Ilungelo Lokuvuma Ngemva Kokwaziswa Liyaqinisekiswa
ISINQUMO samuva nje esikhishwe uMahluleli we-Preliminary Investigations of the Court of Messina, e-Italy, siye saqinisekisa ukuthi indlela isiguli esingumuntu omdala esifisa ukwelashwa ngayo iyababopha odokotela. Lesi sinqumo sakhishwa ecaleni elalihilela omunye woFakazi BakaJehova.
Ngo-January 1994, u-Antonino Stellario Lentini, uFakazi oneminyaka engu-64 onesifo sokopha, waphuthunyiswa esibhedlela saseTaormina, eMessina. Umka-Antonino, uCatena, watshela izisebenzi zasesibhedlela ukuthi njengoba bengoFakazi BakaJehova yena nomyeni wakhe abanakuvuma ukwelashwa ngokumpontshelwa igazi. (IzEnzo 15:20, 28, 29) Izifiso zabo zahlonishwa.
Nokho, phakathi nohambo lokumthuthela kwesinye isikhungo sokwelapha, u-Antonino wavaleka umoya futhi wafika esesimweni esibucayi. Ngemva nje kwalokho, washona. UCatena wakhungatheka, kodwa wathola induduzo enkulu esithembisweni seBhayibheli sovuko. (IzEnzo 24:15) Ngemva kwalokho, wamangala kakhulu lapho izimantshi—mhlawumbe zidukiswe izindaba ezingelona iqiniso ezazisakazwa abezindaba—zimbeka icala lokubangela ukufa komyeni wakhe ngenxa yokumenqabela ukuba ahlinzwe odokotela ababekubona kudingekile.
Ngemva kwesikhathi esingaphezu konyaka, ngo-July 11, 1995, uCatena wakhululwa ecaleni, njengoba ayengenzanga lutho olubi. Eqinisweni, ubufakazi bochwepheshe baveza ukuthi lapho kucatshangelwa isimo sesiguli, ukungenela kodokotela abahlinzayo kwakungenakusiza ngalutho.
Kodwa amazwi kamahluleli aveza indaba eyinhloko. Wathi kunzima ukwamukela umqondo wokuthi izisebenzi zezokwelapha kumelwe zingenele lapho ukwelashwa kwenqatshwa isiguli noma abantu abasimelelayo. Wanezela ngokuthi umthetho wokuziphatha wezokwelapha e-Italy “ubona kuzoba nesidingo sokuthola imvume yomuntu ohilelekile ngemva kokuba azisiwe ngenqubo ngaphambi kwanoma ikuphi ukungenela.” Ngakho, wathi uCatena “wayekuvimbele ngokusemthethweni ukuba umyeni wakhe enziwe ukuhlinzwa okunjalo.”
Lesi sinqumo siqinisekisa ilungelo lomuntu omdala lokwenqaba ukwelapha okungqubuzana nezifiso zakhe.