Bamba Nali Ithuba Elingqayizivele!
UPETER wayesethuthuke kakhulu ezifundweni zakhe zobudokotela lapho isigijimi seBhayibheli sensindiso sivusa isithakazelo sakhe. Lapho ethweswa iziqu futhi eba udokotela esibhedlela, abaphathi bakhe babelokhu bemkhuthaza ukuba afundele ukuba udokotela wezinzwa. Leli yithuba odokotela abaningi abasha ababeyolibamba ngaphandle kokuzindela.
Kodwa uPetera wanquma ukuliyeka leli thuba. Ngani? Ingabe wayemane entula ukuzimisela nogqozi oludingekile? Cha, ngoba uPeter wasicabangela ngokucophelela lesi simemo. Ngemva kokuba nguFakazi kaJehova ozinikezele nobhapathiziwe, wafisa ukusebenzisa isikhathi esiningi ngangokunokwenzeka ezicini ezihlukahlukene zenkonzo yobuKristu. Wacabanga ukuthi uyothi angafaneleka njengodokotela wezinzwa, umsebenzi wakhe uye udla isikhathi namandla akhe ngokwengeziwe. Ingabe kwakuwubuwula noma kwakuwukuhlakanipha ngaye ukuyeka leli thuba elingqayizivele?
Kungenzeka isinqumo sikaPeter sabonakala siwubuwula kwabathile. Nokho, wacabanga ngemibhalo yeBhayibheli enjengeyabase-Efesu 5:15, 16. Lapho, umphostoli uPawulu wanxusa amaKristu akanye nawo: “Qaphelisisani ukuthi indlela enihamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphileyo, nizithengisisela ithuba, ngoba izinsuku zimbi.”
Siza uphawule igama elithi “ithuba.” Lihunyushwe lisuselwa egameni lesiGreki elisetshenziswa eBhayibhelini ikakhulu ekubhekiseleni esikhathini noma enkathini ephawulwa izici ezithile noma efanelekela umsebenzi othile. Lapha, uPawulu wagcizelela ukuthi amaKristu kufanele enze isikhathi sezinto ezibalulekile. Empeleni, kudingeka ‘aqiniseke ngezinto ezibaluleke ngokwengeziwe.’ (Filipi 1:10) Yindaba yokuhlela izinto eziza kuqala.
Ngakho-ke, iyini injongo yaphezulu ngesikhathi sethu? Iyini intando kaNkulunkulu ngalabo abamthandayo? Ngokucacile iziprofetho zeBhayibheli zibonisa usuku lwethu ‘njengoluyisikhathi sokugcina,’ noma ‘izinsuku zokugcina.’ (Daniyeli 12:4; 2 Thimothewu 3:1) UKristu Jesu akashiyanga kungabaza ngokuthi yini eyayiyoba ebaluleke kakhulu osukwini lwethu. Washo ngokuqondile ukuthi ngaphambi kokuphela kwalesi simiso sezinto esibi, ‘lezizindaba ezinhle zombuso zaziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke.’ Kungemva kwalokho kuphela lapho kuyofika khona ukuphela.—Mathewu 24:3, 14.
Ngakho-ke, kudingeka sibambe wonke amathuba okushumayela izindaba ezinhle zoMbuso futhi senze abafundi. (Mathewu 28:19, 20) Njengoba lemisebenzi ingeke iphinde yenziwe, leli ithuba lokugcina lokunikela ngakho konke esinakho kulomsebenzi wokusindisa ukuphila. “Manje yiso isikhathi esamukeleka ngokukhethekile.” Ngempela “manje yilo usuku lwensindiso.”—2 Korinte 6:2.
Ukwenza Isinqumo Esihlakaniphile
UPeter—insizwa okukhulunywe ngayo ekuqaleni—wacabangisisa ngesinqumo sakhe futhi wahlaziya ayengakukhetha. Wayeqaphela ukuthi kwakungeke kube okungalungile ukuba afundele ukuba udokotela wezinzwa. Kodwa yini eyayibaluleke kakhulu kuye? Kwakuwumsebenzi wakhe enkonzweni yobuKristu, ecabanga ngokuphuthuma kwalomsebenzi. Ngesikhathi esifanayo, wayenezibopho okwakumelwe azifeze. Wayeshadile futhi kudingeka ondle umkakhe, owenza umsebenzi wokushumayela isikhathi esigcwele. (1 Thimothewu 5:8) Futhi kwakudingeka uPeter akhokhe izikweletu ezimayelana nokufunda kwakhe. Khona-ke, yini anquma ukuyenza?
UPeter wanquma ukuchwephesha kuyi-radiology nokupopola nge-ultrasound. Lona kwakuwumsebenzi owawuzosho ukusebenza usuku oluvamile. Futhi wayezoqeqeshwa ngesikhathi esivamile somsebenzi. Yebo, abanye bangase babheke lokhu njengesikhundla esingaphansana, kodwa sasiyomnika isikhathi esengeziwe ayezosisebenzisela ukuphishekela izinto ezingokomoya.
Ukucabangela elinye iphuzu nakho kwathonya isinqumo sikaPeter. Nakuba engabahluleli abanye ababengase banqume ngokuhlukile, wayazi ukuthi ukuhileleka ngokweqile ezindabeni zokuziphilisa kuyingozi kumKristu. Kungamenza adebeselele imithwalo yemfanelo engokomoya. Lokhu kuboniswa esinye isibonelo esasigxile endabeni yomsebenzi.
Umshumayeli othile woMbuso wesikhathi esigcwele wayengumdwebi oqeqeshiwe. Wayekwazi ukuzisekela ngokwezimali ngokuthengisa imidwebo yakhe. Kanjalo wayengazisekela kahle abe esebenzisa isikhathi sakhe esiningi enkonzweni yobuKristu ebaluleke kakhulu. Nokho, isifiso sokuqhubekisela phambili umsebenzi wakhe wokudweba saqala ukukhula. Wahileleka ngokwengeziwe ekudwebeni nasemkhakheni wobuciko, washiya inkonzo yesikhathi esigcwele, futhi ekugcineni waphola ngokuphelele ngokuphathelene nomsebenzi wokushumayela ngoMbuso. Ngokuhamba kwesikhathi, wahileleka ekuziphatheni okungqubuzana nemiBhalo, kwaphumela ekutheni angabe esaba ingxenye yebandla lobuKristu.—1 Korinte 5:11-13.
Isikhathi Sethu Sikhethekile
Njengoba sikhonza uJehova manje, ngokuqinisekile sifuna ukuhlala sikholekile kuye. Siyazi ukuthi siphila esikhathini esingavamile kakhulu emlandweni wesintu. Ukuze siqhubeke sikhonza uNkulunkulu futhi sibhekana nezimo zosuku lwanamuhla ngokuphumelelayo, kungase kudingeke senze izinguquko ezihlukahlukene. Lokhu singakuqhathanisa nesikhathi sokuvuna kumlimi. Leso isikhathi somsebenzi okhethekile, lapho izisebenzi zepulazi zilindeleke ukuba zizikhandle ngaphezu kokuvamile futhi zisebenze isikhathi eside kunesivamile. Ngani? Ngoba isivuno kumelwe siqoqwe phakathi nenkathi yesikhathi elinganiselwe.
Isimiso sezinto esibi samanje sisalelwe isikhathi esincane kakhulu. Manje kunanini ngaphambili, umKristu weqiniso kudingeka azikhandle ukuze alandele isibonelo sikaJesu futhi ahambe ezinyathelweni zakhe. Inkambo yakhe yokuphila emhlabeni yakubonisa ngokucacile ukuthi yini eyayibaluleke kakhulu kuye. Wathi: “Kumelwe sisebenze imisebenzi yalowo ongithumile kusesemini; buyeza ubusuku lapho kungekho muntu ongasebenza khona.” (Johane 9:4) Ngokuthi buyeza ubusuku, uJesu wayebhekisela esikhathini sokuqulwa kwecala lakhe, ukubethelwa, nokufa kwakhe, lapho inkonzo yakhe yasemhlabeni yayiyophela futhi angakwazi ukwenza imisebenzi kaYise wasezulwini.
Yiqiniso, phakathi nenkonzo yakhe yeminyaka emithathu nengxenye, uJesu wasebenzisa esinye sesikhathi sakhe enza izimangaliso futhi ephulukisa abagulayo. Nokho, wasebenzisa isikhathi sakhe esiningi eshumayela isigijimi soMbuso futhi ‘eshumayela ukukhululwa ezithunjweni’ zenkolo yamanga. (Luka 4:18; Mathewu 4:17) UJesu wenza umzamo oqotho enkonzweni yakhe futhi wazinika isikhathi sokuqeqesha abafundi bakhe ukuze bakwazi ukwakhela esisekelweni ayebabekele sona futhi baqhubeke ngokuphumelelayo nomsebenzi wokushumayela. UJesu wabamba wonke amathuba okuthuthukisa izithakazelo zoMbuso futhi wayefuna ukuba abafundi bakhe benze okufanayo.—Mathewu 5:14-16; Johane 8:12.
NjengoJesu, thina esingabalandeli bakhe bosuku lwanamuhla kudingeka sibheke isimo sesintu ngendlela uJehova uNkulunkulu asibheka ngayo. Lesi simiso sezinto siphelelwa isikhathi, futhi ngesihe uNkulunkulu ufuna bonke abantu babe nethuba lokuthola insindiso. (2 Petru 3:9) Ngakho-ke, bekungeke yini kube ukuhlakanipha ukubeka yonke eminye iminako ngemuva kokwenza intando kaJehova? (Mathewu 6:25-33) Ikakhulukazi esikhathini esikhetheke njengalesi, okuthile ngokuvamile obekungase kubhekwe njengokubalulekile kungase kungabaluleki kangako ekuphileni kwethu njengamaKristu.
Ingabe ukhona kithi oyoke azisole ngokubeka intando kaNkulunkulu kuqala ekuphileni kwakhe? Cha nakancane, ngoba inkambo yobuKristu yokuzidela ivuza ngendlela emangalisayo. Ngokwesibonelo, uJesu watshela abafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini, Akekho oshiyé indlu noma abafowabo noma odadewabo noma unina noma uyise noma abantwana noma amasimu ngenxa yami nangenxa yezindaba ezinhle ongeke athole ngokuphindwe kayikhulu manje kulenkathi yesikhathi, izindlu nabafowabo nodadewabo nonina nabantwana namasimu, kanye nokushushiswa, futhi esimisweni sezinto esizayo ukuphila okumi phakade.”—Marku 10:29, 30.
Akekho ongayilinganisa nemali imivuzo ejatshulelwa yilabo abasebenzisa isikhathi sabo ekudumiseni uJehova nasekumemezeleni isigijimi soMbuso. Bajabulela izibusiso eziningi kakhulu! Zihlanganisa abangane beqiniso, ukwaneliseka ngenxa yokwenza intando yaphezulu, ukwamukelwa nguNkulunkulu, nethemba lokuphila okungapheli. (IsAmbulo 21:3, 4) Futhi yeka isibusiso okuyiso ukusiza abantu ngokomoya nokuletha udumo egameni likaJehova elingcwele njengoFakazi bakhe! Ngaphandle kokungabaza, ‘ukuthengisisa ithuba’ kuyinkambo ehlakaniphile nevuzayo ngempela. Manje kunanini ngaphambili yisikhathi sokuhlanganyela ekumemezeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ingabe uzolibamba futhi ungalidedeli leli thuba eliyingqayizivele?
[Umbhalo waphansi]
a Igama okungelona.