Ukulethela Abasejele Inkululeko Engokomoya
“BESINILINDELE.” “Ebusuku kulezi zinsuku ezimbalwa ezidlule, ngiye ngaphupha ngokuza kwenu.” “Siyabonga ngokuba nabele othile ukuba asihambele njalo.” “Sithanda ukuzwakalisa ukubonga kwethu ngazo zonke izibusiso ezingasifanele esizithola kuJehova nasenhlanganweni yakhe nangokudla okungokomoya esikunikwa ngesikhathi esifanele.”
Sasiyini isizathu salamazwi okubonga? Lawa amanye amazwi eziboshwa ezivalelwe emajele ahlukahlukene eMexico. Ziyakwazisa ukunakekelwa ezikuthola koFakazi BakaJehova, okuye kwazilethela inkululeko engokomoya nakuba zisejele. EMexico kunamajele angu-42 oFakazi BakaJehova abakhonza kuwo izidingo ezingokomoya zeziboshwa njalo. Lezi zindawo kuthiwa i-Centro Readaptación Social (Isikhungo Somphakathi Sokuqondisa Izigwegwe). Kwamanye alamajele, kuze kuqhutshwe nemihlangano yobuKristu njalo futhi kuba nemiphumela emihle kakhulu. Ngokwesibonelo, kokunye ukubala kwamuva, abantu abangaba ngu-380 babeba khona emihlanganweni kulezi zindawo. Ngaleso sikhathi kwakuqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezilinganiselwa ku-350. Abangu-37 base bekufanelekele ukuqala ukushumayela, futhi abangu-32 base benikezele ukuphila kwabo kuJehova, bekubonakalisa ngobhapathizo lwamanzi.
Indlela Umsebenzi Owenziwa Ngayo
OFakazi BakaJehova bawenza kanjani umsebenzi wabo wokushumayela kulezi zindawo? Okokuqala baya ezikhulwini eziphethe bayocela imvume ebhalwe phansi yokungena ejele, bechaza injongo yalokho kuhambela—ukufundisa iziboshwa indlela yokuthuthukisa izinga lazo lokuphila nokukhonza uNkulunkulu ngendlela ayijabulelayo.
Esimweni ngasinye iziphathimandla ziye zabanika imvume. Lezi zikhulu ziyayazisa imfundo yeBhayibheli enikwa iziboshwa. Iziphathimandla zasejele ziye zaqaphela ukuthi oFakazi BakaJehova balalela izimiso zokulondeka ezimiselwe lezi zindawo. Ziye zavumela ukuba lezi zikhonzi eziyizihambi zisebenzise amahhovisi, izindawo zokudlela nezokusebenzela ukuze ziqhube imihlangano yazo. Kwenye indawo oFakazi baze bavunyelwa nokuba bakhe iHholo LoMbuso elincane, njengoba kuboniswa kokuhlangenwe nakho okulandelayo okulandiswa umbonisi ojikelezayo eMexico eseningizimu-mpumalanga.
“Ekuqaleni kuka-1991 saqala ukuhambela ijele laseTehuantepec, e-Oaxaca, lapho sathola khona indlala enkulu engokomoya. Ngokushesha saqala izifundo zeBhayibheli ezingu-27. Ngokubona isithakazelo seziboshwa, kwahlelwa imihlangano emihlanu yebandla. Esinye seziboshwa, esabonisa uthando olukhulu ngoJehova, sanquma ukwakha iHholo LoMbuso elincane phakathi ejele ukuze kube nendawo yokuqhubela imihlangano. Saya kumqondisi wejele sacela imvume, futhi iziphathimandla zasekela kakhulu. Ekuqaleni kuka-December 1992, iziboshwa eziyisithupha zafanelekela ukuba abamemezeli bezindaba ezinhle. Ngenxa yentuthuko eyaboniswa, kwenziwa amalungiselelo okugubha iSikhumbuzo phakathi ejele. Sacela imvume kumqondisi wejele yokuba size nezifanekiselo—isinkwa newayini—futhi ngemva kwengxoxo eyathatha amahora amane, imvume yanikezwa.
“Kwenzeka ukuthi ngo-April 3, 1993 (ezinsukwini ezintathu ngaphambi kokugujwa kweSikhumbuzo), kukhululwe iziboshwa ezithile. Lapho leso esasingummemezeli sithola amaphepha okukhululwa kwaso, sacela ukukhuluma nomqondisi wejele ukuze sithole imvume yokuhlala kuze kube ngemva kokugujwa kweSikhumbuzo. Lokhu kwammangaza ngempela umqondisi, ngoba lesi akusona isicelo esivamile, kodwa ngokubona isithakazelo esikhulu sesiboshwa sokuba khona eSikhumbuzweni sasejele, wasivuma leso sicelo. Kwaba khona abantu abangu-53 eSikhumbuzweni, abakhala izinyembezi zenjabulo ekupheleni kwesimiso. Siye savumelana ngokubiza leli qembu ngokuthi ‘Inkululeko ECereso,’ ngoba likhululekile ngomqondo ongokomoya.”
Umsebenzi woFakazi BakaJehova waziswa kakhulu kulezi zindawo. Kwelinye lalamajele, isikhulu esiphethe sikutusa obala ukuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova ‘njengekhambi’ eliziqondisa ngokushesha izigwegwe zeziboshwa.
Isimiso Esiphumelelayo Sokuqondisa Izigwegwe
Umsebenzi woFakazi BakaJehova uye waphumela ekuqondisweni ngokuphelele kwezigwegwe zeziboshwa eziningi. Nakuba ngokuvamile kuyiqiniso ukuthi labo abaye baba sejele babuyela ebugebengwini lapho bekhululwa, labo abaye basamukela ngempela isigijimi seZwi likaNkulunkulu baye bashintsha ngokuphelele. Ukuguquka kwabo kusikhumbuza amazwi omphostoli uPawulu: “Izifebe . . . , noma amasela, noma abantu abahahayo, noma izidakwa, noma izithuki, noma abaphangi ngeke bawuzuze njengefa umbuso kaNkulunkulu. Kodwa nokho yilokho abanye kini ababeyikho. Kodwa seniye nagezwa nahlanzeka, kodwa seniye nangcweliswa, kodwa sekuthiwe nilungile egameni leNkosi yethu uJesu Kristu nangomoya kaNkulunkulu wethu.”—1 Korinte 6:9-11.
Ushintsho oluphawulekayo ebuntwini babo lubonakala lapho bezwakalisa imizwa yabo. UMiguel, osejele laseCampeche eCampeche City, wakubeka ngalendlela: “Namuhla ngingasho ngenjabulo ukuthi ngizibala kanye nezinye izimvu ezinethemba elilotshwe kweyesi-2 Petru 3:13 nakuMathewu 5:5.” UJosé, oseKoben, ejele laseCampeche, waphawula: “Nakuba ngiyisiboshwa futhi kungenzeka ukuthi icala lami libi kakhulu, ngiyaqonda ukuthi uJehova unesihe esikhulu futhi uyayilalela imithandazo nokunxusa kwami. Angazithethelela iziphambeko zami futhi anginike ithuba lokusebenzisa ingxenye esele yokuphila kwami ngihlanganyela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nabanye. Sibonga abadala bethu ngesikhathi abasisebenzisa besihambela ejele ukuze sikwazi ukuzuza ezithembisweni zoMbuso kaNkulunkulu. Yeka izibusiso ezijabulisayo! Ngingasho yini ukuthi ngiyisiboshwa? Cha, uJehova uye wanginika inkululeko engokomoya ebengiyidinga.”
Yini eyenza ababulali, abadlwenguli, abacekela phansi impahla, amasela, nabanye bashintshe babe amaKristu aphila ngendlela efanele? Ngokwawo kanye lamadoda, amandla aguqulayo eZwi likaNkulunkulu nobudlelwane obuhle nabantu abazinikele ngempela. Isimo sikaTiburcio, ovalelwe ejele laseMazatlán, eSinaloa, sibonisa impumelelo yalesi simiso sokuqondisa izigwegwe. Wayesejele laseConcordia, eSinaloa, lapho ayenezinkinga ngenxa yesimo sakhe sobudlova. Umkakhe wayengomunye woFakazi BakaJehova, futhi uTiburcio wayevamé ukumphatha kabi kakhulu, ngisho nalapho ezomvakashela ejele. Umkakhe wayenesineke futhi waqhubeka emvakashela, ngakho uTiburcio wamcela ukuba amlethele incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, leyo aqala ukuyifunda eyedwa.a Wabe esecela ukuba othile eze ejele azofunda naye. Waqala ukwenza intuthuko engokomoya, futhi ubuhlobo bakhe nabanye baqala ukushintsha baba ngcono. Washintshelwa ejele laseMazatlán lapho kuneqembu elifunda iBhayibheli, futhi manje ungummemezeli. Uthi: “Manje, ngikanye nomkami nezingane neziboshwa engikanye nazo, ngijabula kakhulu ngokukwazi ukulalela amaqiniso eBhayibheli kulendawo, ngethemba lokuthi esikhathini esizayo esiseduze, ngizokhululwa futhi ngikwazi ukuba khona kuyo yonke imihlangano emikhulu kanye neyebandla.”
Futhi, kunoConrado, ojabula kakhulu ngezinguquko aye wakwazi ukuzenza ekuphileni kwakhe. Wayenezinkinga zomshado ezinkulu kangangokuba umkakhe wamshiya. Ngakho wafuna induduzo ezidakamizweni. Ngokuhamba kwesikhathi waba umshushumbisi wezidakamizwa. Waboshwa futhi wagwetshwa ngokuvalelwa ejele ngenxa yokushushumbisa insangu ne-cocaine ngomkhumbi. Ejele kwakuneqembu elalifunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, futhi wamenywa ukuba afunde nalo. Uzwakalisa imizwa yakhe ngalendlela: “Ngahlatshwa umxhwele indlela ehlelekile imihlangano eyayiqhutshwa ngayo, isimiso sokuhlola ngokusebenzisa izincwadi, nokuthi konke kwakusekelwe eBhayibhelini. Ngokushesha ngacela isifundo seBhayibheli futhi ngaqala ukuba khona emihlanganweni.” Lokho kwenzeka ngo-January 1993. Manje uConrado uphumile ejele futhi uyaqhubeka ethuthuka ebandleni lobuKristu.
I-Islas Marías
EMexico kunejele elesatshwayo elihlanganisa iziqhingi ezine ezibizwa ngokuthi i-Islas Marías. Iziboshwa zingahamba ngokukhululeka kulezi ziqhingi ezingamajele ezivalelwe kuzo. Ezinye zihlala lapho nomkazo nezingane zazo.
Kuye kwamiswa ibandla elincane. Abazalwane abathathu baseMazatlán baya lapho kanye ngenyanga, basize ekuqhubeni imihlangano, bashiye izincwadi banikeze nesikhuthazo. Ngezinye izikhathi umbonisi ojikelezayo uyazihambela. Isilinganiso sababa khona emihlanganweni siphakathi kuka-20 no-25. Kunabamemezeli abane ababhapathiziwe nababili abangabhapathiziwe. Umbonisi ojikelezayo ubika ukuthi “abanye bahamba amakhilomitha angu-17 beya emihlanganweni ngeSonto futhi kudingeka bahambe ngokushesha ngemva komhlangano ukuze babe khona lapho kubizwa amagama eziboshwa. Lapho beshesha, kuthatha isikhathi esingaphezu kwamahora amabili ukubuyela emuva.” Omunye wabafowethu, owafunda iqiniso kulelo jele, muva nje wathi: “Ngangivamé ukuba nesithakazelo sokusheshe ngiphume ejele, kodwa manje kungaba noma yinini lapho uJehova ethanda, njengoba kakade nginomsebenzi omningi wokuwenza lapha phakathi.”
Siyajabula ukubona ukuthi iqiniso lisebenzisa amandla alo ukukhulula abaqotho abafuna indlela yokujabulisa uJehova. Abangaphezu kuka-12 balaba, abafunde iqiniso ejele, baye bakhululwa, babhapathizwa, futhi manje baphila ukuphila okuhloniphekile njengezinceku zikaNkulunkulu, abanye baze baba abadala bebandla. Amandla okwelapha izinhliziyo nokuguqula abantu iBhayibheli elinawo aye abonakala ngokuphawulekayo. Lapho nje lamadoda ayeboshelwe ukwenza izenzo ezimbi engena endleleni yokukhanya kweZwi likaNkulunkulu, aba nenkululeko yangempela uJesu ayithembisa lapho ethi: “Niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.”—Johane 8:32; IHubo 119:105.
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Isithombe ekhasini 23]
Abaningi bazuza emaqinisweni obuKristu abawafunda ejele