnzo 16:6-10.
14. Azuza kanjani amaphayona ngokusebenzisa iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ekufundiseni abanye usuku nosuku?
14 Amaphayona amaningi athola ukuthi ukusebenzisa iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini usuku nosuku lapho echaza futhi efundisa amaqiniso angokomBhalo kuwasiza ukuba akhule olwazini lweZwi likaNkulunkulu. Umzalwane waseSpain oneminyaka engu-85 ubudala oseneminyaka engu-31 eyiphayona uyachaza: “Ukuphayona kuye kwangisiza ukuba ngithole ulwazi olujulile lweBhayibheli, ulwazi engiye ngalusebenzisa ukuze ngisize abantu abaningi bazi uJehova nezinjongo zakhe.” Udade waseBrithani oseneminyaka engu-23 ephayona uthi: “Inkonzo yesikhathi esigcwele iye yangisiza ngahlakulela ukukulangazelela ngamandla ukudla okungokomoya.” Ukuchazela abanye ‘isizathu sethemba elikuwe’ kungenza nawe uqiniseke nakakhulu ngezinkolelo ozithandayo. (1 Petru 3:15) Iphayona lase-Australia lithi: “Ukuphayona kuthuthukisa ukholo lwami njengoba ngikhuluma nabanye.”
15. Yini abaningi abaye bazimisela ukuyenza ukuze bangenele inkonzo yobuphayona futhi bahlale kuyo, futhi ngani?
15 Ngokusobala, lezi zikhonzi ezingamaphayona ziyaqiniseka ukuthi ziye zakhetha uhlobo lwenkonzo oluletha izibusiso ezingenakubalwa ezivela kuJehova. Akumangalisi ukuthi abaningi baye bazimisele ukuhlela kabusha ekuphileni kwabo, baze badele nomsebenzi wokuziphilisa nengcebo yezinto ezibonakalayo, ukuze bangenele inkonzo yobuphayona futhi bahlale kuyo!—IzAga 28:20.
Ingabe Inhliziyo Yakho Ilangazelela Ukwenza Okwengeziwe?
16, 17. (a) Uma uzibuza ukuthi kungenzeka yini ukuba uphayone, yini ongase uyenze? (b) Bazizwa kanjani abanye lapho bengenakuphayona?
16 Ngemva kokucabangela okushiwo amaphayona ngezibusiso zenkonzo yobuphayona, mhlawumbe uyazibuza ukuthi kungakulungela yini ukuphayona. Uma kunjalo, kungani ungaxoxi nephayona eliye laphumelela enkonzweni yesikhathi esigcwele? Ungase ukuthole kuwusizo futhi ukuxoxa nomunye wabadala ebandleni, umuntu okwaziyo—isimo sempilo yakho, ukulinganiselwa kwakho, nemithwalo yakho yomkhaya. (IzAga 15:22) Amazwi abanye aveza amaqiniso angase akusize uhlaziye ngokucophelela ukuthi kungenzeka yini ukuba uphayone. (Qhathanisa noLuka 14:28.) Uma ukwazi ukuphayona, ziyoba zinkulu ngempela izibusiso zakho.—Malaki 3:10.
17 Nokho, kuthiwani ngabamemezeli boMbuso abaningi abakholekile abangekho esimweni sokuba baphayone, nakuba bengase bafise ukwenza okwengeziwe enkonzweni? Ngokwesibonelo, cabanga ngemizwa yomunye udade ongumKristu oshikashikwa ukukhulisa izingane zakhe ezine eyedwa. “Ngizizwa kabi,” esho, “ngoba ngangiyiphayona elivamile, kodwa manje, ngenxa yezimo zami, angikwazi ukuphuma ngiye enkonzweni yasensimini kaningi njengoba ngangenza.” Lodade uzithanda impela izingane zakhe futhi ufuna ukuzondla. Ngesikhathi esifanayo, ulangazelela ukwenza okwengeziwe emsebenzini wokushumayela. “Ngiyayithanda inkonzo,” echaza. Anemizwa efanayo namanye amaKristu azinikele, lawo uthando lwawo ngoNkulunkulu oluwashukumisela ukuba afune ukukhonza uJehova ‘ngenhliziyo yawo yonke.’—IHubo 86:12.
18. (a) Yini uJehova ayilindele kithi? (b) Kungani kungafanele sidangale uma izimo zilinganisela esingase sikwenze?
18 Khumbula ukuthi lokho uJehova akulindele kithi inkonzo yomphefumulo wonke. Ukuthi kuyini lokho kungase kuhluke kakhulu emphefumulweni ngamunye. Abanye bayakwazi ukuhlela izimo zabo ukuze bakhonze njengamaphayona avamile. Abaningi abanye babhalisa njengamaphayona asizayo ngezikhathi ezithile noma isikhathi esiqhubekayo, besebenzisa amahora angu-60 inyanga ngayinye enkonzweni. Nokho, iningi labantu bakaJehova lizinikela emsebenzini wokushumayela nokufundisa ngomphefumulo wonke njengabamemezeli bebandla. Ngakho uma ngempela ulinganiselwe yimpilo ebuthakathaka, ukukhula ngeminyaka, imithwalo yomkhaya, noma ezinye izimo, ungadangali. Uma nje usanikela ngokungcono kakhulu kwakho, inkonzo yakho ibalulekile emehlweni kaNkulunkulu, njengoba injalo neyalabo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele!
Sonke Singawubonisa Umoya Wobuphayona
19. Uyini umoya wobuphayona?
19 Ngisho noma ungase ungakwazi ukubhalisa njengephayona, ungawubonisa umoya wobuphayona. Uyini umoya wobuphayona? INkonzo Yethu YoMbuso ka-July 1988 yathi: “Ungase uchazwe njengokuba nesimo sengqondo esivumayo emyalweni wokushumayela nokwenza abafundi, ukuhileleka ngokugcwele ekuboniseni uthando nokukhathalela abantu, ukuzidela, ukuthola injabulo ekulandeleni iNkosi eduze, nokujabulela izinto ezingokomoya, hhayi ezingokwenyama.” Ungawubonisa kanjani umoya wobuphayona?
20. Abazali bangawubonisa kanjani umoya wobuphayona?
20 Uma ungumzali onezingane ezincane, ungatusa ngenhliziyo yonke ukuba zenze umsebenzi wokuphila kwazo kube ukuphayona. Isimo sakho sengqondo esiqondile ngalenkonzo singase sigxilise kuzo isidingo sokwenza inkonzo kaJehova ibe yinto ebaluleke kunazo zonke ekuphileni kwazo. Ungamemela amaphayona nababonisi abajikelezayo nomkabo ekhaya lakho ukuze izingane zakho zizuze ezibonelweni zalabo abaye bathola injabulo enkonzweni yesikhathi esigcwele. (Qhathanisa namaHeberu 13:7.) Ngisho nasemakhaya ahlukene ngokwenkolo, ngezwi nangesibonelo, abazali abakholwayo bangasiza izingane zabo zenze inkonzo yesikhathi esigcwele ibe umgomo wazo ekuphileni.—2 Thimothewu 1:5; 3:15.
21. (a) Singabasekela kanjani sonke labo abaphayonayo? (b) Yini abadala abangayenza ukuze bakhuthaze amaphayona?
21 Ebandleni, sonke singabasekela ngomphefumulo wonke labo abakwaziyo ukuphayona. Ngokwesibonelo, ungawenza yini umzamo okhethekile wokusebenza nephayona enkonzweni, ikakhulukazi ngezikhathi lapho iphayona belingase lisebenze lodwa? Ungase uthole ukuthi kuyokuba khona “ukukhuthazana.” (Roma 1:11, 12) Uma ungumdala, ungenza ngisho nokwengeziwe ukuze ukhuthaze amaphayona. Lapho indikimba yabadala ihlangana, kufanele icabangele izidingo zamaphayona njalo. Lapho iphayona lidangele noma libhekene nezinkinga ezithile, ungasheshi ukutusa ukuba liyeke ukuphayona. Nakuba ukutusa lokho kungase kudingeke kwezinye izimo, ungakhohlwa ukuthi ukuphayona kuyilungelo eliyigugu, leyo nceku yesikhathi esigcwele okungenzeka ilazisa ngokujulile. Kungenzeka kudingeka nje kuphela isikhuthazo esincane neseluleko noma usizo olungokoqobo. Ihhovisi legatsha leNhlangano eSpain liyabhala: “Lapho abadala bekhuthaza ukuphayona, besekela amaphayona enkonzweni yasensimini, futhi bewalusa njalo, amaphayona aba nenjabulo eyengeziwe, azizwa ewusizo, futhi afuna ukuqhubeka naphezu kwezithiyo ezingase zivele.”
22. Kulenkathi ebucayi emlandweni wesintu, yini okufanele sizimisele ukuyenza?
22 Siphila enkathini ebucayi emlandweni wesintu. UJehova uye wasinika umsebenzi osindisa ukuphila okumelwe siwufeze. (Roma 10:13, 14) Kungakhathaliseki ukuthi singahlanganyela yini kulomsebenzi isikhathi esigcwele njengamaphayona noma cha, masibonise umoya wobuphayona. Masibe nomuzwa wokuphuthuma nomoya wokuzidela. Masizimisele ukunikeza uJehova lokho akucela kithi—inkonzo yomphefumulo wonke. Futhi masikhumbule ukuthi lapho sinikela ngakho konke esinganikela ngakho, kungakhathaliseki ukuthi kufana nezinhlamvu zemali ezincane zomfelokazi noma kufana namafutha kaMariya abizayo, inkonzo yethu ngeyomphefumulo wonke, futhi uJehova uyayazisa inkonzo yethu yomphefumulo wonke!
Uyakhumbula?
◻ Kungani inkonzo yesikhathi esigcwele iletha imizwa yokwaneliseka nenjabulo?
◻ Yini amaphayona amaningi ayazi ngokuzibonela mayelana nekhono likaJehova lokunakekela izinceku zakhe?
◻ Amaphayona anomuzwa wokuthi inkonzo yawo inamuphi umphumela ebuhlotsheni bawo noJehova?
◻ Ungawubonisa kanjani umoya wobuphayona?
[Isithombe ekhasini 23]
Amaphayona athola injabulo enkulu ekwenzeni abafundi
[Isithombe ekhasini 23]
Izingane zakho zingazuza ebudlelwaneni nabamemezeli boMbuso besikhathi esigcwele
[Isithombe ekhasini 23]
Abadala bangawakhuthaza amaphayona enkonzweni yasensimini