Ukukhanya Kwenu Makukhanye!
EKUGCINENI isikhathi sokuba indoda eyase ikhulile ibone uMesiya othenjisiwe sase sifikile! Ngokwambulelwa ngokwaphezulu uSimeyoni wayazi ukuthi “wayengeke akubone ukufa ngaphambi kokuba abone uKristu kaJehova.” (Luka 2:26) Yeka ukuthi kwakujabulisa kanjani lapho uSimeyoni engena ethempelini futhi uMariya noJosefa bemnikeza umntwana! Wadumisa uNkulunkulu, ethi: “Manje, Nkosi EnguMbusi, uyasiyeka isigqila sakho ukuba sihambe sikhululekile ngokuthula . . . ngoba amehlo ami ayibonile indlela yakho yokusindisa . . . ukukhanya kokususa umgubuzelo ezizweni nenkazimulo yabantu bakho u-Israyeli.”—Luka 2:27-32; qhathanisa no-Isaya 42:1-6.
UJesu, kusukela ekubhapathizweni kwakhe eneminyaka engu-30 kuze kube sekufeni kwakhe, wazibonakalisa ‘ewukukhanya’ ezweni. Ngaziphi izindlela? Wakhipha ukukhanya okungokomoya ngokushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu nezinjongo zaKhe. Wadalula nezimfundiso zamanga ezingokwenkolo futhi wayibonisa ngokucacile imisebenzi engeyobumnyama. (Mathewu 15:3-9; Galathiya 5:19-21) Ngakho-ke, uJesu wayengasho ngokufanele ukuthi: “Mina ngiwukukhanya kwezwe.”—Johane 8:12.
UJesu wafa ngonyaka ka-33 C.E. Ingabe ukukhanya kwabe sekucisha? Lutho neze! Ngenkathi esesemhlabeni, uJesu watshela abafundi bakhe: “Ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu.” (Mathewu 5:16) Ngakho, ngemva kokufa kukaJesu abalandeli bakhe bagcina ukukhanya kukhanya.
Elingisa uJesu, amaKristu namuhla abonisa ukukhanya kukaJehova ngokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela. ‘Aqhubeka ehamba njengabantwana bokukhanya,’ ezibonakalisa eyizibonelo ezikhanyayo zokuphila kobuKristu.—Efesu 5:8.