Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 11/15 k. 32
  • ‘Banesithakazelo Sokusiza Abanye’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Banesithakazelo Sokusiza Abanye’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 11/15 k. 32

‘Banesithakazelo Sokusiza Abanye’

YILOKHO okwashiwo iphoyisa elithile laseNew York City ngoFakazi BakaJehova. Lalikhuluma noKathleen, omunye wezisebenzi zokuzithandela zesikhathi esigcwele okhonza endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York.

Phakathi nekhefu lasemini, ngosuku olufudumele nolubalele lwasekwindla, uKathleen wayehlezi ebhentshini kuyi-Promenade (Indawo Yokushaywa Umoya) eseduze. Wayelalele isidlala-makhasethi esinomshini ofakwa ezindlebeni. Esikhumulweni sezindiza ezinophephel’ emhlane esingaphesheya kwe-East River, kwakwenziwa amalungiselelo okuhamba kukapapa, owayevakashele leli dolobha. Yonke indawo yayiqashiwe, futhi amaphoyisa amaningana ayehambahamba kule-Promenade. Elinye lawo lasondela kuKathleen lambuza ukuthi wayenzani. UKathleen waphendula: “Ngilalele ikhasethi lesiRashiya. Phela, ngingomunye woFakazi BakaJehova, futhi ngifuna ukufunda isiRashiya ukuze ngihlanganyele izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nabantu abakhuluma isiRashiya asebehlala kuleli dolobha.”

Leli phoyisa laphendula ngokuthi phakathi neminyaka engu-15 edlule lingunogada eNew York City laliya ngokuya libathanda oFakazi BakaJehova. Lathi: “OFakazi BakaJehova ngibabheka njengenkolo ehlelekile enamalungu anesithakazelo esiqotho sokusiza abanye emphakathini.”

OFakazi BakaJehova baziwa emhlabeni wonke ngomsebenzi abawenzayo wokushumayela endlini ngendlu. (IzEnzo 20:20) Nakuba bekhomba eMbusweni kaNkulunkulu njengowukuphela kwekhambi lezinkinga ezikhathaza isintu, babuye basize abantu ukuba bathuthukise izinga labo lokuphila ngokubakhuthaza ukuba basebenzise izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwabo kwansuku zonke. Ngokwesibonelo, oFakazi banxusa abazali ukuba benze ikhaya libe nesimo esikhuthaza ukufunda. Baluleka abantu ukuba bathembeke futhi bathobele umthetho, bebakhuthaza ukuba babe namakhono nezimfanelo eziyokwaziswa umqashi.

Yebo, oFakazi BakaJehova banesithakazelo esikhulu sokusiza abantu emphakathini ukuba bathuthukise ukuphila kwabo. Unxuswa ngokufudumele ukuba usabele esimemweni esilandelayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela