Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 11/15 kk. 28-31
  • Ingabe Wawuyomqaphela UMesiya?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Wawuyomqaphela UMesiya?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Sifuna Ukubona Isibonakaliso”
  • “Abathandi-mali”
  • ‘Ukwesaba AmaJuda’
  • Ingabe Uyamqaphela Ngempela UMesiya?
  • UMesiya—Indlela KaNkulunkulu Yokusisindisa!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Kungani Benqaba UMesiya?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • “Simfumene UMesiya”!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • UJesu Kristu—Isihluthulelo Solwazi NgoNkulunkulu
    Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 11/15 kk. 28-31

Ingabe Wawuyomqaphela UMesiya?

UJESU KRISTU wachitha iminyaka emithathu nengxenye eshumayela iZwi likaNkulunkulu phakathi kwama-Israyeli. Kodwa lapho esezoqeda inkonzo yakhe yasemhlabeni, iningi labantu bangesikhathi sakhe lenqaba ukuthi unguMesiya, noma “Ogcotshiweyo” owayethenjiswe uNkulunkulu. Ngani?

IBhayibheli liyasisiza ukuba sibone izizathu eziningana zokuthi kungani amaJuda ekhulu lokuqala engamamukelanga uJesu njengoMesiya. Ezintathu zalezi zizathu zivimbela abaningi ukuba baqaphele isikhundla sikaJesu sanamuhla njengeNkosi ebusayo yobuMesiya.

“Sifuna Ukubona Isibonakaliso”

Esinye isizathu esenza ukuba amaJuda ekhulu lokuqala angamqapheli uMesiya kwakuwukwenqaba kwawo ukwamukela izibonakaliso ezingokomBhalo ezazikhomba ekubeni kwakhe uMesiya. Izikhathi eziningana, abantu ababelalele uJesu bafuna ukuba enze isibonakaliso ukuze afakazele ukuthi wayevela kuNkulunkulu. Ngokwesibonelo, uMathewu 12:38 ubika ukuthi abanye bababhali nabaFarisi bathi: “Mfundisi, sifuna ukubona isibonakaliso esivela kuwe.” Ingabe uJesu wayengakababonisi izibonakaliso? Ngokuqinisekile wayebabonisile.

Ngaleso sikhathi uJesu wayesenze izibonakaliso eziningana. Wayephendule amanzi aba iwayini, ephulukise umfana owayefa, elaphe umkhwekazi kaPetru owayegula, enze umuntu owayenochoko wahlanzeka, enze ukuba umuntu owayeyisishosha ahambe, ephulukise umuntu owayesegule iminyaka engu-38, ebuyisele isandla esasishwabene somuntu othile esimweni saso, ekhulule abantu abaningi ezifweni zabo ezidabukisayo, ephulukise isigqila sesikhulu sebutho, ebuyise kwabafileyo indodana yomfelokazi othile, futhi ephulukise indoda eyayiyimpumputhe futhi eyayingakwazi ukukhuluma. Lezi zimangaliso zazenzeke eKhana, eKapernawume, eJerusalema, naseNayini. Ngaphezu kwalokho, izindaba eziphathelene nalezi zimangaliso zazisakazeke kulo lonke elaseJudiya nasezweni elizungezile.—Johane 2:1-12; 4:46-54; Mathewu 8:14-17; 8:1-4; 9:1-8; Johane 5:1-9; Mathewu 12:9-14; Marku 3:7-12; Luka 7:1-10; 7:11-17; Mathewu 12:22.

Ngokusobala, zazingantuleki izibonakaliso ezazifakazela ukuthi uJesu unguMesiya. Nakuba enza izibonakaliso eziningi kangako phambi kwabantu, abazange babe nokholo kuye. Labo ababubona ubufakazi bokuthi uJesu wayethunywe uNkulunkulu kodwa abangazange bamamukele njengoMesiya babeyizimpumputhe ngokomoya. Izinhliziyo zabo zazilukhuni futhi iqiniso lingenakungena kuzo.—Johane 12:37-41.

Kuthiwani ngosuku lwethu? Abanye abantu bathi, “Ngikholelwa kuphela entweni engiyibona ngawami.” Kodwa ingabe leyo inkambo okuwukuhlakanipha ukuyithatha? Isiprofetho seBhayibheli sibonisa ukuthi kakade uJesu usebekwe esihlalweni sobukhosi kakade njengeNkosi yasezulwini eMbusweni wobuMesiya. Njengoba engabonakali, sidinga isibonakaliso esizosisiza ukuba siqonde ukubusa kwakhe, okwaphawula ukuqala kwezinsuku zokugcina zalesi simiso esibi sezinto. Ingabe uyasiqaphela isibonakaliso?—Mathewu 24:3.

NgokweBhayibheli, ukuqala kokubusa kukaKristu njengeNkosi yobuMesiya kwakuyobonakala ngezimpi, ukuzamazama komhlaba, ukuswelakala kokudla, nezifo eziwumshayabhuqe ngezinga elingakaze libonwe. “Ezinsukwini zokugcina,” kwakuyoba nobugovu, ukuhaha, nokuntuleka kokuzithiba ekusebenzelaneni kwabantu. (2 Thimothewu 3:1-5; Mathewu 24:6, 7; Luka 21:10, 11) Ngaphandle kobufakazi bokubalwa kwezikhathi, izici ezingaphezu kuka-20 zezinsuku zokugcina zibonisa ukuthi ukubusa kukaMesiya kwaqala ngo-1914.—Bheka INqabayokulinda ka-March 1, 1993, ikhasi 5.

“Abathandi-mali”

Ukuthanda izinto ezibonakalayo kwakungesinye sezizathu ezenza amaJuda enqaba ukuthi uJesu unguMesiya. Ukwenza ingcebo ibe yinto ebaluleke kakhulu kwavimbela abaningi ukuba balandele uJesu. Ngokwesibonelo, abaFarisi babaziwa ngokuthi “abathandi-mali.” (Luka 16:14) Cabangela indaba yombusi osemusha owayecebile owaya kuJesu futhi wambuza ukuthi angakuthola kanjani ukuphila okumi phakade. “Gcina imiyalo njalo,” kuphendula uJesu. “Ngiyigcinile yonke lena; yini engisayintula?” kubuza lensizwa, ngokusobala isola ukuthi kwakudingeka okungaphezu nje kokugcina imithetho ethile. UJesu wathi kuyo: “[Thengisa] okungokwakho uphe abampofu, futhi uyoba nomcebo ezulwini, futhi uze ube umlandeli wami.” Yeka ithuba—ukuba umfundi kaMesiya! Kodwa lombusi wahamba, elusizi. Ngani? Ngoba ingcebo esemhlabeni yayibaluleke kakhulu kuye kunengcebo esezulwini.—Mathewu 19:16-22.

Lesi simo asizange sishintshe. Ukuba umlandeli wangempela weNkosi yobuMesiya kusho ukubeka izithakazelo ezingokomoya ngaphambi kwakho konke okunye, kuhlanganise nezinto zomuntu siqu zasemhlabeni. Kunoma ubani onombono wokuthanda izinto ezibonakalayo, lokhu kuyinselele. Ngokwesibonelo, umbhangqwana oyizithunywa zevangeli kwelinye izwe laseMpumalanga wakhuluma nowesifazane othile ngeBhayibheli. Ucabanga ukuthi wayengathanda ukufunda okwengeziwe ngoJehova uNkulunkulu nangeNdodana yakhe, uJesu Kristu, lombhangqwana wamnikeza INqabayokulinda ne-Phaphama! Wasabela kanjani? “Ingabe labomagazini bazongisiza ukuba ngithole imali eyengeziwe?” ebuza. Lona wesifazane wayenesithakazelo esikhulu ezintweni ezibonakalayo kunasezindabeni ezingokomoya.

Wona lowo mbhangqwana wafunda iBhayibheli nensizwa ethile eyaqala ukuba khona emihlanganweni eHholo LoMbuso. Abazali bayo bathi kuyo: “Uzichithela isikhathi. Kufanele uthole umsebenzi wesibili wakusihlwa ukuze uthole imali eyengeziwe.” Yeka ukuthi kudabukisa kanjani lapho abazali bekhuthaza izingane zabo ukuba zibeke izinto ezibonakalayo kuqala kunokufunda ngeNkosi yobuMesiya! Isaga sesiShayina sithi: “Umbusi, ngengcebo yakhe yonke, ngeke akwazi ukuthenga iminyaka eyizinkulungwane eziyishumi yokuphila.”

Abaningi baye baqaphela ukuthi ukufunda ngeNkosi yobuMesiya nokuyilandela akukuvumeli ukuba uthande imali. UFakazi kaJehova owayenebhizinisi lakhe elalingenisa imali eningi, wathi: “Ukuba nemali eningi kumnandi kakhulu kodwa akudingekile. Akuyona imali eyenza umuntu ajabule.” Manje uyilungu lomkhaya waseBethel egatsheni laseYurophu le-Watch Tower Society.

‘Ukwesaba AmaJuda’

Ukwesaba abantu kwakungesinye isizathu esenza amaJuda angamamukela uJesu njengoMesiya. Ukuvuma obala ukuthi unguMesiya kwakusho ukufaka idumela lawo engozini. Kwabanye lokho kwakusho ukulahlekelwa okukhulu. Cabangela uNikodemu, ilungu lenkantolo ephakeme yamaJuda eyayibizwa ngokuthi iSanhedrini. Ehlatshwe umxhwele yizibonakaliso nezimfundiso zikaJesu, wavuma: “Rabi, siyazi ukuthi wena njengomfundisi uvelé kuNkulunkulu; ngoba akekho ongenza lezizibonakaliso ozenzayo ngaphandle kokuba uNkulunkulu enaye.” Kodwa uNikodemu waya kuJesu ebumnyameni, cishe ukuze agweme ukubonwa amanye amaJuda.—Johane 3:1, 2.

Kwabaningi abezwa uJesu ekhuluma, ukwamukelwa abantu kwakubaluleke ngaphezu kokwamukelwa uNkulunkulu. (Johane 5:44) Lapho uJesu eseJerusalema eMkhosini Wamadokodo ngo-32 C.E., “kwakunokuvungama okuningi ngaye phakathi kwezixuku.” Akekho owayekhuluma obala ngoJesu “ngenxa yokwesaba amaJuda.” (Johane 7:10-13) Ngisho nabazali bomuntu owayeyimpumputhe owelashwa uJesu babengazimisele ukuvuma ukuthi leso simangaliso sasivela kummeleli kaNkulunkulu. Nabo “babesaba amaJuda.”—Johane 9:13-23.

Namuhla, abanye bayaqaphela ukuthi uJesu manje ubusa njengeNkosi yobuMesiya ezulwini, kodwa bayesaba ukukuvuma obala lokhu. Kubo, ukonakala kwedumela labo kwabanye kusho ukulahlekelwa okukhulu kakhulu. Ngokwesibonelo, eJalimane uFakazi kaJehova waxoxa ngeBhayibheli nendoda eyavuma: “Lokho nina boFakazi enikushumayelayo ngeBhayibheli kuyiqiniso. Kodwa uma ngingaba uFakazi namuhla, kusasa wonke umuntu uyobe esazi ngakho. Bayocabangani emsebenzini, emphakathini, nasekilabhini mina nomkhaya wami esikuyo? Anginakukumela lokho.”

Yini ebangela ukwesaba abantu? Ukuqhosha, ukuthanda ukuvelela emkhayeni nakubangane, ukwesaba ukuhlekwa usulu nokululazwa, ukukhathazeka ngokuhluka eningini. Imizwa enjalo iba uvivinyo ikakhulukazi kulabo abaqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngokwesibonelo, owesifazane othile osemusha wakujabulela kakhulu ukufunda ngePharadesi eliyomiswa uMbuso wobuMesiya emhlabeni ngaphansi kokubusa kukaJesu Kristu. Kodwa wayengumthandi we-disco omkhulu, futhi ukwesaba abantu kwamvimbela ukuba akhulume nabanye ngaleli themba. Ekugcineni, wakwazi ukuba nesibindi sokukhuluma ngokukhululekile ngeBhayibheli. Abangane bakhe base-disco bamlahla, kodwa umyeni wakhe nabazali bakhe babonisa isithakazelo. Lona wesifazane nonina ekugcineni babhapathizwa, futhi umyeni wakhe noyise baqala ukutadisha iBhayibheli. Yeka umvuzo wokunqoba ukwesaba abantu!

Ingabe Uyamqaphela Ngempela UMesiya?

Lapho uJesu efa esigxotsheni sokuhlushwa, abanye babafundi bakhe babekhona. Babemqaphele njengoMesiya owayebikezelwe. Futhi kwakukhona nababusi bamaJuda, labo esingase sithi babesafuna isibonakaliso. “Makazisindise, uma lona enguye uKristu [noma uMesiya] kaNkulunkulu, Okhethiweyo.” (Luka 23:35) Ingabe babengeke bayeke ukufuna isibonakaliso? UJesu wayenze inqwaba yezimangaliso. Ngaphezu kwalokho, ukuzalwa, inkonzo, ukulingwa, ukubulawa, nokuvuswa kwakhe kwagcwalisa iziprofetho eziningi zemiBhalo YesiHeberu.—Bheka ethi “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo,” ekhishwa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., amakhasi 343-4.

Ababedlula ngendlela bamhlambalaza uJesu, ngemva kokuba benqabe ubufakazi bokuba kwakhe uMesiya. (Mathewu 27:39, 40) Ngenxa yokuthanda izinto ezibonakalayo, amasosha ahlukaniselana ngezingubo zikaJesu, enza inkatho ngengubo yakhe yangaphakathi. (Johane 19:23, 24) Ukwesaba abantu kwaba nengxenye kwezinye izimo. Ngokwesibonelo, cabangela uJosefa wase-Arimatheya, ilungu leSanhedrini. “Wayengumfundi kaJesu kodwa ozifihlile ngenxa yokwesaba kwakhe amaJuda.” Ngemva kokufa kukaMesiya, uJosefa noNikodemu banakekela isidumbu sikaJesu. Kanjalo uJosefa wakunqoba ukwesaba kwakhe abantu.—Johane 19:38-40.

Ukube wawuphila ekhulwini lokuqala, ingabe wawuyomqaphela uJesu njengoMesiya? Ukwenza kanjalo kwakuyodinga ukuba wamukele ubufakazi obungokomBhalo, ulahle ukucabanga kokuthanda izinto ezibonakalayo, futhi ungavumeli ukuba unqotshwe ukwesaba abantu. Kulezi zinsuku zokugcina, ngamunye wethu kufanele azibuze, ‘Ingabe ngiyamqaphela manje uJesu njengeNkosi yasezulwini yobuMesiya?’ Ngokushesha uzothatha izintambo ezindabeni zasemhlabeni. Lapho lokho kwenzeka, ingabe uyoba phakathi kwalabo abamqaphela ngempela uJesu Kristu njengoMesiya owayethenjisiwe?

[Izithombe ekhasini 28]

Ungalokothi ubushaye indiva ubufakazi bokuthi uJesu uyiNkosi yobuMesiya

[Isithombe ekhasini 31]

Ukufunda ngoMesiya ngokuvamile kusho ukunqoba ukwesaba lokho abanye abangase bakusho

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela