Umkhankaso Owaba Impumelelo We-Kingdom News
“KUNGANI Ukuphila Kugcwele Izinkinga Kangaka?—Ingabe Ipharadesi Elingenazinkathazo Lingaba Khona?” Lesi kwakuyisihloko se-Kingdom News No. 34, ipheshana elinamakhasi amane elasakazwa emhlabeni wonke ngezilimi ezingu-139 phakathi nenyanga ka-April no-May ngonyaka odlule. Omunye uFakazi waseJamaica wachaza lomkhankaso wenkonzo ngokuthi “esinye sezici ezivelele zonyaka.” OFakazi baseBelgium bawubiza ngokuthi “umthombo wenjabulo omkhulu kubazalwane.” ECzech Republic kwakungokokuqala ngqá ukuba oFakazi BakaJehova babe nethuba lokuhlanganyela ekusakazeni i-Kingdom News. Igatsha liyabika: “Lomkhankaso ulethe umoya wentshiseko nomdlandla.” Kwazwakala imizwa efanayo kwamanye amazwe amaningi.
I-Kingdom News No. 34 yayinesigijimi esikhethekile kulabo ababubula bekhala ngenxa yezinengiso ezenziwa egameni lenkolo. (Hezekeli 9:4) Yayiduduza kulabo abanokuphila okunezinkathazo ngenxa ‘yezikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo’ abangenakuzilawula. (2 Thimothewu 3:1) Likhomba eBhayibhelini, leli pheshana labonisa ukuthi izinkinga zokuphila zizoxazululwa ngokushesha. Ipharadesi elingenazinkathazo liqinisekile. (Luka 23:43) Abaningi abafunda i-Kingdom News bashukunyiswa yisigijimi sayo. Umlisa othile waseTogo wathi kuFakazi: “Lokhu enikushilo akunakuphikiswa.”
Ngokungenakuphikwa, ukusakazwa kwale-Kingdom News kwakhanga ngendlela engavamile. EDenmark umninikhaya waphendula uFakazi owayehambisa leli pheshana: “Ngiyafika nje ngivela e-United States. Ngaphambi nje kokuba ngisuke, othile unginikeze leli pheshana lakho. Manje ngisanda kufika nje lapha, futhi ngokushesha nginikezwa ipheshana elifanayo ngesiDanish!”
Ukusekelwa Komkhankaso Ngentshiseko
OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bahlanganyela ngentshiseko emsebenzini wokusakaza leli pheshana. I-Austria, i-El Salvador, iHaiti, iHungary, i-Italy, i-New Caledonia, lawa kwakumane kungamanye amazwe kwamaningi abika amanani abamemezeli aphakeme kunawo wonke phakathi nezinyanga okwakusakazwa ngazo i-Kingdom News.
EZambia umbonisi wesifunda uye waqeqesha indodakazi yakhe eneminyaka emithathu, uDeborah, ukuba ihambise izincwadi endlini ngendlu. Phakathi nomkhankaso we-Kingdom News No. 34, uDeborah wahambisa amapheshana angaphezu kuka-45. Unina waqala izifundo zeBhayibheli nabanye ababemukele i-Kingdom News kuDeborah.
ENingizimu Afrika omusha oweve eshumini nambili wahambisa leli pheshana kwafunda naye okuthiwa nguCashia. UCashia walifunda leli pheshana wabe esethi: “Lokhu kumangalisa ngempela—ukuphila phakade emhlabeni oyipharadesi! Kungani ngingatshelwanga ngakho ngaphambili?” Kwaqalwa isifundo seBhayibheli. Ngemva kwesonto uCashia wathola elinye ipheshana. Leli lesibili lalivela kumngane wakhe abhalelana naye ongumRoma Katolika, ohlala eCyprus. Lomngane wachazela uCashia ukuthi kungani izimfundiso zeSonto LamaRoma Katolika ziyiphutha futhi wamtshela ukuthi wayezimisele ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Yebo, lokho kwamqinisa idolo kakhulu uCashia ekuzimiseleni kwakhe ukuqhubeka nesifundo sakhe.
Umfana oneminyaka eyishumi waseSwitzerland wahlanganyela nonina ekusakazeni leli pheshana. Walinikeza owesifazane othile osemusha wabe esemkhuthaza ukuba alifunde ngokucophelela. Lona wesifazane osemusha wabuza lomfana ukuthi wayekukholelwa ngempela yini okusemfanekisweni esembozweni salo—ukuphila okungapheli emhlabeni. Yathini impendulo yalomfana? “Oh, yebo, ngiqiniseka kakhulu.” Lona wesifazane wabe eseveza ukuthi wayefuna inkolo yeqiniso ngoba kwakunezinto eziningi eziphikisanayo enkolweni yakhe. Lapho kwenziwa impindelo, kwaqalwa isifundo seBhayibheli.
Ukusabela Okusheshayo
Ngezinye izikhathi i-Kingdom News yayibangela ukusabela okusheshayo kulabo ababeyifunda. Ngemva kokufunda leli pheshana, intombazane yaseBelgium eneminyaka engu-11 ubudala yavuma komunye woFakazi BakaJehova ukuthi yayeba ezitolo. Unina walentombazane wafuna ukuyinyathelela phansi lendaba, kodwa unembeza walentombazanyana washukunyiswa yilokho eyayikufundile, futhi yaphikelela ngokufuna ukuyobona imenenja yesikhungo sezitolo. Ekugcineni unina wavuma ukudedela indodakazi yakhe ukuba iphindele kuleso sikhungo sezitolo noFakazi. Imenenja yamangala ngokuvuma kwayo isono sayo. Lapho izwa ukuthi yayishukunyiswe i-Kingdom News ukuba yenze ngalendlela, yazithathela ikhophi ukuze ibone ukuthi yini eyayiyiqukethe enamandla kangaka. Lentombazane manje iqhutshelwa isifundo seBhayibheli esithuthukayo.
UFakazi othile waseCameroon washiyela umlisa othile ikhophi ye-Kingdom News futhi uyalandisa: “Lapho sibuya, sathola ukuthi wayeselidwebele futhi enemibuzo eminingana. Ngemva kokuthola izimpendulo ezanelisayo, wathi: ‘Kuyiqiniso ngempela ukuthi inkolo iye yaba nengxenye osizini lwesintu. Ipheshana lenu liye langisiza ukuba ngiqonde okuningi, kodwa ngingathanda ukwazi okwengeziwe.’” Manje uqhutshelwa isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke.
UFakazi owayehambela indlu ngendlu e-Uruguay wahambisela umlisa othile leli pheshana. LoFakazi waqhubeka nomsebenzi wakhe eshumayela endlini ngendlu futhi wasebenza kulowo layini wezindlu waze wafika emnyango ongemuva womuzi walomlisa. Kwammangaza ukuthola lomlisa emlindile, ephethe leli pheshana. Wayeselifundile futhi esefuna ukwaziswa okwengeziwe. Zisuka nje kwaqalwa isifundo.
Umphakathi Uyalekelela Ekusakazeni
EJapane uFakazi osemusha waya endodeni ethile eseminyakeni yawo-50 futhi wethula leli pheshana kuyo. Lendoda yabuza: “Wenzenjani ngalelo pheshana lapho uhlangana nabantu abangaboni?” LoFakazi wavuma ukuthi wayengazi ukuthi angenzenjani. Lendoda yamtshela ukuthi akalinde kancane yayisiphindela endlini yayo. Yabuya nekhophi ye-Kingdom News yase ithi: “Sengilitholile kakade lelo pheshana. Ngibone ukuthi liqukethe ukwaziswa okuthakazelisayo nokubaluleke kakhulu, ngakho ngiliguqulele kuyiBraille. Ngicela usebenzise lokhu kubantu abayizimpumputhe.” Lendoda yayisebenzise amahora amaningi iguqulela i-Kingdom News kuyiBraille ukuze abayizimpumputhe bangaphuthelwa yilokho ekuqukethe.
ESlovakia umlisa othile walithanda kakhulu leli pheshana kangangokuba wenza amakhophi angu-20 alo, wayesewasakaza ngokwakhe lamakhophi anombala omnyama nomhlophe. Omunye ummemezeli eSwitzerland washiyela umkhaya othile i-Kingdom News wabe eseqhubeka esebenza ezitezi ezingenhla zesakhiwo lomkhaya ohlala kuso. Lapho esehla, wahlangatshezwa umfana omncane wakulomkhaya, owacela amapheshana angu-19 engeziwe. Esikoleni lomfana afunda kuso, abafundi babenikezwe umsebenzi wokubhala ngezinkinga nokufuna amakhambi. Wayefuna i-Kingdom News ukuze anikeze ngamunye wabafundi akanye nabo ekilasini.
Akushiywanga Muntu
Labo ababehlanganyela kulomkhankaso bazama kanzima ukuqiniseka ukuthi akushiywanga muntu. ENew Caledonia oFakazi ababili babeya ensimini yesizwana esithile esikude beyosakaza i-Kingdom News. Endleleni, babona indlela eyayibonakala sengathi ayisetshenziswa, kodwa noma kunjalo banquma ukuyobona ukuthi bakhona yini abahlala lapho iphelela khona. Beshiya imoto, bahamba kulendlela, bewela imifudlana baze bathola umuzi othile ekugcineni. Kulomuzi kwakuhlala umbhangqwana owawungakaze uzwe ngoFakazi BakaJehova, futhi wamukela ikhophi ye-Kingdom News. Kamuva abamemezeli benza impindelo futhi bamangala ukuthola ukuthi lombhangqwana wawusulungise umgwaqo namabhuloho amancane amaningana ukuze oFakazi bakwazi ukuhamba ngemoto baze bafike emzini wawo. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke.
EPoland uFakazi othile kwakudingeka ahambe adlule indawo okwakwakhiwa kuyo ukuze ahambisele umninikhaya othile ikhophi ye-Kingdom News. Izisebenzi zambuka njengoba ayehamba ephindela emuva edlula lendawo. Ekugcineni, esinye sezisebenzi sammemeza, simcela ukuba angabakhohlwa. Lapho eya kuzo, zama futhi zalalela ngokucophelela lapho ekhulumela leli pheshana. Zamukela amakhophi e-Kingdom News kanye nomagazini futhi kamuva, lapho esenza impindelo, izincwadi.
Amakhulu ezigidi e-Kingdom News No. 34 asakazwa ngezilimi eziningi. Isigijimi sayo kakade sesibe nethonya elinamandla. Abaningi baye bafunda ukuthi ipharadesi elingenazinkathazo lingaba khona. Sithandazela ukuba abanezinhliziyo ezilungile baqhubeke besabela futhi ekugcineni babe phakathi ‘kwabathobekileyo abayodla ifa lomhlaba’ futhi “bathokoze ngokuthula okukhulu.”—IHubo 37:11.
[Ibhokisi ekhasini 31]
Qhubeka Uhambisa Omagazini!
Ngo-April nango-May 1995 kwakunomkhankaso owaba impumelelo enkulu wokusakaza i-Kingdom News No. 34. Phakathi nalezo zinyanga ezimbili, kwahanjiswa namanani aphawulekayo omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngokwesibonelo, umzalwane othile waseCzech Republic ubika ukuthi ngo-April wahambisa amakhophi angu-250 e-Kingdom News nomagazini abangu-750. EGuadeloupe, uMgqibelo wango-April 15, wakhethwa njengosuku olukhethekile lukamagazini. Cishe bonke abamemezeli kulelizwe bahlanganyela enkonzweni ngalolo suku! ESlovakia kwaba nenani elisha eliphakeme lomagazini abahanjiswa ngo-April. Imibiko efanayo yatholakala ivela kwamanye amazwe amaningi.
Ngakho kungani ungenzi u-April no-May 1996 izinyanga ezivelele zokuhambisa umagazini? Amabandla angahlela izinsuku ezikhethekile zikamagazini. Abamemezeli ngabanye bangahlanganyela enkonzweni yamaphayona asizayo. Ngalezi zindlela nezinye, kungakhuthazwa ukuhanjiswa kukamagazini, futhi isigijimi esibalulekile esimenyezelwa kuyi-Kingdom News No. 34 siyoqhubeka sisakazwa. Khona-ke, njengoba kwenzekile ngonyaka odlule, ngokuqinisekile uJehova uyowubusisa umoya wentshiseko esiwubonisayo.—2 Thimothewu 4:22.