Ithuluzi Elisha Lokusiza Abantu Bafunde Ngezimfuneko ZikaNkulunkulu
“INDLELA yayo elula, eqondile nenomusa iyokhiqiza izithelo ezimangalisayo. Izihloko zethulwe ngendlela ecacile nejabulisa kangangokuthi noma yimuphi umuntu oqotho nofuna ukwazi uyoshukumiseleka ukuba athi, ‘uNkulunkulu ngempela uphakathi kwenu.’” (1 Korinte 14:25) Washo kanjalo omunye woFakazi BakaJehova waseThailand lapho echaza incwajana entsha engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Iye yakhululwa yi-Watch Tower Society eMihlanganweni YesiGodi ‘Yezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu’ phakathi no-1996/97.
Lencwajana enamakhasi angu-32 enemibala egqamile iklanyelwe ukunikeza izifundo zokutadisha iBhayibheli. Ihlanganisa izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo. Amazwi ayo abekwe ngendlela elula nefushanisiwe, echaza ngokucacile lokho uNkulunkulu akufunayo kithi. Abafundi akufanele babe nenkinga yokuyiqonda. Ungasiqhuba kanjani isifundo seBhayibheli ngalencwajana entsha?
Sebenzisa imibuzo. Ekuqaleni kwesifundo ngasinye kunemibuzo. Ngemva kombuzo ngamunye, kubakaki, uyothola izinombolo zezigaba okutholakala kuzo izimpendulo. Lemibuzo ingasetshenziswa kokubili njengendlela yokundlalela isifundo neyokubukeza. Ngokwesibonelo, ekuqaleni kwesifundo seBhayibheli sasekhaya, ungase ubuze umfundi imibuzo ukuze uthole ukukhulumela kwakhe. Kunokuba ulungise noma yiziphi izimpendulo ezingaqondile ngokushesha, ungaqhubeka nesifundo. Ekupheleni kwesifundo, ungabuyela emibuzweni ukuze ubone ukuthi umfundi useyakwazi yini ukuyiphendula ngokuvumelana neBhayibheli.
Phenya imibhalo. Esifundweni ngasinye, amazwi amafushane amaqiniso eBhayibheli ahambisana nemibhalo esekelayo. Njengoba imibhalo eminingi ikhonjiwe, ingacashuniwe, kubalulekile ukukhuthaza umfundi ukuba aphenye lemibhalo kwelakhe iBhayibheli. Kudingeka afunde futhi azindle ngeZwi likaNkulunkulu ngaphambi kokuba alisebenzise ekuphileni.—Joshuwa 1:8.
Qokomisa izithombe. Lencwajana inezithombe nemidwebo eminingi—engaphezu kuka-50 isiyonke. Lemifanekiso ayilungiselelwanga nje ukuba ikhange emehlweni kodwa ilungiselelwe nokuba isize ngokwengeziwe ekufundiseni. Ngokwesibonelo, izifundo ezimbili zokugcina (ngasinye esiyikhasi elilodwa, emakhasini abhekene) zinesihloko esithi “Ukusiza Abanye Ukuba Benze Intando KaNkulunkulu” nesithi “Isinqumo Sakho Sokukhonza UNkulunkulu.” Izithombe ezikuwo womabili lamakhasi zibonisa intuthuko engokomoya yomuntu othile, zimbonise efakaza ngokwethukela, ehlanganyela emsebenzini wendlu ngendlu, ezinikezela, futhi ekugcineni ebhapathizwa. Ngokuqondisa ukunakekela komfundi kulezi zithombe, umsiza ukuba abone izinyathelo ezidingekayo ukuze akhonze uNkulunkulu.
Kuthiwani uma umuntu othakazelayo engakwazi ukufunda kahle noma engakwazi nhlobo ukufunda? INhlangano yenza ukuba lencwajana entsha itholakale ngekhasethi ngezilimi eziningana. Lekhasethi iqukethe ukwaziswa okukulencwajana kanye nemibhalo eminingi ekhonjiwe. Iqoshwe ngalendlela: Kufundwa umbuzo wokuqala, kulandele isigaba (noma izigaba) esiwuphendulayo, kanye neminye imibhalo ekhonjiwe. Bese kufundwa umbuzo olandelayo, kulandele indaba nemibhalo ewuphendulayo, njalonjalo. Umfundi angalalela ikhasethi lapho elungiselela isifundo. Lekhasethi ingasetshenziswa nalapho kuqhutshwa isifundo.
Labo ababekhona emhlanganweni babelangazelela ukusebenzisa lencwajana entsha enkonzweni yabo yasensimini. Ngokwesibonelo, ezinsukwini ezimbalwa nje ngemva kokuthola lencwajana, amaphayona amabili (abashumayeli bevangeli besikhathi esigcwele) ase-United States ayihambisela umbhangqwana osemusha ayewuhambela. Lapho lombhangqwana ubheka uhlu lokuphakathi, isifundo esithi “Imikhuba UNkulunkulu Ayizondayo” sadonsa isithakazelo sawo. “Ngaso sonke isikhathi ngangifundiswa ukuthi uNkulunkulu akanakuba nenzondo—uhlale enothando,” kusho intokazi. “Yilesi engizosifunda kuqala.” Lapho lamaphayona amabili ebuya ngesonto elilandelayo, lentokazi yathi: “Bengifunda lencwajana entsha. Kunzima ukwenza zonke izinto okufanele sizenze. UJehova akasijabuleli—asishadile. Kodwa sesenze isinqumo. Siye senza amalungiselelo okushada ngoLwesihlanu olulandelayo.” Banga umbhangqwana ongamaphayona banezela: “Siyaxolisa ngokungabi nesifundo sethu sasikhathi sonke, kodwa lokhu kususe umthwalo omkhulu emahlombe ethu.”
Ungenqeni ukuyisebenzisa lencwajana entsha ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Iyithuluzi elihle lokusiza abanye bafunde ngezimfuneko zikaNkulunkulu.
[Izithombe ekhasini 17]
Uyoyisebenzisa kanjani incwajana entsha?