Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 2/15 k. 32
  • Iqiniso Ngesihogo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iqiniso Ngesihogo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 2/15 k. 32

Iqiniso Ngesihogo

UMBIKO wekhomishane yemfundiso yeSonto LaseSheshi uthi naphezu kwalokho obekucatshangwa, isihogo akusona isithando somlilo; kunalokho, indawo ecatshangelwayo yokungabi bikho. “Kunezizathu eziningi zalolu shintsho,” kuchaza lombiko. “Kodwa phakathi kwazo kuye kwaba nokukhonona ngaphakathi nangaphandle kwenkolo yobuKristu ngokuphathelene nenkolo ebangela ukwesaba, nomuzwa okhulayo wokuthi umqondo wokuthi uNkulunkulu unikele ngezigidi ekuhlushweni okungunaphakade wawuphambene kakhulu nokwambulwa kothando lukaNkulunkulu kuKristu.”

Lesi simo sokungakhululeki ngalombono ovamile wesihogo asikho eSontweni LaseSheshi kuphela. Abantu bamasonto ahlukahlukene bakuthola kunzima ukukhulekela uNkulunkulu onomoya wokuphindisela oshisa izoni. “Abantu bafuna uNkulunkulu onesihawu nomnene,” kusho uJackson Carroll, uprofesa wenkolo nomphakathi eDuke University’s Divinity School. “Ukukhuluma ngesono nokuba necala kuphambene nendlela yokucabanga yanamuhla.”

Sekuyisikhathi eside oFakazi BakaJehova bekholelwa ukuthi isihogo, njengoba iBhayibheli lifundisa, siyithuna nje elivamile labantu abafile—hhayi indawo yokuhlushwa ngomlilo. Akukhona ukuthi bakholelwa kulombono ngoba uvamile, kodwa ngenxa yalokho okushiwo iBhayibheli: “Abafileyo abazi-lutho . . . akukho-msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo [“esihogweni,” ngokwe-Douay Version yamaKatolika].”—UmShumayeli 9:5, 10.

Enalokhu kuqonda okucacile ngesimo sabafileyo, uCharles Taze Russell, umongameli wokuqala we-Watch Tower Society, emuva ngo-1896 wabhala: “Asiyitholi [eBhayibhelini] indawo enjalo yokuhlushwa kwaphakade njengoba izivumo zokholo nezincwadi zamaculo, nezintshumayelo eziningi, zifundisa ngokuyiphutha. Kodwa siye sathola ‘isihogo,’ isheoli, ihayidese, lapho lonke uhlanga lwesintu lwagwetshelwa ukuya khona ngenxa yesono sika-Adamu, nalapho lonke luhlengwa khona ngokufa kweNkosi yethu; nokuthi leso ‘sihogo’ ithuna—isimo sokufa.”

Ngakho eminyakeni engaphezu kweyikhulu, oFakazi BakaJehova baye bafundisa iqiniso elingokweBhayibheli ngesihogo.

[Isithombe ekhasini 32]

UCharles T. Russell

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela